WAHLANGANISA IZINTO EZINGAHLANGANI NJE, NDODA
MHLELI: Ngithi ake ngiphawule ngalo mbono engiwufunde ephepheni langomhla ka-11-13 kuNhlangulana (June), osihloko sithi: “Le nsizwa iyakhohlwa ukuthi zolo lokhu besiyithandazisa” obhalwe ngumfundi ozibiza ngoDumile Khubone. Kayizwakali le nto ayibekayo futhi kayikho nje.
Yiliphi “ithambo lenye indoda” kule nto ayishoyo? Iyona yiphi futhi “impi” lapha? Iyiphi “insizwa egwazwa isilele phansi lapha seyithi ilinde ukuvuka ukuze kubhekwane ngeziqu kuhlohlolozwane, kududulwane kube ngongaphansi nongaphezulu”? Igwazwa ngubani?
Uhlanganisa izinto ezingahlangani nhlobo wendoda! Uyihlanganisa kanjani indaba yasenkundleni yebhola nendaba yezintombi, okuyindaba yezesheli nezithandani?
Kuhlanganaphi lokhu kukaBrilliant Khuzwayo obekulesi simo sokungalitholi ijezi eligqokwa ngu-Itumeleng Khune nendaba yokuqonywa ngobeyi- ntombi kaMampintsha, (uBongekile “Babes Wodumo” Simelane)? Uma umuntu edatshukelwa ukungalitholi ijezi, ngabe lokho sekuchaza ukuthi kumele impilo yakhe yehluke kwejwayelekile futhi okuyimpilo yangaphandle kwenkundla?
Ingena kanjani indaba kaBabes Wodumo kule ndaba kaBrighton Mhlongo (Brilliant Khuzwayo) nokudliwa yibhentshi? Wena futhi uyasho ukuthi ikhishwa esokeni, ufuna ubunyoninco obunjani? Noma mhlawumbe kwabona ubunyoninco kawubazi ukuthi buyini?
Ikhishwe yini-ke esokeni le ntombi oyishoyo? Ibekwe isibhamu ekhanda yini, yaphoqwa ukuba iphume? Uma insizwa iguqile - njengokusho kwakho - engithatha ngokuthi kule ndaba yakho usho insizwa esuke yaliwe - ingabe kumele yaliwe bese kulindwa ukuba iqale inikwe ithuba lokuba izincengele entombini kuze kubonakale ukuthi iyaphumelela yini kulo- kho, uma yehluleka wukuyigoba intombi, uma iyehlula-ke seyishelwa abanye? Hhawu, hhayi-bo, wakhulumisa okwenkunzimalanga yesishimane, isigwadi soqobo!
Indlela okhuluma ngayo ithi mayisolise ukuthi ungumlandeli weKaizer Chiefs FC osekhathazwe wukuhamba kukaBrighton Mhlongo (Brilliant Khuzwayo) kwiKaizer Chiefs FC wajoyina i-Orlando Pirates FC.
Uma kungenjalo, kusho ukuthi ungumngani kaMampintsha noma mhlawumbe usondelene naye. Mhlawumbe-ke futhi yikhona kokubili lokhu esengikushilo.
Kungenzeka ukuthi kukhona okwaziyo obekwenzeka esithe, thina esingakwazi lapha ngaphandle. Uma kunjalo, kakudingi ukuba sibone ngoba usuqhubeka nento esingayazi, ebiyenzeka emahontshi.