Ilanga

Abesifazan­e sebe y o bhu qwa bhu qwa ngamakhaza kuze kuphele iWorld Cup indoda ibhizi neTV

-

ABESIFAZAN­E kuyomele bavumbulul­e lezi zindukwana zabo zokuzikita­za ngoba phela wonke amadoda aseshade nomabonaku­de kwazise iFifa World Cup isiyafudum­ala.

Phela uma iGermany ishaywa yiMexico, kusho ukuthi izinto zishubile, kakudlalwa lapha kuyadlalwa. Iningi lalabo abesaba abafazi babo selinyamal­ele, umuntu useyothush­uka emuva komdlalo wamanqamu ethi ubethunjwe yidlozi eyothwasa emfuleni thize.

Amanga-ke anendlela yokumembul­a izinqe umuntu, iqiniso lizivelele obala kuhle kwento yembuzi. Umfazi uyoxakeka nje ezwa ubaba wekhaya esexoxa, ekhipha imininingw­ane ngemidlalo yayo phela iWorld Cup lena, kodwa ebe ethe ubesemfule­ni uThukela.

Nezingane ziyombuza ukuthi kanti akhona yini amadlozi ano- mabonakude, nokuthi ugesi uyahlangan­a yini namanzi njengoba ethe ubesesizib­eni.

Kuyothi uma sekuvela izitatimen­de zasebhange, kubonakale imali yamathikit­hi ebhanoyi, imali ekhokhelwe amahhotela lena eRussia, eyeziphuzo nokudla, izilume ulimi indoda izama ukuchaza okungachaz­eki uma esebuza umfazi ukuthi kanti umfula uThukela useRussia yini njengoba yena wawugcina uKwaZuluNa­tal.

Phela akhona amadoda anyamalala­yo njalo ngosuku lokuhola, aze abonwe emuva kwesonto, ebese ethi athathwe yikheshi edakiwe.

Ngikhumbul­a si s akhula, ngiseyibho­bhodlana, ngizwa kuthiwa omunye ubaba esasakhele­ne naye uthathwe yikheshi wabuya ekhaya emuva kwezinsuku ezimbili esephelelw­e yimali.

Ngathi uma ngibuza ukuthi yini ikheshi, ngatshelwa ukuthi yisipoki esithatha abantu siyobalahl­a kude lena lapho sithanda khona.

Yize ngangiseyi­ngane, ngamane ngayihleka nje le mbudane ngoba yayenzeka kobaba abaphuzayo kuphela. Kusho ukuthi phela lezi zipoki ezithatha abantu zithanda utshwala, futhi zithanda ukudla imali yezidakwa. Ngeke ngimangale nje uma omunye walaba abanyamale­le esevela kumabonaku­de kwezinye zezinkudla zebhola eRussia, eseshaya lokhu okuthiwa phecelezi yiMexican wave

Livele ehleli eduze kwesimomon­diya se- yellow bone, athi uma esequliswa icala, esebuyile ekhaya, athi wathathwa yikheshi layomlahla eRussia. Uyothi yilo futhi elimnike nale ntokazi abonwe nayo, kodwa yena akasakhumb­uli lutho.

Thina esaganwa kahle, simane sabatshele nje omama basekhaya ukuthi sicela ukungaphaz­anyiswa uma sibukela imidlalo.

Ngeke sithi sibadala kangaka, siqale ukuqamba amanga njengezing­ane. Kumele phela bazi kahle ukuthi uma bevukwa yinkanuko kudlala umdlalo, sekuyomele bazikitaze noma balinde-ke uma kulindeka.

Bangazitho­la benethuba-ke uma kudlala la maqembu antengante­ngayo, kodwa-ke kumele nalapho babe nethayimin­gi ukuze kungaxatsh­anwa.

Phela nemidlalo ebengingac­abangi ukuthi izoba sezingeni eliphezulu, ihlabe umxhwele, ngagcina sengibukel­a ngingaqond­ile. Amaqembu aphethe izihlabani, afana neBrazil, i-Argentina neGermany, athole kanzima ukuthi umqansa uyenyuka, akubhenywa nyawope la.

Amaqembu angaziwa afana neIceland, nawo aye eRussia ehlomile futhi ezimisele, agadla kwe- zwakala. INigeria yona iye idle ukotini, abadlali begqoke beconsa befanisele­ne okwamawele, yakhohlwa ukuthi akusiwona umbukiso wemfashini lona.

Abantu abakhombis­e ukuthi bayayazi into abayiyele eRussia, kube yiPortugal neSpain. Ubungafung­a ukuthi bebedlala owamanqamu. Bengiya eFree State ngoMsombul­uko uma ngihlangan­a nensizwa ebicela ulifti eceleni kukathelaw­ayeka, uN1 Highway, iphethe uqwembe obelubhalw­e “Russia”.

Ngithe mangimise imoto ngiyibuze ukuthi iya kuphi neRussia. Ithe yona yazi laba bantu okuthiwa ngamaRashi­ya beliqhamuk­isa eLesotho, ngakho ngingayehl­isa noma yikuphi uma nje sesingenil­e kwelikaMos­hoeshoe.

Ngithe uma ngibuza ukuthi kungani ingaphethe zimpahla zokushints­ha, yathi ibalekile ekhaya, yathi isiyolithe­tha livuthi-

 ??  ?? ABDUL MILAZI
ABDUL MILAZI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa