Masifunde ukwamukela izimo zinjengoba zinjalo
IMIHLA umuntu ayiphilayo mincane kakhulu. Ngiqonde ukuthi iminyaka nezinsuku zokuphila uNkulunkulu asiphe zona kaziziningi futhi njalo uma ngabe kusa ubone ilanga, ubokwazi ukuthi izinsuku zakho ziyancipha ngakho-ke ngiyakunxusa ukuba ungayivumeli into ezonciphisa izinsuku zokuphila ikumoshele nesikhathi.
Singabantu sinomkhuba wokwenza izinto ezisichithela isikhathi. Kule ngosi yanamuhla ngiyathanda ukukhuluma ngezinto ezimbalwa ongathi uma uzenza zikunciphisele izinsuku zokuphila, uthole usufa kungakabi yisikhathi.
Okokuqala engithanda sikuqaphele futhi sikugweme, wukuzama ukwenza umuntu ongakuthandi akuthande. Uma umuntu engakufuni, akakufuni, ngisho ungahamba ngolimi phansi ngenxa yokuthi akakufuni uyothi uyamngcolisela phansi. Uma umpofu bathi “ubungambona ngathi umango ovuthwe kakhulu”, uma ungaba mnyama ngebala bayothi ungathi yilahle, uma ukhulumela phansi umuntu ongakufuni uyokubiza ngesinoko uma ukhulumela phezulu uyothi uphaphile.
Kayikho into ongayenza ukuba umuntu ongakufuni akhulume kahle ngawe. Kunabantu empilweni abangakufuni kodwa ube ungenzanga lutho, bakukhuluma kabi, uma wenza kahle bakuzonda kakhulu. Mhlawumbe kungenzeka ukuthi bayokuthanda mhla usephutheni.
Nakho nje ukulinda abantu abangakufuni ukuba bakukhulume kahle, kuwukuzichithela isikhathi nje. Kangisaphathi-ke uma uzolokhu ubanaka ukuthi bathini futhi benzani, ufa isikhathi singakashayi, uma ungafanga uphila ulokhu ucabangana nabo.
Kunabantu ongathi ungafaka uvolo ezindlebeni uma bekhuluma ngoba kayikho into enhle abayikhuluma ngawe.
Okwesibili, wukungafuni ukwamukela uma into seyenzekile - ulokhu uzibuza umbuzo wokuthi yenzeka kanjani. Kunezinkinga emhlabeni esingeke sazixazulula kodwa okufuneka sizamukele, sihambe nazo, njengokuthi uma kushone umzali ngeke usamvusa noma kubuhlungu. Uma inkampani ivaliwe yamukela ukuthi umsebenzi kawusekho.
Uma umuntu othandana naye esethi akasakufuni, yamukela, ngeke umphoqe ukuba akuthande. Uma uphikisana nalezo zinto uzosuke uhlale othandweni kanti uncengile. Bungcono ubu- hlungu bokwaliwa yisithandwa sakho kunokuhlala othandweni kanti usuhlaliswe wukuthi uncengile.
Thina sonke esinezinto ezenzekile empilweni yethu, uma sifuna ukwazi ukumelana nazo masicule leli culo elithi: “konke okwenzekile bekufanele ukuba kwenzeke ngoba sekwenzakalile”. Ungaliculi iculo lokuthi kwenzeka kanjani.
Ukukhula ukwazi ukwamukela isimo esenzekile, uyosho njengo- Mphostoli uPaul eBhayibhelini uthi: “kwashiywa iva enyameni yami ukuthi noma sengenzani lilokhu lingihlaba ukuze ngingaphakami empilweni”.
Kunezimo ezisehlela singenzanga lutho kodwa okufuneka uma sezenzekile samukele ngoba impilo kayikwazi ukuhlehla.
Okwesithathu, wukufuna ukuthi izinto zihambe ngendlela yakho nokufuna ukuthi abantu bacabange ngendlela ocabanga ngayo. Akekho umuntu oyobuka
njengoba wena ubuka, akekho umuntu oyonambitha ngendlela onambitha ngayo.
Ngiqonde ukuthi noma sinamehlo sonke kodwa kasibuki ngokufana, sinolimi sonke kodwa kasinambithi ngokufana. Masihlukane nomqondo wokuthi sibukele phansi imicabango yabanye abantu nemibono yabo ngoba indlela esibona ngayo kayifani.
Ngisho uNkulunkulu uyokutshela ukuthi indlela esenza ngayo kakusiyona eyakhe, kangakanani-ke wena ofuna kuhambe ngendlela yakho.
Bengithanda kule ngosi yanamhlanje sazi ukuthi uma sicela izinto kuNkulunkulu, ulalele futhi uzothembeka ukusenzela, kodwa ukuthi uzozenza kanjani masishiyele kuyena.
Okwethu wukucela into esiyifunayo, ukuthi sizoyithola nini, kanjani, kushiyele eNkosini lokho. Ungathi uma ufuna into bese uyifaka usuku ( date), yikho neBhayibheli lingenazo izinsuku, uNkulunkulu unesikhathi sakhe esingafani nesomuntu.
* Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10 eJewish Hall, eNorth Beach maqondana nePavillion Hotel ngo-11h00. Ungaxhumana naye kwethi: 078 419 1024; Ungamshiyela nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034 * Kubo bonke abafundi bephephandaba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphendula nonke, ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho kakulula ukunisiza nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhuluma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhulekweni. *UPastor Sthembiso Zondo ngumeluleki nomethuli wezinkulumo ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinkinga zempilo nezothando kwiLANGA