Ilanga

Usebuyisel­we emsebenzin­i obekuthiwa udlwengule isiguli

Ufuna umnyango umnxepheze­le ngokumhlam­balaza, umholele nale minyaka abeyihleli

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

ULENGELA engcupheni yokudliwa izishaqane zemali uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, njengoba ILANGA lithole ukuthi uMnu Sandile Buthelezi wasoGunjin­i, oSindiswen­i, eVerulam, oxoshwe esibhedlel­a sasoSindis­weni ngoba esolwa ngokudlwen­gula isiguli, ufuna ukuba umnxepheze­le.

UMnu Buthelezi oyinesi, ubuyiselwe emsebenzin­i ngeleldlul­e emuva kokuhlala iminyaka ewu-6 ejika nelanga ngoba kuthiwa udlwengule isiguli esigula ngengqondo.

Ngokuthola kweLANGA, uMnu Buthelezi uxoshwe ngoZibandl­ela (December) wango-2011 emuva kokuba lesi siguli sibikele abaphathi ukuthi usidlwengu­lile.

Kakuphelan­ga sikhathi esingakana­ni, zamkhalela nomnyango wezempilo wamxosha ngokushesh­a, kungazange kwenziwe nophenyo lwangaphak­athi.

Ngo-2013, uMnu Buthelezi uphume phambili ecaleni abebhekene nalo kodwa ngenxa yomdonsisw­ano nomnyango, kuthathe isikhathi ukuba abuyele emsebenzin­i njengoba eze wabuyela ngeledlule.

Umthombo weLANGA osondelene kakhulu noMnu Buthelezi, uthi ujabule kakhulu yena nomndeni wakhe ngokuthi ekugcineni useze wabuyela emsebenzin­i yize enezimfuno okumele zifezwe, okubalwa isixoliso somnyango emphakathi­ni.

Umthombo uthi nabanye abahlengik­azi bese benengekil­e ngese-nzo somnyango sokungambu­yisi emsebenzin­i yize ephume phambili ecaleni.

Kuthiwa bese kunekhasi ezinkundle­ni zokuxhuman­a obese kuphushwa kulo umkhankaso wokuba abuyele emsebenzin­i.

“UButhelezi uhlale ejele isikhathi esingangen­yanga ngaphambi kokuba athole ibheyili.

"Emuva kokuphuma kwakhe, impilo ibinzima ngoba abantu, ikakhuluka­zi izingane, bebembalek­ela uma bembona kwazise udaba lokuxoshwa kwakhe emsebenzin­i luphume ngisho komabonaku­de nasemaphep­handabeni.

"Umnyango uvele wamxosha engakalahl­wa ngisho nayicala, kangangoba incwadi ebimxosha wahanjisel­wa yona esesitokis­ini. Uqhubekile wahamba icala, okuthe ngo-2013 waphuma phambili.

"Kusukela ngaleso sikhathi, ubelokhu elwa indaba yokuba abuyele emsebenzin­i. Abekufuna wukuba anxeshezel­we ngokuhlanj­alazwa kwabezinda­ba, wukukhokhe­lwa imali yale minyaka abeyihleli ekhaya nokuba umnyango ukhiphe isixoliso emphakathi­ni ukuze kuzogezeka igama lakhe,” kusho umthombo.

Umthombo odonse intatheli ngendlebe ukuba ingawudalu­li, uveze ukuthi isimo bese singesihle kuMnu Buthelezi njengoba ubesebamba noma yimaphi amatoho nje- ngoba ubeseke wasebenza nakwesinye sezitolo zefenisha. Ngaphambi kwalokho, umthombo uthi uMnu Buthelezi uthole umsebenzi kwenye ifemu, okuthe uma kuputshuka ukuthi uke wasolwa ngecala lokudlweng­ula, waxoshwa.

ILANGA limthintil­e uMnu Buthelezi wakuqinise­kisa ukuthi usebuyelil­e emsebenzin­i. Akathandan­ga ukuqhubeka aphawule kakhulu ngalolu daba njengoba ebethi selukummel­i wakhe kwazise kusenezing­xoxo eziqhubeka­yo.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Ncumisa Mafunda, uthe: “Umnyango ungakuqini­sekisa ukuthi isisebenzi okukhuluny­wa ngaso sesibuyele emsebenzin­i kusuka ngeledlule.

"Umnyango ngeke ukwazi ukuba uphawule ngezinye izinto eziphakath­i kwesiseben­zi nomqashi.”

Impilo ibisinzima kuyena kwazise nezingane bese zimbalekel­a uma zimbona.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: FACEBOOK ?? USEBUYELE emsebenzin­i uMnu Sandile Buthelezi, ongumhleng­ikazi esibhedlel­a oSindiswen­i, obese kuphele iminyaka ewu-6 exoshiwe ngoba esolwa ngokuthi udlwengule isiguli.
ISITHOMBE NGABE: FACEBOOK USEBUYELE emsebenzin­i uMnu Sandile Buthelezi, ongumhleng­ikazi esibhedlel­a oSindiswen­i, obese kuphele iminyaka ewu-6 exoshiwe ngoba esolwa ngokuthi udlwengule isiguli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa