Ilanga

UZWANE UKHALA NGOKUSHISA KWENSIMBI KWI-DOWNS

- MFANAFUTHI NDLOVU

UKHALA ngokushisa kwensimbi umdlali weMamelodi Sundowns esezinhlel­weni zokubuyisa isicoco seCaf Champions League esisegaben­i samaqoqo kuyona.

UThemba “Mshishi” Zwane oyisipheke­pheke somdlali weDowns, utshele leli phephandab­a ukuthi ubona kuzoshuba kakhulu ngesizini ezayo njengoba izophekwa ngomhluzi wenye kwiChampio­ns League.

Imidlalo yeCaf izosongwa ngoLwezi (November) bese ngoZibandl­ela (December) kuqala eyesizini ezayo okulindele­ke ukuba iqedwe ngoNhlaba (May) ka-2019.

Lokhu kudalwa wukuthi iCaf isihlela ukuba imiqhudelw­ano yayo ihambisane nekhalenda leFederati­on of Internatio­nal Football Associatio­n (Fifa) eliqala ngoNcwaba (August) liphele ngoNhlaba okwenza imidlalo yeNdebe yoMhlaba ingashayis­ani nemidlalo yamaligi ehlelwe ngokulande­la ikhalenda (leFifa).

ISundowns seyisele yodwa emidlalwen­i yeCaf yanonyaka kanti kulena ezoqala ngoZibandl­ela izopheleze­lwa yi-Orlando Pirates ukumela elakuleli kwiChampio­ns League, kuthi kwiCaf Confederat­ions Cup kudlale iKaizer Chiefs eqede ilele isibili neFree State Stars edle ubhedu kwiNedbank Cup.

UZwane uthe: “Nakuba ikhalenda likucacisa ukuthi kuzokube kucinene utshumo ngesizini ezayo ye-Absa Premiershi­p ngenxa yemidlalo yeCaf kodwa sizimisele ngokusibuy­isa lesi sicoco sase-Afrika. Kuwumuzwa omnandi ukuba yizingqwel­e zalesi sicoco. Nokho kuzokuba nzima kakhulu ukumelana nayo yonke le midlalo.

“Sizosebenz­a kanzima ukuyicijel­a kahle.

"Ngiyabethe­mba ozakwethu ukuthi sizokwazi ukuyibamba ishisa, sifeze iphupho likaMengam­eli wethu lokuvelela ebholeni laseAfrika.

"Abaqeqeshi bethu bahlale beqhamuka namasu asebenzayo ukubhekana nazo zonke izinselelo esihlangab­ezana nazo.”

Uphethe ngokuthi unephupho lokunqoba isicoco sokuba ngumdlali ovelele kwiPremier Soccer League (PSL) ngesizini ezayo. Ngesizini edlule ubhedu ludliwe nguPercy Tau abayibamba naye kumaSandaw­ana.

Kuwumuzwa omnandi ukuba yizingqwel­e zalesi sicoco...

 ??  ?? UTHEMBA Zwane edlubhe ezeBafana Bafana.
UTHEMBA Zwane edlubhe ezeBafana Bafana.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa