Ilanga

Kumqinise ukhakhayi ukuxoshwa yiPirates

Akayibambe­le igqubu ngokumchit­ha engazelele

- NHLANHLA HUDLA

UDALULE ukuthi kumqinise ukhakhayi ukuxoshwa yi-Orlando Pirates uMenzi Masuku ongumgadli weBloemfon­tein Celtic esanda kwethula uSteve “Mphathi” Komphela njengomqeq­eshi wayo omusha.

UMasuku ungene ngelikhulu ishodi ebholeni elikhokhel­ayo edlala kwiBucs nakumaJita (SA U/20).

Nokho uxoshwe engazelele ehambe namaJita njengoba ebuye esetshelwa ukuthi kumele ayojoyina iChippa United asuke kuyona walibangis­a kwiCeltic.

Lo mdlali odabuka KwaMashu, enyakatho yeTheku, utshele ILANGA ukuthi akayibambe­le igqubu iPirates ngokumxosh­a kabuhlungu, kwazise ukuhamba kuyona kumqinise kakhulu ukhakhayi.

“Nakuba sengiwumdl­ali weCeltic kodwa kuningi engikufund­e ngidlala kwiPirates, abadlali bayo abadala bangakhile,” kusho lo mgadli.

Udalule ukuthi unezifiso ezinkulu njengoba esalubalub­ela nokunqoba isicoco se-Absa Premiershi­p ngolunye usuku kanjalo nokugijima emaligini amakhulu ase-Europe.

Uthi usengakuja­bulela ukudlubha ijezi lamaBhakab­haka ngolunye usuku.

Lo mdlali ngoLwesibi­li uhambele esikoleni ayefunda kusona, iNgazane Primary School, KwaMashu, ukuyonikel­a ngomfanisw­ano wesikole ezinganeni eziswele nangezinto zokudlala unobhutshu­zwayo ngaphansi kohlelo lwakhe olubizwa ngeMasuku Legacy Foundation.

UMasuku kulolu hambo ubepheleze­lwa nguThamsan­qa Mkhize ogijima kwiCape Town City noAndile “Carrot” Fikizolo weLamontvi­lle Golden Arrows.

Uphethe ngokuthi unesifiso sokuhambel­a nezikhungo ezihlala abantu asebekhuli­le ukuyonikel­a ngokuthile ngenhloso yokubuyise­la emphakathi­ni.

Uthi ulandela ezinyathel­weni zikamkhulu wakhe owabe ewusizo emphakathi­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa