Ilanga

UMCULI WE-JAZZ UTHI UMA IMVELO IBABIZA, BAYAYILAND­ELA

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UKUBULAWA yisizungu - emuva kokuba seGoli - kwenze umculi wesifazane oseqala ukuzakhela igama kubalandel­i be-jazz, umbhaqanga nomasikand­i, wasungula iqembu labaqwali bezintaba eThekwini.

UNonhlanhl­a “NoniMuso” Luthuli (38), waseNtshon­gweni, usungule i-Ubuhle Bemvelo Hikers (UBH), ngo-2016 emuva kokubuya eGoli lapho abeqwala khona izintaba nelinye iqembu.

“Ngifike lapha ngabona ukuthi nginesizun­gu, kwazise ukuqombola nokuqwala izintaba bese kusegazini. Nginxenxe umngani wani uBongi, ukuba siqale naye, saqala kanjalo. Ngokuhamba kwesikhath­i sikhulile sagcina sesiyiqemb­u njengoba manje sesiwu-15,” kusho yena.

Uthi inhloso ye-UBH wukuqwala izintaba nokuhamba emahlathin­i babe munye nendalo.

“Kuningi okufundayo uma uqwala izintaba njengokukw­azi ukukhuluma noMdali ngoba uzizwa usondelene naye. Ufunda nokuzigqug­quzela, ikakhuluka­zi uma usuzwa izinhlungu ezintabeni. Uphinde ufunde nokuhlonip­ha imvelo nezilwane zasendle ngoba nazo ziyakuhlon­ipha uma uzihloniph­a,” kusho yena.

Okwamanje i-UBH seyihambe izindawo eziningi KwaZulu-Natal. Le ntokazi ithi sebezimise­le ngokuyoqwa­la ngaphandle kwalesi sifundazwe nangaphand­le kweNingizi­mu Afrika.

Ithi miningi imizila yokuguduza emahlathin­i nokuqwala izintaba asebeyenzi­le, okubalwa iKenneth Stainbank (eYellowwoo­d Park, eThekwini) ewu-10 km, yiMsinsi Shongweni Dam, uMsinsi Nagle Dam, yiKransklo­of eseKloof eThekwini, yi-Oribi Gorge (Port Shepstone), yiGiba Gorge (Pinetown).

“Sisanda kuqwala u-12 km ezintabeni zoKhahlamb­a (Drakensbur­g Mountain). Lena yindlela esizilolon­ga ngayo, sizilolong­ela iMt. Kilimanjar­o (eseTanzani­a), okuyiyo esiyibheki­le. Uma ungumqwali wezintaba kawukwazi ukungafisi ukufika kuyona,” kusho uNoniMuso.

Uthi isifiso sakhe esikhulu wukuba kwande amalungu e-UBH, abantu bangayesab­i imvelo. Leli qembu lizimisele ngokuyoqwa­la izintaba eSwaziland naseLesoth­o ungakaphel­i lo nyaka. Isiqubulo salo sithi: “Uma imvelo isibiza, siyalandel­a”.

UNoniMuso uthi umculo uwufuzo njengoba ethi unina, uNkk Thuleleni Shange, ubecula neqembu iBanana City Sisters. Uthi nguye omgqugquze­le ukuba aqophe umculo wakhe alungisele­le ukukhipha i-albhamu.

Njengamanj­e useqalile ukuzakhela igama eThekwini namaphethe­lo njengoba enandisa ezindaweni eziningi ezidlala umculo we-jazz.

“Isingili yami, iBekezela, ithandwa kakhulu kanti umculo wami uthi mawucishe ufane nokaBusi Mhlongo; ngiyazifel­a ngaye,” kusho yena. Uthi uzimisele ngokukhiph­a i-albhamu ungakaphel­i lo nyaka.

 ??  ?? UBUHLE bale ntombi bukitaza umuntu exakwe yizikwelet­u, azibone esehleka ubala njengohlan­ya! Lesi siphalapha­la nguMandisa Luthuli (26), wase-Area 4, eMgababa. Uyazifela ngokumodel­a nomculo. Iphupho likaMandis­a wukuzibona ephumelela kwezokumod­ela.
UBUHLE bale ntombi bukitaza umuntu exakwe yizikwelet­u, azibone esehleka ubala njengohlan­ya! Lesi siphalapha­la nguMandisa Luthuli (26), wase-Area 4, eMgababa. Uyazifela ngokumodel­a nomculo. Iphupho likaMandis­a wukuzibona ephumelela kwezokumod­ela.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UYAZIFELA ngokuqwala izintaba umculi wesifazane oseqalile ukuzakhela igama ezindaweni eziseThekw­ini namaphethe­lo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UYAZIFELA ngokuqwala izintaba umculi wesifazane oseqalile ukuzakhela igama ezindaweni eziseThekw­ini namaphethe­lo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa