Ilanga

IMEYA INXUSE UKUBAMBISA­NA NABAHWEBI E-ZULULAND

- INTATHELI YELANGA

IKHALE ngosomabhi­zinisi abangasebe­nzisani nomasipala wayo iMeya yaseZulula­nd, uMnu Thulasizwe Buthelezi, kwazise lo masipala unothe kakhulu ngezobucik­o nezolimo.

Ikusho lokhu esigcawini somhlahlan­dlela wokucobele­lana ngezinhlel­o zokukhulis­wa komnotho nentuthuko ezosimamis­a iZululand, esithathe izinsuku ezimbili eNongoma Inn, KwaNongoma.

Besithanye­lwe yizithunyw­a zezinkampa­ni ezinkulu ezizimele, yizimboni zikahulume­ni neminyango kahulumeni waKwaZulu-Natal.

UMnu Buthelezi uthe iZululand yaziwa kakhulu ebalazweni laseNingiz­imu Afrika njengoba inomlando omkhulu ngisho nakwezombu­sazwe imbala.

Uthe: “Noma iKwaZulu-Natal iyisifunda­zwe sesibili ngobukhulu kwezomnoth­o, kodwa siwumasipa­la kasijabule neze ngoba akukho okutheni okuvela esifundeni saseZulula­nd ekubeni sicebile kwezokuvak­asha, ezolimo nezobuciko.

“Sinxusa bonke osomabhizi­nisi baseZulula­nd ukuba bakhuphule amasokisi, basebenzis­ane nathi ukuze kwakhiwe ingqalasiz­inda ezoletha intuthuko emphakathi­ni.”

Nokho kufufuse inhlansi yethemba njengoba emuva kwenkulumo yemeya kuvele izindaba ezimnandi zokuthi abatshalim­ali beza nolukhulu usizo oluzolekel­ela ekusimamis­eni umnotho waseZulula­nd.

Lezi zindaba zivezwe nguNkk Thokozani Chili oyisikhulu kwiKwaZulu­Natal Trade and Investment.

UNkk Chili unxuse bonke osomabhizi­nisi ukuba basebenze kakhulu namakhosi ngoba yiwona aphethe umhlaba. Amathuba amenyezelw­e yiKwaZulu-Natal Trade and Investment yilawa:- Ingqalasiz­inda ezothuthuk­isa ezamanzi iZululand yonkana, wukwakhiwa kwezindawo ezizoheha izivakashi eBabanango, KwaNongoma, oNdini, eBaqulusin­i kuze kuyoshaya eMtubatuba.

Kuzophinde kuvulwe nemayini yamalahle KwaMnyathi eBaqulusin­i, kube nengqalasi­zinda ezokwakhiw­a KwaNongoma ezobizwa ngeNongoma Infinity Services

editor@ilanganews. co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa