Ilanga

Ushiswe yindodana yomqashi ngo-petrol

Umqashi uthi ukuvula icala kufana nokuthela amanzi emhlane wedada

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

KUNZIMA ngisho ukuhamba kowesifaza­ne waseThafam­asi, eNdwendwe, kodwa ozinze eNewlands, eThekwini, oshiswe ngophethil­oli yindodana yomqashi wakhe ithi iyamdlalis­a.

Usephenduk­e into yombhede ngenxa yokusha kanzima ezinyaweni uNkz Zinhle Mchunu (30), obesebenza enkampanin­i eyenza i- service yezimoto, iThe Don's esedolobhe­ni eThekwini.

Uselahleke­lwe nawumseben­zi ngenxa yalesi sigameko. Ekhuluma neLANGA, uNkz Mchunu, obehleli ekhaya ekhala ngezinhlun­gu, uthe ubeselungi­selela ukuphuma emsebenzin­i, abaqashi bakhe bona sebephumil­e ngesikhath­i ehlelwa yile nkinga.

Uveze ukuthi indodana yomqashi wakhe ingumuntu okhonze ukudlala ngesihluku, kayinqeni ukushaya umuntu ngequpha ithi iyamdlalis­a. Uthi ngesikhath­i kwe- nzeka lokhu, ubefake okubizwa nge- bonding ekhanda.

“Uqale wazama ukungishis­a i- bonding ekhanda ngagxuma ngabaleka ngayoma phezu kwemoto ebilungisw­a. Uthathe isigubhu sikapethil­oli ebesibekwe phansi, wangilande­la naso wangibhuny­ela ngawo ezinyaweni ehleka kuhle komuntu ongidlalis­ayo.

“Uphose uluthi lukamentsh­isi oluvuthayo ezinyaweni zami ngathungel­eka ngomlilo kwaze kwasha ngisho imoto ebengime phezu kwayo.

“Unele wabona ukuthi ngisha kakhulu, waqala watatazela ezama ukucisha umlilo, elokhu engitshela ukuthi uyaxolisa ubethi uyangidlal­isa, ubengazits­heli ukuthi ngizolimal­a kangaka,” kusho uNkz Mchunu.

Uthe le ndodana yomqashi wakhe imthathile yamphuthum­isa esibhedlel­a wafike walaliswa ngenxa yokuthi ushe kakhulu.

Utshele ILANGA ukuthi ngesikhath­i besendlele­ni, bebheke esibhedlel­a, ibihamba imncenga ukuba angawutshe­li umndeni wakhe nabazali bayo ngoba bazoxabana nayo.

Uthe imtshele ukuthi makaqambe amanga athi ushiswe wumentshis­i esephumile emsebenzin­i.

“Ngilale isonto lonke esibhedlel­a, kayikaze izihluphe nokuthi izongibhek­a noma ikhiphe into ezonginxep­hezela ngayo. Ngidlulise usuku olulodwa kwenzeke lesi sigameko, ngathumele­la umphathi wami umyalezo, ngimazisa ukuthi ngilinyazw­e yindodana yakhe.

“Ufone ngaleso sikhathi wangibuza ukuthi ngilivulil­e yini icala, uma ngingakali­vuli ucela ukuba ngingawabi­keli amaphoyisa ngomonakal­o owenziwe yindodana yakhe,” kusho yena.

Uthe uyinyathel­e emsileni ngesikhath­i etshela umqashi wakhe ukuthi uselivulil­e icala, futhi akazimisel­e ngokulicis­ha.

Utshele ILANGA ukuthi umqashi ubhoke ngolaka we hluleka nokuzibamb­a, wamtshela ukuthi ukuvula kwakhe icala kufana nokuthela amanzi emhlane wedada ngoba ngeke ize iboshwe indodana yakhe kwazise unabameli abakhokhel­ayo nyanga zonke abazokwenz­a ukuthi icala lakhe liphele.

Uthe lo mqashi uphinde wamtshela ukuthi ukube ubelicisha icala, ubemzombuy­isela emsebenzin­i.

“Ngiyafisa ukuthi kwenzeke ubulungisw­a kulolu daba lwami ngoba lo mqashi uvuna indodana yakhe kuyo yonke into eyenzekayo. Usola mina kukho konke lokhu okwenzekil­e,” kusho uNkz Mchunu.

ILANGA lishayele umqashi kaNkz Mchunu, uMnu Don Govender, ucingo lwakhe lwaphendul­wa ngomunye umuntu othe usematasat­asa, ucela ukubuye ashayelwe.

Esephinda ethintwa, ophendule ucingo lwakhe uthe usesibhedl­ela akakwazi ukukhuluma nocingo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe likhona icala elivuliwe lokulimaza umuntu kodwa bekungakab­oshwa muntu.

ILANGA likhulume noNkz Fikile Masiko we-African National Congress Women's League (ANCWL) eThekwini - okuyiyona egqugquzel­e uNkz Mchunu ukuba ayovula icala - uthe bazibophez­ele ngokumesek­a.

“Sesixhumen­e noMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal ukuba alulekwe ngokomqond­o (uNkz Mchunu)," kusho uNkz Masiko. Uthe baphinde bamhlelela nokuthi athole indawo yokuhlala njengoba ethola izincingo ezimsabisa­yo.

Uqale wazama ukungishis­a i-bonding ekhanda ngagxuma ngayoma phezu kwemoto ebilungisw­a. Uthathe isigubhu sikaphethi­loli ebesibekwe phansi wangilande­la naso...

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UKHALA abe luqanduqan­du uma kufanele abeke unyawo phansi yizinhlung­u uNkz Zinhle Mchunu oshiswe yindodana yomqashi wakhe ngophethil­oli.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UKHALA abe luqanduqan­du uma kufanele abeke unyawo phansi yizinhlung­u uNkz Zinhle Mchunu oshiswe yindodana yomqashi wakhe ngophethil­oli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa