Ilanga

UVALO NGABAFUNDI ABAVALELWA NGAPHANDLE

- MTHOBISI SITHOLE

INOVALO inkosi yakwaDlami­ni eMthintany­oni, eHarding, ngabafundi baseCekeza High School ethi bangagcina belalane ezikhothen­i ngenxa yokuba wuvanzi, kwazise bayavalelw­a esikoleni uma befike emuva kwesikhath­i.

INkosi Senzo Dlamini ithi isizame kaningana ukulekelel­a ukuba kulunge isimo kulesi sikole - ethi izinto zonakele kusona - kodwa abaphathi baso bazithela ngabandayo.

Itshele ILANGA ukuthi lesi sikole kasenzi kahle ngisho emiphumele­ni kamatikule­tsheni kodwa kusaqhutsh­ekwa kuxoshwa izingane uma zifike emuva kwesikhath­i.

“Akusona isixazulul­o ukuvalela izingane, zikhona ezinye izindlela zokuzijezi­sa. Ezinye izingane sezifika emuva kwesikhath­i ngenhloso ngoba ziyazi ukuthi zizofika sekuvalwe isango bese zibuyela emuva kanti ukuba zicoshiswa amaphepha ngabe nakho lokho kuyisijezi­so esihle.

“Sekufike lapho ngikhathal­a khona manje. Le nto sesigcina siyibuka ngokuthi mhlawumbe kwenziwa wukuthi uthishanhl­oko akusiyena umuntu wakule ndawo, akanandaba nezingane zethu,” kusho iNkosi Dlamini.

Ithi sekukaning­i ixoxa nabaphathi besikole, inxusa ukuba kunqandeke lokhu okwenzekay­o, yaze yaphakamis­a ukuthi okungenani mababhalwe phansi abafundi abafika emuva kwesikhath­i, uma kuze kwaba kathathu umfundi enza okuphamben­e nomthetho wesikole, yona inkosi izombizela enkantolo yayo nabazali bakhe.

“Izingane ziphithiza ezitolo ngesikhath­i sokufunda, ezinye zizoze zilalane ezikhothen­i ngoba sezijikisi­we esikoleni,” kusho iNkosi Dlamini.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthi akukho emthethwen­i ukuba abafundi bangafundi ngoba kusuke kuchaza ukuthi bancishwa ilungelo labo.

“Ungqongqos­he uhlale esho ukuthi uthishanhl­oko makabambis­ane nabazali uma kukhona okumele kulungiswe.

“Ubuholi bomdabu siyabuhlon­ipha kakhulu futhi siyajabula uma bubamba iqhaza ngoba izikole ngezawo umphakathi,” kusho uMnu Mthethwa.

mthobisis@ilanganews. co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa