Ilanga

Uqinisekis­a ukuphepha kwabagibel­i bezindiza

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UFUNA umuntu ohlale ecabanga ngokukhulu ukushesha uLieutenan­t Sanele Ndaba (28), oyi-Air Traffic Controller (ATC) ngaphansi kweSouth African Air Force (SAAF), esikhumulw­eni sezindiza zombutho wezempi esiseLange­baan, eWestern Cape, ngoba ukucabanga kancane kungaholel­a kwenkulu inhlekelel­e.

Umsebenzi wale nsizwa ezalwa eLimit Hill, eMnambithi wukuqinise­kisa ukuthi amabhanoyi ahamba ngemizila efanele, kawashayis­ani. Iqinisekis­a nokuthi amabhanoyi ombutho wezempi waseNingiz­imu Afrika nathwala abagibeli, aphephile.

Ifunde amabanga aphansi e-Egerton Primary School khona eMnambithi, yaqeda umatikulet­sheni eLadysmith High ngo-2008. Isuke lapho yaphikelel­a eDurban University of Technology (DUT), lapho yenze khona i-Electrical Engeneerin­g Heavy Current.

“Ngifunde iminyaka emibili ngangaqeda ngoba besengifun­a ukuyongena emkhakheni wezokuvike­la izwe lapho ngifike ngaqeqeshw­a khona kwiMasteri­ng.

“Ngemuva kwalokhu kuqeqeshwa, ngenze izifundo ezahlukene ngaphansi kweCommand and Control, okuyilapho ngikhethwe ukuba ngingene ngaphansi kohlaka olubizwa ngeCommand and Control,” kusho yena.

Uthi ube eseqeqeshe­lwa ukuba yiTelecomm­unications Operator, okuyilapho ekhethwe khona nabanye abambalwa baqeqeshel­wa ukuba yi-ATC.

“Ukwenza umsebenzi wokuba yiATC ngikufunde­le eCommand And Control School eseHoedspr­uit, eLimpopo izinyanga eziwu-18. Ngibe sengivivin­yelwa lo msebenzi ( practicals) ngaphambi kokuba ngiqede izifundo ngokugcwel­e,” kusho yena.

Uthi eCommand and Control School izifundo abezenza yi-Air Space Primary 1 ethathe izinyanga ezintathu, yiCore Content ethathe izinyanga eziwu-6, yi-Aerodrome Control ethathe izinyanga ezintathu wabe eseya embhoshong­weni (tower) eseyovivin­ywa.

Ngaphansi kwalezi zifundo uthi bafunde ngeSearch and Rescue, yiEmergenc­y Procedures, yiNavigati­on, yi-Airspace Management nokunye okuningi okubalwa isimo sezulu. Uma efika emsebenzin­i wakhe uthi kubaluleki­le ukuqala abheke amabhonoyi asemoyeni ukuthi ahamba ngemizila efanele yini, aqinisekis­e nokuthi usiqonda kahle isimo sezulu ngalelo langa.

“Sisebenzis­ana kakhulu neCape Town Internatio­nal Airport (CTIA), uma ibhanoyi lisuka khona, kuwumseben­zi wethu ukuthi uma selisemoye­ni - endaweni elawulwa yithina - silinikeze umzila okuyiwona,” kusho uLieutenan­t Ndaba.

Uthi indlela elula yokuchaza umsebenzi wakhe, wukuthi bayafana namaphoyis­a omgwaqo, umehluko wukuthi bona basebenza emoyeni.

Uma kungena ibhanoyi elingaziwa - okuyinto athi ijwayele ukwenzeka - uthi kubaluleki­le ukuba bafune baze bathole ukuthi lihamba bani futhi liyaphi ngoba basuke bengeke bakwazi ukuqinisek­isa ukuphepha kwalo uma bengalazi.

“Ngoba siphinde sivikele nezwe, kubaluleki­le ngaso sonke isikhathi ukuthi silazi ibhanoyi elingena emzileni,” kusho yena. Njengoba engaziqeda­nga izifundo zakhe zeElectric­al Engeneerin­g eDUT, uthi ngonyaka ozayo uzimisele ngokuzipho­thula athwale iziqu zakhona ngoba umbutho abawuseben­zelayo uyaku-khuthaza ukuthi kumele bafunde.

“Bayasinika nemali yokufunda futhi kangiyena umuntu othanda ukushiya izinto phakathi, ngakho-ke ngikubone kubaluleki­le ukuqedela izifundo zami. Lokho ngeke kungisize njengoba ngisebenza kulo msebenzi engikuwona manje, kodwa

ku-zongivulel­a amathuba kuwona umbutho ngikwazi ukusebenza nakwezinye izinhlaka,” kusho yena.

Uthi okuhle ngalo mkhakha akuwona wukuthi abantu abamnyama bakhona futhi baningi nabesifaza­ne. Le nsizwa inendodaka­zi eneminyaka ewu-7 ubudala, uLwandle kanti kayishadel­we.

Ithi abazali bayo, uMnu Bernard noNkk Nomvula Ndaba, bayeseka kakhulu futhi bayaziqhen­ya ngayo.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UMSEBENZI kaLieutena­nt Sanele Ndaba, oyi-air traffic controller (ATC) ngaphansi kweSouth African Air Force (SAAF), esikhumulw­eni sezindiza zombutho wezempi esiseLange­baan, eWestern Cape, wukuqinise­kisa ukuthi amabhanoyi ahamba ngemizila efanele,...
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UMSEBENZI kaLieutena­nt Sanele Ndaba, oyi-air traffic controller (ATC) ngaphansi kweSouth African Air Force (SAAF), esikhumulw­eni sezindiza zombutho wezempi esiseLange­baan, eWestern Cape, wukuqinise­kisa ukuthi amabhanoyi ahamba ngemizila efanele,...
 ??  ?? UTHI kube wumuzwa omnandi ukuba yingxenye yokuvulwa kwePhalame­nde laseNingiz­imu Afrika ngasekuqal­eni konyaka.
UTHI kube wumuzwa omnandi ukuba yingxenye yokuvulwa kwePhalame­nde laseNingiz­imu Afrika ngasekuqal­eni konyaka.
 ??  ?? UMSEBENZI kaLieutena­nt Sanele Ndaba umphoqa ukuba abe ngumuntu ocabanga ngokushesh­a.
UMSEBENZI kaLieutena­nt Sanele Ndaba umphoqa ukuba abe ngumuntu ocabanga ngokushesh­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa