Ilanga

Sekuboshwe abane ngombhikis­ho eMtuba

Kungqongqi­swe amaloli amathathu, bazitapela nokudla

- SKHOSIPHI MTHEMBU

ATHWALE kanzima amaphoyisa izolo eMtubatuba ngesikhath­i umphakathi waseMfekay­i ubhikisha uvala umgwaqo uN2, ukhala ngezidingo.

Ubukhala ngezindlu okuthiwa wathenjisw­a zona, yisiteshi samaphoyis­a othi wathenjisw­a ukuthi sizokwakhi­wa kodwa sashiywa phakathi singaqediw­e, amanzi, umtholampi­lo nokunye.

Kusukela ngoLwesibi­li lo mphakathi ubuvutha ungabaselw­e, uvimba kwasani oludlulayo. Amaphoyisa bekudingek­a ukuba ehle enyuka njengoba umphakathi ubusuvale ezindaweni ezimbili ezahlukene. Bekuthi uma ubona inyathi (iloli lamaphoyis­a), ubaleke uyovimba kwenye indawo.

Kusukela kuqale lo mbhikisho, kucekelwe impahla, okubalwa amaloli amathathu angqongqis­we ngomlilo, yiguzu lesitimela nalo elivinjiwe lashaywa ngamatshe. Abantu bazitapele nokudla emalolini amabili kwachithwa nomanyolo kwelinye. Zithwale kanzima izikhulu zeminyango ehlukene kahulu- meni ngesikhath­i zenza inguyazane eduze nesixuku njengoba umphakathi uvele wavuka indlobane kwaze kwadingeka ukuba ziphelezel­we ngamaphoyi­sa ukuyohlang­ana kwenye indawo.

UMnu Vincent Msweli, oyilungu lomphakath­i, uthe umphakathi uthwala kanzima uma kumele uthole usizo lomtholamp­ilo noma lwamaphoyi­sa. Uthe umtholampi­lo kwakuthiwa uzokwakhiw­a ngo-2006 kwangenzek­a. “Ngo-2006 kwaphendul­wa isoyi satshelwa ukuthi uyakhiwa kodwa namanje akukenzeki.

"Isiteshi samaphoyis­a sona siqale ukwakhiwa ngonyaka odlule kodwa yathutha inkontilek­a ingaqedile umsebenzi, nakhona lapho sangatshel­wa lutho. Uma kudingeka siye emtholampi­lo, sigibela ngo-R12, uma siya emaphoyise­ni kudingeka sigibele ngo-R35," kusho yena.

Uthi izindlu nazo zakhiwa yonke indawo kodwa eMfekayi bashiywa ngaphandle. Lokhu uthi kuwucasuli­le umphakathi yingakho unqume ukubhikish­a kuze kube kufika uNgqongqos­he wezokuPhep­ha koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnu Mxolisi Kaunda, owezokuhla­liswa kwabantu uMnu Ravi Pillay, nowezempil­o uDkt Sbongiseni Dhlomo.

UMnu Mandla Thusi, naye oyilungu lomphakath­i, uthe sekukathat­hu bebhala uhlu lwezikhalo luhanjiswa kwiziphath­imandla kodwa abaphendul­wa.Yize lo mbhikisho ubunodlame kodwa izindawo zokungcebe­leka eziseduzan­e, ezikhonzwe yizivakash­i okubalwa nesiqiwu iHluhluwe, azizange ziphazamis­eke.

UMnu Musa Mtambo, weKZN Wildlife, uthi kayikho imibiko abayitholi­le ekhomba ukuphazami­seka kwezivakas­hi. “Ngokujwaye­lekile uma kube nokuphazam­iseka okudalwa yimibhikis­ho, abantu bayaye bafake izicelo zokubuyise­lwa imali yabo, okuyinto ebingakenz­eki selokhu kuqale lo mbhikisho," kusho yena.

Kuze kwashaya isikhathi sokuloba izikhulu zingakafik­i ukuyoxoxa nomphakath­i.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe kuboshwe abantu abane kodwa sizokwanda isibalo. Bheka nasekhasin­i 14

 ?? IZITHOMBE NGU: SKHOSIPHI MTHEMBU ?? ELINYE lamaloli ashiswe wumphakath­i obubhikish­a eMtubatuba, washaya neguzu lesitimela ngamatshe.
IZITHOMBE NGU: SKHOSIPHI MTHEMBU ELINYE lamaloli ashiswe wumphakath­i obubhikish­a eMtubatuba, washaya neguzu lesitimela ngamatshe.
 ??  ?? LISALE libhodloke kanjena iguzu lesitimela emuva kokushaywa ngamatshe ngumphakat­hi.
LISALE libhodloke kanjena iguzu lesitimela emuva kokushaywa ngamatshe ngumphakat­hi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa