Izisebenzi zikamasipala zibhunyele abaqashi ngendle
Indaba isuswe ukuthi baholelwe imali engaphelele
KUVIMBANISE iphunga elesabekayo izolo ngoLwesithathu, emahhovisi kaMasipala wesiFunda uThukela, emuva kokuba izisebenzi ebezivutha zingabaselwe zibhunyele izimoto ngendle.
Kuthiwa lezi zisebenzi zenza lokhu nje, zicasulwa wukuholelwa imali engaphelele nokungafakwa kweye- overtime.
ILANGA lithole ukuthi kusukela ngoMsombuluko izisebenzi bezifuna izikhulu ukuba ziyochaza kahle ukuthi kungani zihole imali engaphelele. Kuthiwa imenenja, uMnu Sifiso Kunene kayiyanga, kodwa ithumele abathile ukuba bayoyimela, okwenze izisebenzi zathukuthela kakhulu.
Ngokubona kuhamba isikhathi iziphathimandla zingafiki, izolo ekuseni izisebenzi kuthiwa zithathe ugandaganda (iTLB) zayokha indle ndawana thize, zayobhunyela ngayo izimoto zikamasipala okubalwa nezezikhulu.
Umthombo weLANGA obuyingxenye yezisebenzi, uthi okubacasule kakhulu wukungahlonishwa kwabo njengezisebenzi nguMnu Nene abebefuna abachazele ukuthi kwenzekeni ngemiholo yabo.
“NgoMsombuluko cishe zonke izisebenzi zithole imiholo engaphelele. Sithe uma sicela ukuba imenenja ize kithina izochaza ukuthi yini edale ukuba sithole imiholo engaphelele, kwathunyelwa abathile esibatshele ukuthi kasizimisele ukukhuluma nabo kodwa mababuye nemenenja kamasipala ukuze sizoxoxa nayo.
“Sihlalile kusukela ngoMsombuluko kwaze kwaba wuLwesithathu singazitholi izimpendulo futhi kungekho muntu osichazelayo ukuthi kwenzekeni.
“Sibone ukuthi kugcono siziyele emahhovisi siyobageza ngayo indle ukuze bezozwa ukuthi kubuhlungu kangakanani ukusebenza unukelwa yindle ujike ungaholelwa ekupheleni kwenyanga. Lokhu kasikwenzi ngoba sithanda, kodwa nathi sinemindeni okumele siyondle, sinezinto okumele sizikhokhele.
“Ukube izikhulu bezisihlonipha, bezizoza kithina zizosichazela ukuthi kwenzekani,” kusho umthombo.
Ngaphandle kwalokho, uthi ngisho besemsebenzini kabahlinzekwa ngezinto ezizobavikela, ikakhulukazi abasebenza ngendle.
Uthi kabatholi ngisho imijovo ezobavikela ezifweni njengoba behogela indle mihla namalanga.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kwaZulu-Natal, uMnu Msawakhe Mayisela, uthe bewumnyango kabahambisani nendlela izisebenzi ezigcine seziziphatha ngayo.
Uthe kube khona ukungaboni ngasolinye ngokukhokhelwa ama- overtime, okuvumeleke ukuthi kube ngamahora angama-40 ngenyanga eyodwa.
Kube sekuhlalwa phansi kuzanywa ukulungiswa lesi simo, okuyilapho kuvunyelwene khona ukuthi izisebenzi zizokhokhelwa lesi sikhathi esingaphezulu, ngokusho kukaMnu Mayisela.
Uthi kuthe kusalindwe ukuthi i-chief financial officer (CFO) idedele imali, yangatholakala okuyilapho izisebenzi zidinwe khona.
Kuvela ukuthi kuthe kuqala kungena imali zabe sezi- wenzile umonakalo.
“Sifisa ukuthi umthetho wenze okufanele ngoba le nto eyenzeke kulo masipala kayemukelekile. Kakukwazi ukuthi kulungiswe ukungaboni ngasolinye ngale ndle- la okwenzeke ngayo,” kusho uMayisela.
Usomlomo, uNkk Duduzile Mazibuko nemeya yalo masipala, uMnu Alfred Mazibuko, kabatholakalanga ukuphawula ngalolu daba.
Sibone ukuthi kungcono siziyele emahhovisi siyobageza ngayo indle ukuze bezozwa ukuthi kubuhlungu kangakanani ukusebenza unukelwa...