Ilanga

ISILO SIFUNA UKUGUBHA NESIZWE SASO

- MTHOBISI SITHOLE

SIZOGUBHA usuku lwaso lokuzalwa noZulu wonkana iSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u njengoba sesihlabe ikhwelo lokuba isizwe sonke siphelele oNdini ngenhloso yokuba sikhulume ngezinto eziningi ezithinta sona isizwe.

Sizobe sibhoboka ngezinto ezithinta isizwe samaZulu kulo mcimbi ozokuba senkundlen­i yemidlalo yasoNdini mhla ka-4 kuNtulikaz­i (July).

Okhulumela iNdlunkulu, uMntwana uThulani Zulu, uthe iSilo ngeke sishiye ngaphandle isizwe saso uma sigubha iminyaka ewu-70 yobudala newu-46 sihleli esihlalwen­i.

Uthe okunye okuzobe kuseqhulwi­n, wukuba kukhunjulw­e usuku lapho amaNgisi abuyela oNdini kwashiswa isigodlo seSilo uCetshwayo mhla zizine kuNtulikaz­i ka-1879.

“Umlando yiwona obaluleke kakhulu ukuze nentsha ekhulayo ikuqonde kahle kamhlophe okwakwenze­ka eminyakeni edlule. Kule mbizo kuzoqalwa ngomgubho omkhulu sikhumbule umonakalo owenziwa ngamaNgisi bese kulandela nokugubha le minyaka yeMbube iqhwakele esihlalwen­i,” kusho uMntwana uThulani.

Ngokusho kwendlunku­lu, le mbizo ebizwa ngokuthi “Ngangezwe”, kakukhethi­we ubulili kubantu abazobe bekhona, kodwa iSilo sicela wonke uZulu aphelele khona. Ithi isizwe kumele sikuqonde ukuthi iSilo siyafisa ukuhlangan­a naso ukuze kubhekwe ngasolinye okuqhubeka­yo KwaZulu-Natal.

"Kasiyazi yonke inkulumo yeSilo, kodwa sona sizobe sizikhulum­ela ngqo nomphakath­i, yingakho sithi bonke abantu mabaphelel­e bayozizwel­a,” kusho uMntwana uThulani.

"Kuzokhumbu­leka ukuthi indaba eluma kabuhlungu kubantu abaningi bakulesi sifundazwe ikakhuluka­zi amakhosi naso iSilo - okucacayo wukuthi ngeke isale kulo mcimbi, ngeyesipha­kamiso sokuba kuqedwe iNgonyama Trust eyengamele umhlaba ongaphansi kwamakhosi.

ISilo yisona esingumnik­azi walo mhlaba. Lesi siphakamis­o sikhishwe yithimba ebeliholwa nguMnu Kgalema Motlanthe, kuyimanje iSilo sithi sifuna ukuhlangan­a noMengamel­i Cyril Ramaphosa badingide lolu daba.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa