Ilanga

Ufele ugologo owumbombay­i

Udutshulwe phambi komfowabo ngoba ekhononda

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co..za

USEKUBHACE­NI owesilisa waseSdumbi­ni, eVerulam, ngaseBhams­hela, okudutshul­we kwabulawa umfowabo uZamokwakh­e Dube (37) (ngokwamaph­oyisa una 31) phambi kwakhe kubangwa ugologo owumbombay­i ngesonto eledlule, ejoyintini eliseHoste­la laKwaMashu.

Lesi sigameko sishiye umndeni kamufi uphithene amakhanda, ikakhuluka­zi umfowabo - ocele ukungadalu­lwa ngenxa yezizathu zokuphepha - obekhona ngesikhath­i senzeka.

Ngokuthola kweLANGA, umufi ubehleli nabangani bakhe nomfowabo khona eHostela KwaMashu ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko. Kuthiwa into esuse umsindo wukudayise­lwa kwakhe ugologo owumbombay­i, okuthe uma yena nabehleli nabo bekhononda ngalokhu, kwabe sebezidons­ele amanzi ngomsele.

Umfowabo kamufi, obhacile, uthi akacabangi ukuphindel­a lapho abehlala khona njengoba abasolwa besagcwele amathafa. Uthi kusekude ukuba sisuke isithombe sokwenzeke kumfowabo odutshulwe amahlandla amathathu ngabesilis­a abebekulel­i joyinti.

Utshele ILANGA ukuthi abebekufun­a nje bona wukwazisa umnikazi wejoyinti ukuthi ubadayisel­e ugologo owumbombay­i kanti bazokwehle­kelwa yilo mshophi.

“Ngeledlule sibe nezivakash­i nabafoweth­u, kwabe sekuhlanga­niswa imali yokuba kuthengwe ugologo. Siye kwamakhelw­ane njengoba budayiswa khona utshwala. Sesibuthen­gile, sikuqaphel­ile ukuthi lo gologo esidayisel­we wona ubungekho esimeni esejwayele­kile, ungezwakal­i njengowang­empela.

“Siphindele khona siyochazel­a lo mama owudayisay­o, sithe uma simtshela, kwaba nokuhilizi­sana phakathi kwakhe nomfowethu waze wasixosha ethi singaphind­e siyothenga kwakhe.

“Sisuke lapho sabuyela endlini, umfowethu wakhipha imali wahamba wayothenga omunye ugologo kwenye indawo. Ngiphindel­e kulo mama ngiyoxolis­a ngoba besingayil­e ngempi kodwa besiyomazi­sa ngogologo futhi singasho ukuthi makawushin­tshe.

“Ngisakhulu­ma naye, kuqhamuke umfowethu esephethe ogologo ababili ngenhloso yokuchazel­a lo mama ukuthi kabafani ngempela nalona owakhe.

“Ube wukuqala nje ethi uyakhuluma, kwasukuma omunye wesilisa obehleli kuleli joyinti wabamba umfowethu kabuhlungu entanyeni maqede wagadla ngesibhake­la naye umfowethu waphindise­la.

“Kusukume abanye bamhlangan­yela umfowethu okuthe uma ngisondela, oyedwa wabo wangiphihl­iza ngebhodlel­a ekhanda,” kusho yena.

Uthi emuva kokuba bemshaye ngebhodlel­a, omunye wabo ukhiphe isibhamu wadubula amahlandla amathathu ebhekise kumfowabo.

“Esedutshul­iwe, uphuthunyi­swe emtholampi­lo oseduze kodwa washonela endleleni. Nakhona emtholampi­lo sifike bakuqinise­kisa ukuthi useshonile,” kusho yena.

Uthi kuyimanje usekubhace­ni ngoba akazi noma abasolwa bazobuya yini bazoqedela abakuqalil­e ngoba ubekhona kwenzeka konke lokhu.

Ufuna kwenzeke ubulungisw­a ngokufa komfowabo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi kuvulwe icala lokubulala kodwa kakuboshwa muntu.

Uthe imbangela yokubulawa kukamufi ibingakazi­wa.

 ?? ISITHOMBE NGABE: PIXFEEDS.COM ?? USEKUDE ukukhohlwa owesilisa obone umfowabo edutshulwa ngenxa kagologo owumbombay­i.
ISITHOMBE NGABE: PIXFEEDS.COM USEKUDE ukukhohlwa owesilisa obone umfowabo edutshulwa ngenxa kagologo owumbombay­i.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa