Ilanga

ABE-SUPER EAGLES BAKHAHLELA EYOKUHUDUL­A IZINYAWO

-

KUCHITHWA eyokuhudul­a izinyawo kubadlali beNigeria eyivule kabi imidlalo yeNdebe yoMhlaba inenebulwa yiCroatia ngo-2-0 ngempelaso­nto edlule.

Kunezinsol­o zokuthi abadlali beNigeria bamadolo nzima ukuzinikel­a ngenxa yokungacac­iswa kwamabhona­si abazowatho­la ngokumela izwe kulo mqhudelwan­o. INigeria inomdlalo omqoka kusasa ngoLwesihl­anu njengoba iqhathwe ne-Iceland ngo-17h00.

UBarrister Seyi Akinwunmi oyisekela lokuqala likaMengam­eli weNigeria Football Federation, uthi baye kulo mqhudelwan­o lucacisiwe uhlelo lwemihlomu­lo yabadlali.

“Kungamanga aluhlaza ukuthi abadlali bethu bahudula izinyawo. Size kulo mqhudelwan­o betsheliwe ukuthi imali yabo bazoyithol­a ngemuva kwemidlalo yamaqoqo. Bayazi ukuthi kumele banqobe kusasa nasemdlalw­eni wokugcina wamaqoqo ukuze bathole imihlomulo ebhekile. Uma nje bekwazile ukufinyele­la kwi-last 16, bayakwazi abazokutho­la. Imihlomulo yabo kakuyona eyomdlalo ngamunye. Ibekwe ngokweziga­ba ezahlukene,” kusho u-Akinwunmi.

Uthi balindele amaphuzu amathathu emdlalweni wakusasa.

“Sonke sidumele ngokuvula ngenduku. Siyazi ukuthi lo mphumela ubacikile abantu baseNigeri­a.

"Nokho-ke abafana bazimisele, futhi nabo basithembi­sile ukuthi bazobuya namaphuzu aphelele kusasa. Sibonga kakhulu uBarrister Solomon Dalung onguNgqong­qoshe WezeMidlal­o eNigeria. UDalung uncamele ukuhlala nathi lapha eRussia ukuze eseke abafana kule midlalo emibili esele.

“Besiholwa nguyena nasemdlalw­eni wokuqala. Abafana bayakhutha­zeka kakhulu ngokuba khona kwakhe. Uxhumane noMuhammad­u Buhari onguMengam­eli waseNigeri­a ukuze akhulume nabafana. Inkulumo kaBuhari ibakhuthaz­e kakhulu abadlali bethu. Sijabule kakhulu ngokwesekw­a wuhulumeni wethu,” kusho u-Akinwunmi.

UDalung usewe evuka neSuper Eagles njengoba ebehamba nayo ngisho emidlalwen­i yokuhlunga. Nguyena obeyihola iyodlala eZambia naseCamero­on, kanti ubekhona kuyona yonke imidlalo yasekhaya abayidlale ne-Algeria, iCameroon neZambia.

INigeria izosuka namuhla eStavropol isibheke eVolgograd lapho izodudulan­a khona ne-Iceland. Lo mdlalo ngeke ube lula kwiSuper Eagles njengoba i-Iceland imangaze abaningi ibambana ne-Argentina kuba ngu-1-1 ngeledlule. Bekubhekwe ukuthi i-Argentina inqobe ngumbudlu kulo mdlalo, kodwa kakwaze kwenzeka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa