Ilanga

Bafe olwembiza abadayisi beTheku

Bakhala ngokuphucw­a iqatha emlonyeni

- ALUTA MBELE

BAKHALA ngokuphucw­a isinkwa abadayisi ababalelwa ku-120 abangekho emthethwen­i ngaphansi kukaMasipa­la weTheku emuva kokuba kuthe ngoMsombul­uko amaphoyisa kamasipala aphuma inqina ebathungat­ha, athatha nezinqola zabo.

Bathi umasipala uthe lezi zinqola zabo zibanga udoti edolobheni. Ngawo uMsombuluk­o ekuseni bahlangane epaki engaseCity Hall, naseKing Dinuzulu Park khona eThekwini, bebhunga ngalolu daba.

UMnu Mbuso Gumede (36), ohlala eMlazi, obehlele lo mhlangano - osedayise iminyaka ebalelwa ku-15 emigwaqwen­i yeTheku - utshele ILANGA ukuthi akwenziwe yilo masipala uyokuxoxel­a amagwababa echobana.

“Okusethuse kakhulu wukuzwa ngabantu ukuthi sizosuswa emigwaqwen­i, kuthiwa izinqola zethu ziwudoti ongcolisa iTheku. Nathi sizama impilo, kasinqabi ukwenza izicelo zezimvume zokudayisa, abanye bethu bayazenza kodwa zigcine zingaphuma­nga. Ngaleso sikhathi umndeni udinga ukudla, nezingane zidinga ukuya esikoleni,” kusho uMnu Gumede.

UNkk Nontobeko Zondi (40), ofika edolobheni ngabo-05h00 agoduke ngo-7 ntambama, uthi kuzoba nzima ukuba ayeke ukudayisa ngoba yiyona indlela aziphilisa ngayo le, emsiza ukondla amalungu omndeni wakhe amane. Kuyimanje kunengane ayifundi- sayo enyuvesi ngemali ayithola ngokudayis­a.

“Ngesaba nokutshela izingane zami ngalesi simo. Kusho ukuthi wukuphela kwempilo yami lokhu. Uma bekhankasa bafika kithina ngqo, ngiyethuka uma sesizwa ngabantu, sibona nasemaphep­heni ukuthi sizoxoshwa ngoba kuthiwa singcolisa iTheku ngodoti wethu,” kusho yena.

IBamba lokhulumel­a uMasipala weTheku, uMnu Mandla Nsele, lithe lolu hlelo - lokuxoshwa kwabadayis­i abangenazi­mvume - lwenze umehluko omkhulu njengoba amadolobha afana neSphingo neTheku, udoti odalwa yilaba badayisi ubungabonw­a.

“Amaphoyisa abephume ngobuningi bawo ukuqinisek­isa ukuthi konke kuhamba ngendlela. Siyacela abantu balandele umthetho kamasipala ukuze bengagcini sebebheken­e nengalo yomthetho,” kusho uMnu Nsele.

 ??  ?? UMNU Vusi Ngidi (48), osuka eNgwavuma, uthi impilo isinzima njengoba engasavuny­elwe ukudayisa ngenqola yakhe. Usedayise emgwaqweni iminyaka ewu-20.
UMNU Vusi Ngidi (48), osuka eNgwavuma, uthi impilo isinzima njengoba engasavuny­elwe ukudayisa ngenqola yakhe. Usedayise emgwaqweni iminyaka ewu-20.
 ?? IZITHOMBE NGU: ALUTA MBELE ?? BEBEPHUME ngothi lwabo abadayisi abangekho emthethwen­i, behlangene eGugu Dlamini Park, eWorkshop, eThekwini beyodingid­a udaba lokungafun­wa kwabo wuMasipala weTheku.
IZITHOMBE NGU: ALUTA MBELE BEBEPHUME ngothi lwabo abadayisi abangekho emthethwen­i, behlangene eGugu Dlamini Park, eWorkshop, eThekwini beyodingid­a udaba lokungafun­wa kwabo wuMasipala weTheku.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa