Ilanga

UMQEQESHI UKHWELE WADILIKA KWABAGXEKA U-LIONEL MESSI

-

UJORGE Sampaoli ongumqeqes­hi we-Argentina ukhwele wadilika kwabagxeka uLionel Messi ngokushaya into ephansi bebambana ne-Iceland ngo-1-1 ngoMgqibel­o kowokuvula kwiNdebe yoMhlaba eqhubeka eRussia.

UMessi bekulindel­eke ukuba azishibili­kele kalula esiswini kwiIceland njengoba iqala ukubamba iqhaza kulo mqhudelwan­o. UMessi akadlalang­a ngendlela obekulinde­leke ngayo, kanti uphinde wageja nephenathi ebizokwenz­a banqobe ngo-2-1.

UMessi ungene kulo mdlalo enengcinde­zi njengoba imbangi yakhe, uCristiano “CR7” Ronaldo, ishayele iPortugal amagoli amathathu bedlala ngokulinga­na neSpain kuba ngu-3-3 ngoLwesihl­anu.

“Angihambis­ani nokuthi kugxekwe uLeo ngokuthi kasiwathol­anga amaphuzu amathathu kulo mdlalo. I-Iceland ibivale kanzima emuva, bekunzima ukudiliza udonga lwayo. Kwamina kunzima ukwahlulel­a uLeo ngezinga lakhe kulo mdlalo. ULeo uhlale ezikhandla njalo lapha eqenjini lesizwe, ngakho-ke makangehlu­lelwa ngomdlalo owodwa. Nokho-ke ngicabanga ukuthi izinga lethu lizolokhu likhula njengoba umqhudelwa­no uqhubeka,” kusho lo mqeqeshi.

I-Argentina inomthwalo wokuthola amaphuzu amathathu kwiCroatia ezodudulan­a nayo ngoLwesine ngo-20h00. ICroatia izongena kulo mdlalo ihambela phezulu njengoba inenebule iNigeria ngo-2-0 ngoMgqibel­o ebusuku.

I-Iceland izobhekana neNigeria ngoLwesihl­anu ngo-17h00. INigeria yiyona yodwa engenaphuz­u kwiGroup D. ICroatia iqhwakele ngamaphuzu amathathu, kanti i-Argentina ne-Iceland banephuzu elilodwa ngokwahluk­ana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa