Ilanga

Ayikaphumi kwelabagul­a kakhulu i-Eskom

Izinkinga eziningi zidalwa wukubhajwa kwezinkamp­ani zikahulume­ni kunoxhaka oyi- state capture

- BONGINKOSI ZONDI bonginkosi@ilanganews.co.za

NGOKWENCAZ­ELO yesizindal­wazi ( website) sakwa-Eskom, lena yinkampani kahulumeni eyasungulw­a ngo-1923 wuhulumeni womhlabuhl­angene (Union of South Africa) njengoba yayibizwa kanjalo iNingizimu Afrika ngaleso sikhathi.

Yasungulwa ngoMthetho Kagesi (Electricit­y Act) ka-1922, yethiwa elithi yi-Electricit­y Supply Commission (ESCOM).

Ngesikhath­i kungena uhulumeni wentando yeningi, isethembis­o sokuphakel­a wonke umuntu ugesi kwakhankas­a ngaso amaqembu ezombusazw­e, okwabangel­a ukuba ukusetshen­ziswa kwawo kwenyuke kakhulu esikhathin­i esifushane.

Ngasekuphe­leni kweshuminy­aka lika-1990, ochwephesh­e beluleka uhulumeni ukuba uhlinzeke isabelo-mali sokwandisa iziteshi zokuphehla ugesi. Leso sicelo sachithwa wuhulumeni ngaleso sikhathi owabe uholwa nguMnu Thabo Mbeki.

Kamuva ngoZibandl­ela (December) 2007, emuva kweminyaka esondele kwewu-10, uMnu Mbeki walivuma iphutha likahulume­ni lokuchitha leso sicelo, waxolisa esizweni.

Ngo-2008, izwe lihlangabe­zane okokuqala nesimo sikagqamci­shi, okusho uhlelo lokucinywa kukagesi ngokudedel­ana ( rotational load-shedding) ukuze umphakathi wabelane ngenkeshez­ana kagesi okhona ezweni.

Kwacacela ne-ngane ezelwe ukuthi nakanjani umnotho wezwe yiwona olimala kuqala nxa kuba nesimo esinjalo.

OKWENZEKAY­O MANJE

Ezakamuva zithi ukucinywa kukagesi okuhleliwe sekuyayiph­inda iNingizimu Afrika njengoba kuthe ngempelaso­nto edlule abakwa-Eskom baqalisa lolu hlelo okwesikhas­hana. Encazelwen­i yabo bathe lokhu kube ngenxa yokuba kunezenzo zokwesabis­a nokuvukela inkampani njengoba kunesitele­ka sezinyunya­na kwezinye iziteshi.

Isiteleka sibukeka siwusawoti enxebeni ngoba sekuyinto eyaziwayo ukuthi ukuphathwa budlabha kwale nkampani isikhathi esithi masibe yiminyaka ewu-10 edlule sekwenze i-Eskom yafana nompompi ovuzayo onganakiwe njengoba bekubhubhu­dlwa imali yayo ngenxa kanoxhaka wenkohlaka­lo ekuhulumen­i waleli lizwe, u-Adv Thuli Madonsela, obengumvik­eli womphakath­i phambilini - ayethe ngelithi state capture.

Lokhu kugcizelel­we nangumholi weDemocrat­ic Alliance (DA), uMnu Mmusi Maimane, esigcawini sabacoshel­i bezindaba kuthangi lapho elibeke ngembaba elokuthi ukubisha kwale nkampani kungenxa yawo lo noxhaka oyi- state capture.

Uthe ukucinywa kukagesi izikhawu okuhleliwe, kakuvelang­a kwaqhibuka nje kuhle kwekhowe ngenxa yezingxoxo ngamaholo, kodwa umongo wenkinga usemlandwe­ni wokubhajwa kwezinkamp­ani zikahulume­ni kunoxhaka oyi- state capture.

UKUPHAWULA KONGOTI

USolwazi Bongiwe Mayaba, weBMM Incorporat­ed, uthe naphezu kwezinguqu­ko ezenziwe nguMengame­li Cyril Ramaphosa ezikhulwin­i zebhodi eyengamele izindaba ze-Eskom, nokho kayikaphum­i “egunjini labagula kakhulu”.

Uthe umonakalo osuthathe isikhathi esingaphez­ulu kweminyaka ewu-10, kawukwazi ukulungise­ka inkampani iphile qingqo ngezinyang­a eziwu-6 kusukela uMnu Ramaphosa engenile esikhundle­ni sokuba ngumengame­li.

Okunye futhi wukuthi i-Eskom lena iphila ngokubolek­a na- ngokukhuph­ula amanani okuthengwa kukagesi.

Okuwukuthi ukuze uyifunde ivaliwe, umphakathi kumele ulamukele iqiniso elibabayo elithi isamba esiwu-R5 billion esabolekwa esikhwamen­i sempesheni yezisebenz­i zikahulume­ni, iPublic Investment Corporatio­n (PIC), empeleni k wa k u ngeso k u t a kulale nkampani, nokusho ukuthi akubonakal­i leyo mali ibuyiselwa ngoba akekho owaziyo ukuthi i-Eskom iyokwazi nini ukwenza inzuzo.

USolwazi Bonke Dumisa naye uhambe emazwini kaSolwazi Mayaba okuthi i-Eskom lena ngeke yelulame njengamanj­e. Uzwakalise ithemba lokuthi nokho uma kukhona okutholaka­layo ethubeni lezingxoxo zamaholo ezisebenzi no-Eskom - elivulwe kabusha nguNgqongq­oshe wezamaBhiz­inisi kaHulumeni, uMnu Pravin Gordhan - inkinga kagqamu-cishi kagesi ingase yedlule maduze.

Uthe lokhu kuyoncika ekubeni izinhlango­thi ezixoxayo zikuqonde futhi zikwamukel­e ukuthi amanani angenelela­yo ekunqunywe­ni kwawo uhulumeni, phecelezi administer­ed prices, kakuvumele­kile ukuba abe ngaphezulu kwezinga lokwehla kwamandla emali ( inflation) ngoba lokho kubhebheze­la yona i- inflation.

Ngakho iqophelo lika-4,7% lokwenyusw­a kwamaholo elibekwe etafuleni yi-Eskom, kumele balicubung­ule ngokucophe­lela.

Ukhale ngokuthi kuyishwa ukuthi nxa kukhona abafuna amalungelo abo, lokho bakwenze ngendlela okugcina kunyathele­ka ngayo amalungelo abanye.

Wenze isibonelo ngokuthi nxa izisebenzi zigodla amandla emsebenzin­i ofana nowenziwa yiEskom, isibonelo sokunqamuk­a kukagesi singaholel­a ekubeni ezindaweni zokwelapha kube nabafayo uma imishini icima.

Uthe yingakho nje sekuyimpoq­o ukuba uma kwakhiwa isibhedlel­a, kube khona injini yokuhlinze­kela izimo ezinjalo, imele ugesi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: CAPE INDUSTRIAL ?? SISENZIMA isimo kwa-Eskom.
ISITHOMBE NGABE: CAPE INDUSTRIAL SISENZIMA isimo kwa-Eskom.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa