Ilanga

KUSALINDWE IMIPHUMELA YESIDUMBU

- PAMELA ZUNGU

UZWAKALISE ukujabula umndeni kaNkz Zolile Khumalo (21), obengumfun­di waseMangos­uthu University of Technology (MUT), ngesikhath­i isoka lakhe elisolwa ngokumdubu­la limbulale, lenqaba ukufaka isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni ngoLwesibi­li.

UMnu Thabani Mzolo (23) waseMdwebu, eMtshezi, ungummanga­lelwa ecaleni lokudubula abulale uNkz Khumalo waseShowe ngoMbasa (April). Kuthiwa uMnu Mzolo uye lapho bekuhlala khona uNkz Khumalo eLonsdale, ePhoyinti, eThekwini wagila lo mhlolo.

Uvele kafushane kule nkantolo ngecala lokubulala uNkz Khumalo nelokuthol­akala nesibhamu esingekho emthethwen­i. Bekugcwele kuchichima enkantolo, kungekho nendawo yokuhlala.

UMnu Comfort Khumalo onguyise kamufi, uthe umndeni ubungafuni vele ukuba (uMnu Mzolo) athole ibheyili ngenxa yento ayenzile enganeni yakhe. “Ngibuhlung­u ngendodaka­zi yami.

"Kuvuka amanxeba njalo uma ngiza enkantolo ngoba ngibona umuntu oyenze into ebuhlungu kangaka. Ngifuna ukuba umthetho wenze okufanele uma inkantolo isigweba uThabani ngenxa yobuhlungu asizwise bona.

"Okubuhlung­u wukuthi uThabani akatshengi­si ngisho nokuzisola ngakwenzil­e. Yize ingane yami ingeke isavuka, kodwa ngizothoko­za uma ethola isigwebo esifanele,” kusho uMnu Khumalo.

IMantshi Mahammad Motala ithe icala likaMnu Mzolo ilihlehlis­ela umhlaka-29 kuNcwaba (August), kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu, eyolibofuz­o ne-albhamu yezithombe. “Ngosuku ozobuya ngalo, ngeke uze enkantolo uzothintwa ngevideo usejele, eWestville,” kusho imantshi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa