Ilanga

UMNYANGO UKHUZA UDLAME EZIKOLENI

- MTHOBISI SITHOLE Bheka ekhasini 13 mthobisis@ilanganews.co.za

UMNYANGO wezeMfundo KwaZuluNat­al usunxuse umphakathi ukuba ubambe iqhaza ukulwa nodlame lwabafundi ezikoleni olubeka engcupheni othisha.

UMnu Muzi Mahlambi, okhulumela lo mnyango, uthi abazali mabangayek­eleli konke kothisha kwazise izingane ziphuma emakhaya nezikhali, okwenza izikole zingabi yindawo ephephile.

Uphawula kanjena nje, kuputshuke i- video yomfundi wesifazane wakwesinye isikole ogwaze uzakwabo ekilasini kubuka bonke abafundi kade belwa, kanti kwesinye kubonakale i- video abafundi belwa endaweni yokufundel­a.

Kulezi zikole ezisemathe­ni kulezi zinsuku, kubalwa iJohn Dube High naseKhandl­eleni High.

UMnu Mahlambi uthi umnyango uyakholwa wukuthi abaholi bomdabu bangenza umehluko ukuze kulungisek­e isimo esingesihl­e ezikoleni.

“Siyayikhuz­a le nto ngoba nezimpi zezigodi ziqala ngakho ukusuka komfundi alimaze omunye, bese abangakubo beyovimba abanye abantwana. Kuwumseben­zi wabazali ukuxoxa nezingane inqandeke le nto esiyibona ilokhu yanda ezikoleni,” kusho uMnu Mahlambi.

Uthi zikhona izinyathel­o umnyango ozithathel­a bonke abatholaka­la odlameni olwenzeka emagcekeni esikole nakuba engeke akhulume ngazo okwamanje.

Uveze nokuthi isikole kumele kube yindawo ephephile, eqeqesha abantwana ukuba baphumele emphakathi­ni beyisibone­lo.

“Siyazi ukuthi bakhona othisha abayaye bathinteke ezigamekwe­ni ezingezinh­le, kodwa okwenziwa ngabantwan­a sengathi sekwedlule­le. Amakhansel­a nawo angawenza umehluko, empeleni sinxusa bonke abantu abangabaho­li emphakathi­ni ukuba babambisan­e nathi emnyangwen­i ukuze kwakhiwe isizwe,” kusho uMnu Mahlambi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa