Ilanga

ISILOMO SE-DOWNS KASIYIZWA EYE-CHIEFS

Sifakwa ugqozi ngowodumo kwiPirates

- MFANAFUTHI NDLOVU

ISILOMO seMamelodi Sundowns kasiziboni sidlubhe ijezi leKaizer Chiefs okuvela ukuthi isigaqele njengoba isezinhlel­weni zokuzama ukubuyisa isithunzi ngesizini ezayo.

UThemba Zwane olihlikihl­a esiswini kumaBrazil­ian, utshele ILANGA izolo ngoLwesith­athu ekuseni ukuthi akaziphuph­i ngisho elele edlala kuMakhosi. Imibiko ibithi iChiefs ifuna ukuhambisa uGeorge Maluleke kwiDowns bese yona ithatha uZwane.

Lo mdlali uthi isifiso sakhe esikhulu wukulibang­isa phesheya ngolunye usuku.

“Ngike ngayizwa indaba yeChiefs kodwa kangizibon­i nje ngidlala kuyona.

"Ngiseneme kwiSundown­s futhi ngisafuna ukuzuza okuningi kuyona.

"Kuningi engikuncel­a kozakwethu abadala ukukhulisa indlela engidlala ngayo. Isifiso sami esikhulu wukuya phesheya kwezilwand­le,” kusho uZwane.

Lo mdlali uveze ukuthi kakusampha­zamisi ukuyamanis­wa namakilabh­u ehlukene.

“Phambilini bekungilim­aza ukumatanis­wa namanye amakilabhu kodwa manje kakusenzi lutho, sengikwejw­ayele.

Into ebaluleke kakhulu kimina wukuba ngizikhand­le ejimini ukugcina indawo yami esikimi- ni,” kusho uZwane ophethe irekhodi lokuthengw­a ngemali engaphezul­u kuka-R1 million ekubeni edlala esigabeni samaamesha.

Uthi ukuvela kwenani athengwa ngalo kwiValdos FC yaseTembis­a eyabe iphethwe nguSinky “Twalaza” Mnisi idlala kwiSafa Gauteng ABC Motsepe League, kucishe kwalimaza ibhola lakhe kwazise abantu bebehlala befuna ukubona lesi simanga sebhola lakhe esenze kwakhishwa izizumbulu ngaye.

“Lokhu kwenza ngazimisel­a ngokudlule­le ejimini,” kusho lo mdlali odabuka eKalambazo­o, eTembisa.

Ubonga kakhulu uJerry “Legs of Thunder” Skhosana ozakhele udumo engumgadli we-Orlando Pirates eminyakeni edlule, ngeqhaza alibambile empilweni yakhe, emkhuthaza ukuzibamba ziqine.

UJose Ali Meza waseVenezu­ela obedlala kwi-Oriente Petrolero yaseBolivi­a kubikwa ukuthi ujima neSundowns ngenhloso yokusayina kule kilabhu ehlabane ngoToni Silva waseGuinea Bissau. IDowns isiwaqalil­e amalungise­lelo okuvikela isicoco se-Absa Premiershi­p.

UNGAPHUTHE­LWA yiLANGA

LangeSonto elizokube liqukethe udaba oluconsisa amathe ngempilo kaZwane yangasese engosini iNgaphandl­e kweNkundla.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UMDLALI weMamelodi Sundowns, uThemba Zwane, ebhekene noSergio Roberto weBarcelon­a kowobungan­i wala maqembu ngenyanga edlule, eFNB Stadium.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UMDLALI weMamelodi Sundowns, uThemba Zwane, ebhekene noSergio Roberto weBarcelon­a kowobungan­i wala maqembu ngenyanga edlule, eFNB Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa