UMSINDO NGEMALI YAMANZI
IBAMBENE phezulu ngombango wohlelo lokusatshalaliswa kwamanzi kuMasipala wesiFunda iZululand njengoba iMeya yawo, uMnu Thulasizwe Buthelezi, ivutha ingabaselwe, ithi kunyamalale u-R185 million wokuhlinzeka umphakathi ngamanzi.
Imeya ithi baphatheke kabi ngokuduka kwale mali eyayinikezwe uMhlathuze Water wuMnyango wezaManzi nokuKhucululwa kweNdle kuzwelonke, ukuba kusizwe umphakathi owakhele uMasipala waKwaNongoma nowaseBaqulusini ngamanzi.
Ithi sebebhalele uMvikeli woMphakathi, u-Adv Busisiwe Mkhwebane, becela ukuba angenelele ngokuduka kwemali yabakhokhi bentela.
Uveze nokuthi umphakathi ukhalela bona mihla namalanga ufuna amanzi ekubeni imali yayikhishiwe.
“Kalukho uhlelo olusha lokusatshalaliswa kwamanzi oluqhamuke noMhlathuze ngaphandle kolwethu obeluvele lukhona lokuzama ukunikeza abantu amanzi,” kusho uMnu Buthelezi.
Uthi bekuvele kushiya imibuzo ukuthi kungani imali inganikezwanga umasipala wesifunda ngoba yiwona ogunyazwe ukunikeza umphakathi amanzi kodwa umnyango waqoka uMhlathuze.
UMnu Siyabonga Maphumulo, okhulumela uMhlathuze Water, uthe akusilona iqiniso ukuthi umphakathi wakule ndawo kawunawo amanzi.
“Emasontweni amathathu adlule kade sivakashele KwaNongoma, siyobheka okuqhubekayo, sathola ukuthi abantu bajabule, ayaphuma amanzi. Kungokokuqala ngqa ukuthi amakhaya angaphezulu kuka-6 000 athole amanzi ahlanzekile, okuyinto esiyenze KwaNongoma naseBaqulusini,” kusho uMnu Maphumulo.
Uthi kuyabethusa okukhulunywa yimeya ngoba bebeyimemile ngesikhathi bevakashela KwaNongoma kodwa yangafika.
UmQondisi eMnyangweni wezaManzi kuzwelonke, uMnu Sfiso Mkhize, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba usekhefini, wathi makuxhunyanwe noMnu Jenisu Jullies naye obengatholakali ezincingweni zakhe.