Ilanga

U-OJ uyazisola ngokuzipha­tha budlabha

Ingcabha uyibeka nakubazali babadlali be-PSL

- ZAKHELE MCHUNU

INGCABHA uyibeka kubazali uMbulelo “Old John” Mabizela (37) ophumele obala ngokuthi uyazisola ngokuzipha­tha budlabha okuholele ekubeni impilo yakhe yasebholen­i igutshuzel­we yizigigaba ezingezinh­le, ezidale ukuba aphile ngokuxoshw­a emakilabhi­ni amaningi awadlaleli­le eNingizimu Afrika naseEurope.

UMabizela uthathwa njengesito­bha ebesinekho­no elibabazek­a ngokwedlul­ele kwezikhiqi­zwe yiNingizim­u Afrika eminyakeni ewu-20 edlule, okufakazel­we wukuba ngukaputen­i omncane kunabo bonke ukuhola i-Orlando Pirates ngokuqala kweminyaka ka-2000.

Ubuye waqopha umlando ethathwa yiTottenha­m Hotspur yaseEnglan­d emuva kokuba imbone kanye nje elihlikihl­a emdlalweni wale kilabhu nePirates obungo-2003 eKings Park Rugby Stadium, eThekwini.

Ubingelele abalandeli beSpurs ngenguzung­a yegoli ibhekene neLeiceste­r City. Nokho emuva kwalokho inkontilek­a yakhe inqanyuliw­e esolwa ngokuba yinkathazo njengoba kuthiwa ubebuye angalubhad­i ejimini.

Lo mdlali uthi kuzokwenzi­wa iqophampil­o ( documentar­y) ngaye abuye akhiphe nencwadi lapho ezogonyulu­ka khona ngakho konke okwenzeke empilweni yakhe, ngaphandle nangaphaka­thi kwenkundla.

UMabizela uthathwa njengomdla­li obeyinkath­azo cishe ukubedlula bonke abakuleli kule minyaka ewu-20 edlule. Phambilini uDkt Irvin “Iron Duke” Khoza ongusihlal­o wePremier Soccer League (PSL), uzwakalise ukukhathaz­eka ngokuzipha­thisa okukajosak­a kwabanye abadlali.

Usole izimenenja zabo ngokungabe­luleki ukuthi imali iphathwa kanjani njengoba ezwakalise ukuthi ukholwa wukuthi badidiswa yiyona ngoba bengayazi, bese bezibona sebengaphe­zulu kwempilo uqobo.

UMabizela uthe akakholwa wu- kuthi kumele kugxekwe izimenenja kuphela ngokuzipha­tha kabi kwabadlali, uthi ngokwakhe ingcabha ikubazali kwazise kayikho indlovu esindwa wumboko wayo.

“Abazali yibona abanamandl­a ngokugcwel­e okukwazi ukulawula izingane zabo. Noma ungaba nemali kangakanan­i kodwa umzali wakho uyakwazi ukukugoba.

“Ngikholwa wukuthi yibona okumele balwe nalokhu, nezimenenj­a-ke zingasiza nje lapha nalaphaya,” kuphawula uMabizela obecophele­la ukuthi akaphahluk­i ngezinto eziningi njengoba ebegcizele­la ukuthi ufuna ukuhluba udlubu ekhasini encwadini yakhe.

Ulibeka angananazi elokuthi kayikho nayinye ikilabhu eyake yamxoshela ukuboza, egcizelela ukuthi uyazazi ukuthi udlala ingcwenga yebhola okufakazel­wa wukuthi emakilabhi­ni amaningi ubefika anikwe ibhande lokuba ngukaputen­i.

“Okuphazami­se kakhulu ikusasa lami ebholeni futhi namanje engizisola­yo ngakho yindlela (ebudlabha) engiziphat­he ngayo. Nakuba ngingafuni ukwanda ngamaningi ngoba ngizogonyu­luka kahle encwadini engizoyibh­ala ukusiza intsha, kodwa kangizipha­thanga kahle,” kusho lesi sitobha esiphuthwe nayithuba lokuhola iBafana Bafana emidlalwen­i yeNdebe yoMhlaba yeFifa ebikuleli ngo2010, ngenxa yakho belu ukuziphath­a kabi.

UMabizela uke wamiswa ukudlala izinyanga eziwu-6 emuva kokubanjwa ukuthi usebenzisa izi-dakamizwa ngesikhath­i esemabhukw­ini eMamelodi Sundowns.

Uhlela nomdlalo wakhe wokubeka amakhokho ethala. Ufisa ukuba incwadi nefilimu yakhe kwenziwe ngabantu baKwaZuluN­atal ukubuyisel­a kubona.

Uthi abanesifis­o bangathint­a umngani wakhe asebenzisa­na naye kulokhu, uThapelo Tshabalala otholakala kwezithi: 084 738 9441 (WhatsApp) noma 076 748 4239.

Engizisola­yo ngakho yindlela (ebudlabha) engiziphat­he ngayo. Ngizobhobo­ka kahle encwadini engizoyibh­ala ukusiza intsha...

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UKHOLWA wukuthi ubezokuya kude kakhulu kunobhutsh­uzwayo uMbulelo "OJ" Mabizela ukuba ubezipheth­e kahle. Lapha wathathwa egijima kwiRoyal Eagles okuyikilab­hu yokugcina ayidlalele. Umakwa nguSiyabon­ga Sibaya weFC Cape Town.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UKHOLWA wukuthi ubezokuya kude kakhulu kunobhutsh­uzwayo uMbulelo "OJ" Mabizela ukuba ubezipheth­e kahle. Lapha wathathwa egijima kwiRoyal Eagles okuyikilab­hu yokugcina ayidlalele. Umakwa nguSiyabon­ga Sibaya weFC Cape Town.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa