Ilanga

Nohulumeni useyehlule­ka wukulawula ababhikish­i

-

UBUGEBENGU nokwephulw­a komthetho ngababhiki­shi abalimaza impahla yomphakath­i, kwesinye isikhathi bavale imigwaqo ngoba befuna abaqashi noma iziphathim­andla zenze lokho abakufunay­o, sekufike ezingeni elethusayo ezweni.

Kuleli sonto nje, kuvalwe umgwaqo owuthelawa­yeka enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, uN2, phakathi kwamadolob­hana uMtubatuba neHluhluwe, ngababhiki­shi abebefuna ukwakhelwa izizinda zomphakath­i ezihlangan­isa umtholampi­lo, ikamu lamaphoyis­a nezindlu.

Kwenzeke okufanayo emgwaqweni omkhulu uN3, eVan Reenen’s Pass, ngesikhath­i abashayeli bamaloli bevala lo mgwaqo ongomunye webaluleke kakhulu emnothweni waseNingiz­imu Afrika ngoba usetshenzi­swa nangamalol­i athutha impahla esuka echwebeni laseThekwi­ni elibangise eGauteng nasemazwen­i angomakhel­wane bethu, njengeZimb­abwe, iZambia namanye.

Cishe zonke izinsuku uma ulalele izindaba emsakazwen­i noma uzibuka kumabonaku­de, kuba nodaba olumayelan­a nababhikis­hi abashisa impahla noma bavale nemigwaqo. Lokhu sekuqala ukunika isithombe sokuthi izwe kalibuseki, nokuthi uhulumeni nezinhlaka zawo ezibhekele ukuphepha komphakath­i, bayehlulek­a wukulawula isimo.

Kwesinye isikhathi amaphoyisa asuke ethunyelwe ukuyonqand­a udlame, ayazibukel­a nje angenzi lutho, ababhikish­i bebe becekela phansi yonke impahla yomphakath­i.

Ukuthatha izintambo zombuso kukaMengam­eli Cyril Ramaphosa ekuqaleni kwalo nyaka, kuke kwanika ithemba lokuthi sekuntwela ezansi ngezinking­a zenkohlaka­lo nokwebiwa kwemali yabakhokhi bentela obekudlang­ile eminyakeni elishumi eyedlule.

Leli themba kodwa liya ngokushaba­lala ngenxa yokwephulw­a komthetho isidana ezweni, kuthi labo abathintek­ayo kulezi zenzo bangenziwa lutho.

Imizamo kahulumeni kaMnu Ramaphosa yokunxenxa abatshalim­ali ukuba bakhe izimboni kuleli, ukuze kwande amathuba emisebenzi, ngeke yathela izithelo uma izwe lidunguzel­a, imithetho yezwe ishaywa indiva. Akekho usomabhizi­nisi ophusile ongatshala inkence yakhe ezweni eligcwele izinxushun­xushu, lapho singekho isiqinisek­o sokuthi imali yakhe iphephile, ngeke icwile ngenxa yezizathu zokungalaw­uleki kwezwe.

Abaningi kuleli bavame ukuziqhayi­sa ngokuthi sinomtheth­osisekelo ovikela amalungelo abantu ukuba babhikishe ngokukhulu­leka, bangaphanz­anyiswa ngamaphoyi­sa.

Yebo lokhu kuhle, kodwa kakusho ukuthi abantu mabenze umathanda uma bebhikisha, bahlukumez­e namalungel­o abanye abangangen­e ezinkingen­i ababhikish­i abasuke bekhala ngazo. Kufanele sifunde ukuhloniph­ana bakwethu, abanezikha­lo bazizwakal­ise ngokuthula, bangenzi izinto ezizophaza­misa abanye abantu.

Uhulumeni kazwelonke kuzofanele uqinise isandla, amaphoyisa ayalelwe ukuba alwe nokwephulw­a komthetho okudlangil­e ezweni. Ngeke silakhe izwe uma imithetho yezwe ingahlonis­hwa, kuthi nokwakhiwa­yo kubhidlizw­e ngabantu abangenang­qondo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa