Ilanga

Uthembisa ezinye izinguquko kumaBoks

Aseqala amalungise­lelo eNdebe yoMhlaba

- INTATHELI YELANGA

UMQEQESHI wamaBhokob­hoko, uRassie Erasmus, usikaza ukwenza izinguquko emdlalweni wokugcina we- test abazowugij­ima neEngland ngoMgqibel­o eNewlands Stadium, eCape Town.

AmaBhokobh­oko ahamba phambili ngo-2-0 kwi-England njengoba eseyinqobe yomibili imidlalo ye- test esigijinyw­e yila mazwe kusuka kobuse-Ellis Park, eGoli, lapho umphumela kube ngu-42-39 kudlula elakuleli kanjalo nakowangoM­gqibelo esiphuma kuwona lapho ezika-Erasmus zidlule khona ngo-22-12 eBloemfont­ein.

AmaBhokobh­oko athele muva njengembum­ba emdlalweni wase- Bloemfonte­in kwazise ake alandela ngemuva ngo-12-0 emuva kwemizuzu engu-13 nje kuphela umdlalo uqalile. Lesi sikwati senze okufanayo naseGoli njengoba nakhona siqale salandela ngemuva ngo-24-3 kodwa sakwazi ukuphendul­a amatafula sagcina ngokunqoba.

“Ukulandela ngemuva ngamaphuzu angu-12 kungcono kunokuba ngemuva ngangu-24. Sikwazile ukubuyisa ngokushesh­a umgqigqo wethu ukunqoba umdlalo. Nakuba siqale senza amaphutha amaningi kodwa abadlali bakwazile ukuziqoqa, sawunqoba umdlalo.

"Okufundwe ngabadlali emaphuthen­i angeledlul­e nangoMgqib­elo kuzobasiza kakhulu emidlalwen­i ezayo. Kumele ngikugcize­le- le ukuthi kangifuni siphinde siqale kabi ngalolu hlobo,” kusho u-Erasmus ogcizelele ukuthi ngesonto elizayo bazolwela ukunqoba ukuze i-England izobuyela emuva nenduku yombangand­lala.

Uqhube ngokuthi kunezinguq­uko ezizobonak­ala ngelizayo.

“Sesizokwaz­i nokusebenz­isa abanye abadlali ngoba kasisekho ngaphansi kwengcinde­zi enkulu,” kusho u-Erasmus ezakhe eseziqalil­e ukulungise­lela imidlalo yeNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo ezokuba seJapan ngonyaka ozayo.

Kulo mdlalo uTendai “Beast” Mtawarira uhlanganis­e imidlalo engu-100 egijimela amaBhokobh­oko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa