Ilanga

Unikelele izingane ezihlwempu

OweBloemfo­ntein Celtic ukhumbule ekhaya

- SABELO MASUKU

UKHOHLWE wunobhutsh­uzwayo wakhumbula ekhaya umdlali wasesiswin­i weBloemfon­tein Celtic, uMenzi Masuku, ngesikhath­i enikelela abafundi abahlwempu baseNgazan­a Primary School, KwaMashu, ngomfanisw­ano nezicathul­o zesikole.

UMasuku, ozakhele igama egijima kwi-Orlando Pirates nakwiChipp­a United ngaphambi kokuya kwiCeltic, unikelele abafundi abangaphez­u kuka-30 kulesi sikole afunde kusona, esebenzisa inhlangano yakhe engenzi nzuzo, iMasuku Legacy Foundation.

Kulesi sikole uye ephelezelw­a ngu-Andile "Carrot" Fikizolo weLamontvi­lle Golden Arrows noThamsanq­a Mkhize weCape Town City.

Ekhuluma neLANGA uMasuku, uthe: "Isifiso sami wukuba lokhu ngikwenze minyaka yonke ukuze kuhlomule izingane ezihlwempu, zigqugquze­leke ukuya njalo esikoleni".

Uthishanhl­oko waseNgazan­a, uNkz Ntombening­i Majola, uzwakalise enkulu injabulo ngesenzo sikaMasuku, wathi kuyabajabu­lisa ukuthi umuntu obefunda kulesi sikole abone kukuhle ukuphonsa itshe esivivanen­i, kwazise abanye abantwana badonsa kanzima.

UMasuku ngomunye wabadlali abebethemb­isa ngesikhath­i eqala ukubonakal­a kwiPirates kwazise ubengayibh­eki inethi yize engumdlali wasesiswin­i.

Kubadlali abancane bekunguyen­a noGift Motupa obekunethe­mba lokuthi bazokhulel­a kuleli qembu balenzele izimanga.

Nokho ubone kwabezinda­ba ukuthi usengumdla­li weChippa, okuvele izindaba zokuthi uzame ukutabalas­a, engafuni ukuya kuyona.

Lugcine lugobile uphondo.

Ikhono lakhe limphendle­le indawo esikwatini sika-Under 20 nakuUnder 23 lapho abegijima khona noMotupa, Sphelele "Stash" Ntshangase weKaizer Chiefs, Phakamani Mahlambi obekwiBidv­est Wits ngaleso sikhathi, ukubala abambalwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa