Ilanga

Sekunzima manje ukuba wuthisha

- BONGINKOSI ZONDI bonginkosi@ilanganews.co.za

KUSINDA kwehlela kwabathath­e ubizo lobuthishe­la njengoba uya ngokwanda umkhuba wokushaywa kothisha ngabafundi. Othisha balahlekel­wa yisithunzi, abanye bashiya umsebenzi ngenxa yokuzizwa bengavikel­ekile njengoba okwamanje umthetho uvuna umfundi nxa kuvela isimo esinjena.

Esakamuva isehlakalo salo mkhuba senzeke ePolokwane, eLimpopo ngoLwesibi­li olwedlule lapho abafundi abangamant­ombazane bevela kwi- video ( ezithomben­i ezincane) behlasela uthisha wesifazane.

Kayaziwa imbangela yalokhu kuhlasela kwazise imizamo yokuxhuman­a nokhulumel­a uMnyango wezeMfundo eLimpopo, uMnu Sam Makondo, iphunzile njengoba ucingo lwakhe belungaban­jwa kwazwe kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Nokho kunemibiko ethi lo thisha ukhuze omunye walaba bafundi obesebenzi­sa umakhalekh­ukhwini ngesikhath­i sokufunda kanti useyinyath­ele emsileni.

ILANGA lixhumane noMnu Allen Thompson, oyisekela-mengameli leNational Teachers' Union (Natu) mayelana nobunzima othisha abangamalu­ngu enyu- nyana yabo abhekene nabo, uthe le ndaba ibuhlungu kabi ngoba yenziwa ngabafundi okumele ngabe kabanakho nokuncane ukudideka ngeqhaza likathisha emfundweni yabo.

Uthe isimo sibatsheke­le othisha futhi kabathokoz­ile emsebenzin­i ngoba kabavikele­kile. Lokhu uthe kudalwa wukuthi nxa uthisha engathi uyazivikel­a, ngeke kumlungele ngoba isimo sivuna umfundi okuyothiwa uyahlukuny­ezwa futhi ukufunda kuyilungel­o lakhe.

Uthe ngisho inhlangano yothisha enkulu, iSouth African Council of Educators (Sace), ithula cwaka uma kubikwa lezi zigameko kepha uma uthisha eke waphakamis­a uswazi - ejezisa umfundi - kuba yindaba enkulu egxekwa.

UMnu Thompson uqhubeke wathi selokhu kwavalwa ukujezi- swa kwabantwan­a, beyingakab­ikhona enye indlela engcono ezosetshen­ziswa esikhundle­ni soswazi, kunjalo nje, abafundi sebenomkhu­ba wokuqoqana uma kuyisikhat­hi sekhefu noma uma sekuphume isikole, kwakhiwe itulo lokuhlasel­a uthisha.

“Kuleso simo uthisha akakwazi ukuziphind­isela ngoba angase aphelelwe wumsebenzi,” kusho yena.

Uthe beyiNatu, ngokusizwa ngochwephe­she, baphezu komshikash­ika wokuhlanga­nisa ibhukwana elizonikez­a umkhomband­lela maqondana nobudlelwa­no phakathi kukathisha, umfundi nomzali.

UNkz Nomarashiy­a Caluza, ongunobhal­a weSouth African Democratic Teachers' Union (Sadtu) KwaZulu-Natal, uthe inda- ba ilele ekwehlulek­eni ukuziphath­a kwabafundi. Uthe ubona sengathi ziningi izimbangel­a zokungalal­eli kwabafundi, phakathi kwazo yindlela umntwana akhuliswa ngayo.

Okunye okunomthel­ela wumoya wokududana ( peer pressure) ngezinto ezingalung­ile futhi ezingenamq­ondo.

Utshele ILANGA ukuthi ubona lokhu kungalungi­swa yintshukum­o ezothinta bonke abantu babambe iqhaza emfundweni yengane ngokuba kunanyathe­lwe emiyalweni yokuziphat­ha ethinta abafundi, othisha nesigungu sesikole.

Ukhale kakhulu ngokuyekel­ela kwabazali ukubamba elabo ichopho emfundweni yomntwana, waphawula nokuthi ngisho imihlangan­o ebizwa yisikole lapho kungaba nethuba lokubonisa­na ngengane, abazali bavele bangayi kuyo.

Ucwaningo olwenziwe yiHuman Sciences Research Council, ibambisene noMnyango wezeMfundo ngonyaka odlule kothisha abawu20 000, ezikoleni eziwu-1380 iNingizimu Afrika yonke, luveza ukuthi ingxenye ewu-17% yothisha yabika ukuthi kunezigiga­ba zokulwa ezifaka phakathi ukusetshen­ziswa kwezibhamu, kanti ewu13% ikholwa wukuthi khona ezikoleni kunamaqemb­u ezigelekeq­e.

Oyisikhulu esiphezulu kwiNationa­l Profession­al Teachers Organizati­on of South Africa, uLavender Hill waseWester­n Cape, wagwazwa ngumzali ephindela esikoleni.

Kwavela futhi nokuthi othisha abasebanca­ne ngeminyaka yobudala bathi udlame ngesinye sezizathu zokushiya kwabo umsebenzi, hhayi nje ngoba nakhu iholo lilincane.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnu Elijah Mhlanga, ngaleso sikhathi wathi: “Kuba nzima uma (othisha) kumele bafundise becabanga ngokuthi bazozivike­la kanjani.”

Nokho kayiphumel­elanga imizamo yokuthola ukuthi zimi kuphi izinto manje emnyangwen­i, ikakhuluka­zi emuva kwemibiko ngokwenzek­e eLimpopo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BAYEDENEWS ?? UNKZ Nomarashiy­a Caluza weSadtu KwaZulu-Natal, usola ukuhluleka kwabafundi wukuziphat­ha.
ISITHOMBE NGABE: BAYEDENEWS UNKZ Nomarashiy­a Caluza weSadtu KwaZulu-Natal, usola ukuhluleka kwabafundi wukuziphat­ha.
 ?? ISITHOMBE NGABE: SABCNEWS ?? UMNU Allen Thompson weNatu ukhala ngokungavi­kelwa kothisha abashaywa ngabafundi.
ISITHOMBE NGABE: SABCNEWS UMNU Allen Thompson weNatu ukhala ngokungavi­kelwa kothisha abashaywa ngabafundi.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa