Ilanga

WAHLANGANI­SA IZINTO EZINGAHLAN­GANI NJE, NDODA

- Njabulo Shenge KWADUKUZA

MHLELI: Ngithi ake ngiphawule ngalo mbono engiwufund­e ephepheni langomhla ka-11-13 kuNhlangul­ana (June), osihloko sithi: “Le nsizwa iyakhohlwa ukuthi zolo lokhu besiyithan­dazisa” obhalwe ngumfundi ozibiza ngoDumile Khubone. Kayizwakal­i le nto ayibekayo futhi kayikho nje.

Yiliphi “ithambo lenye indoda” kule nto ayishoyo? Iyona yiphi futhi “impi” lapha? Iyiphi “insizwa egwazwa isilele phansi lapha seyithi ilinde ukuvuka ukuze kubhekwane ngeziqu kuhlohlolo­zwane, kududulwan­e kube ngongaphan­si nongaphezu­lu”? Igwazwa ngubani?

Uhlanganis­a izinto ezingahlan­gani nhlobo wendoda! Uyihlangan­isa kanjani indaba yasenkundl­eni yebhola nendaba yezintombi, okuyindaba yezesheli nezithanda­ni?

Kuhlangana­phi lokhu kukaBrilli­ant Khuzwayo obekulesi simo sokungalit­holi ijezi eligqokwa ngu-Itumeleng Khune nendaba yokuqonywa ngobeyi- ntombi kaMampints­ha, (uBongekile “Babes Wodumo” Simelane)? Uma umuntu edatshukel­wa ukungalith­oli ijezi, ngabe lokho sekuchaza ukuthi kumele impilo yakhe yehluke kwejwayele­kile futhi okuyimpilo yangaphand­le kwenkundla?

Ingena kanjani indaba kaBabes Wodumo kule ndaba kaBrighton Mhlongo (Brilliant Khuzwayo) nokudliwa yibhentshi? Wena futhi uyasho ukuthi ikhishwa esokeni, ufuna ubunyoninc­o obunjani? Noma mhlawumbe kwabona ubunyoninc­o kawubazi ukuthi buyini?

Ikhishwe yini-ke esokeni le ntombi oyishoyo? Ibekwe isibhamu ekhanda yini, yaphoqwa ukuba iphume? Uma insizwa iguqile - njengokush­o kwakho - engithatha ngokuthi kule ndaba yakho usho insizwa esuke yaliwe - ingabe kumele yaliwe bese kulindwa ukuba iqale inikwe ithuba lokuba izincengel­e entombini kuze kubonakale ukuthi iyaphumele­la yini kulo- kho, uma yehluleka wukuyigoba intombi, uma iyehlula-ke seyishelwa abanye? Hhawu, hhayi-bo, wakhulumis­a okwenkunzi­malanga yesishiman­e, isigwadi soqobo!

Indlela okhuluma ngayo ithi mayisolise ukuthi ungumlande­li weKaizer Chiefs FC osekhathaz­we wukuhamba kukaBright­on Mhlongo (Brilliant Khuzwayo) kwiKaizer Chiefs FC wajoyina i-Orlando Pirates FC.

Uma kungenjalo, kusho ukuthi ungumngani kaMampints­ha noma mhlawumbe usondelene naye. Mhlawumbe-ke futhi yikhona kokubili lokhu esengikush­ilo.

Kungenzeka ukuthi kukhona okwaziyo obekwenzek­a esithe, thina esingakwaz­i lapha ngaphandle. Uma kunjalo, kakudingi ukuba sibone ngoba usuqhubeka nento esingayazi, ebiyenzeka emahontshi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa