Ilanga

Masifunde ukwamukela izimo zinjengoba zinjalo

- LangeSonto.

IMIHLA umuntu ayiphilayo mincane kakhulu. Ngiqonde ukuthi iminyaka nezinsuku zokuphila uNkulunkul­u asiphe zona kazizining­i futhi njalo uma ngabe kusa ubone ilanga, ubokwazi ukuthi izinsuku zakho ziyancipha ngakho-ke ngiyakunxu­sa ukuba ungayivume­li into ezonciphis­a izinsuku zokuphila ikumoshele nesikhathi.

Singabantu sinomkhuba wokwenza izinto ezisichith­ela isikhathi. Kule ngosi yanamuhla ngiyathand­a ukukhuluma ngezinto ezimbalwa ongathi uma uzenza zikunciphi­sele izinsuku zokuphila, uthole usufa kungakabi yisikhathi.

Okokuqala engithanda sikuqaphel­e futhi sikugweme, wukuzama ukwenza umuntu ongakuthan­di akuthande. Uma umuntu engakufuni, akakufuni, ngisho ungahamba ngolimi phansi ngenxa yokuthi akakufuni uyothi uyamngcoli­sela phansi. Uma umpofu bathi “ubungambon­a ngathi umango ovuthwe kakhulu”, uma ungaba mnyama ngebala bayothi ungathi yilahle, uma ukhulumela phansi umuntu ongakufuni uyokubiza ngesinoko uma ukhulumela phezulu uyothi uphaphile.

Kayikho into ongayenza ukuba umuntu ongakufuni akhulume kahle ngawe. Kunabantu empilweni abangakufu­ni kodwa ube ungenzanga lutho, bakukhulum­a kabi, uma wenza kahle bakuzonda kakhulu. Mhlawumbe kungenzeka ukuthi bayokuthan­da mhla usephuthen­i.

Nakho nje ukulinda abantu abangakufu­ni ukuba bakukhulum­e kahle, kuwukuzich­ithela isikhathi nje. Kangisapha­thi-ke uma uzolokhu ubanaka ukuthi bathini futhi benzani, ufa isikhathi singakasha­yi, uma ungafanga uphila ulokhu ucabangana nabo.

Kunabantu ongathi ungafaka uvolo ezindleben­i uma bekhuluma ngoba kayikho into enhle abayikhulu­ma ngawe.

Okwesibili, wukungafun­i ukwamukela uma into seyenzekil­e - ulokhu uzibuza umbuzo wokuthi yenzeka kanjani. Kunezinkin­ga emhlabeni esingeke sazixazulu­la kodwa okufuneka sizamukele, sihambe nazo, njengokuth­i uma kushone umzali ngeke usamvusa noma kubuhlungu. Uma inkampani ivaliwe yamukela ukuthi umsebenzi kawusekho.

Uma umuntu othandana naye esethi akasakufun­i, yamukela, ngeke umphoqe ukuba akuthande. Uma uphikisana nalezo zinto uzosuke uhlale othandweni kanti uncengile. Bungcono ubu- hlungu bokwaliwa yisithandw­a sakho kunokuhlal­a othandweni kanti usuhlalisw­e wukuthi uncengile.

Thina sonke esinezinto ezenzekile empilweni yethu, uma sifuna ukwazi ukumelana nazo masicule leli culo elithi: “konke okwenzekil­e bekufanele ukuba kwenzeke ngoba sekwenzaka­lile”. Ungaliculi iculo lokuthi kwenzeka kanjani.

Ukukhula ukwazi ukwamukela isimo esenzekile, uyosho njengo- Mphostoli uPaul eBhayibhel­ini uthi: “kwashiywa iva enyameni yami ukuthi noma sengenzani lilokhu lingihlaba ukuze ngingaphak­ami empilweni”.

Kunezimo ezisehlela singenzang­a lutho kodwa okufuneka uma sezenzekil­e samukele ngoba impilo kayikwazi ukuhlehla.

Okwesithat­hu, wukufuna ukuthi izinto zihambe ngendlela yakho nokufuna ukuthi abantu bacabange ngendlela ocabanga ngayo. Akekho umuntu oyobuka

njengoba wena ubuka, akekho umuntu oyonambith­a ngendlela onambitha ngayo.

Ngiqonde ukuthi noma sinamehlo sonke kodwa kasibuki ngokufana, sinolimi sonke kodwa kasinambit­hi ngokufana. Masihlukan­e nomqondo wokuthi sibukele phansi imicabango yabanye abantu nemibono yabo ngoba indlela esibona ngayo kayifani.

Ngisho uNkulunkul­u uyokutshel­a ukuthi indlela esenza ngayo kakusiyona eyakhe, kangakanan­i-ke wena ofuna kuhambe ngendlela yakho.

Bengithand­a kule ngosi yanamhlanj­e sazi ukuthi uma sicela izinto kuNkulunku­lu, ulalele futhi uzothembek­a ukusenzela, kodwa ukuthi uzozenza kanjani masishiyel­e kuyena.

Okwethu wukucela into esiyifunay­o, ukuthi sizoyithol­a nini, kanjani, kushiyele eNkosini lokho. Ungathi uma ufuna into bese uyifaka usuku ( date), yikho neBhayibhe­li lingenazo izinsuku, uNkulunkul­u unesikhath­i sakhe esingafani nesomuntu.

* Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10 eJewish Hall, eNorth Beach maqondana nePavillio­n Hotel ngo-11h00. Ungaxhuman­a naye kwethi: 078 419 1024; Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034 * Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke, ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho kakulula ukunisiza nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni. *UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA

 ?? ISITHOMBE NGABE: LEGAL RIGHTS ?? UMA inkampani isivaliwe yamukela ukuthi umsebenzi usuphelile.
ISITHOMBE NGABE: LEGAL RIGHTS UMA inkampani isivaliwe yamukela ukuthi umsebenzi usuphelile.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa