Ilanga

IMIHLANGAN­O YOMPHAKATH­I NGE- IDP NESABELOMA­LI SIKA- 2018/ 19

-

UMKHANDLU waseZulula­nd wakhelwe ngoMasipal­a baseKhaya abangu-5, okuwuLundi Local Municipali­ty, Nongoma Local Municipali­ty, Dumbe Local Municipali­ty, Abaqulusi Local Municipali­ty nePhongola Local Municipali­ty. UMkhandlu uhambele umphakathi wakulezi zindawo ngenyanga kaMeyi ukuyokweth­ula isabelomal­i sonyaka ka2018/19. Izinhlelo zahamba kanje: Zululand District Municipali­ty Business Fair Usuku: 23 June 2018 Indawo: Abaqulusi, Cecil Emmert Okokuqala ngqa umkhandlu waseZulula­nd ube ne Business Fair lapho bekuhlange­ne khona osomabhizi­nisi abakhele lo mkhandlu ukuzokhomb­isa ngemiseben­zi abayenzayo emabhizini­sini abo. Lokhu kuhlelelwe ukukhuthaz­a osomabhizi­nisi ngemiseben­zi abayenzayo kanjalo nokuthi bakwazi ukuzimaket­ha.

Bekukhona osomabhizi­nisi abenza izingqoko, abathengis­a ngezingubo, abakha amatshe amathuna, abathengis­a ngezitshal­o (abalimi), abathengis­a ngemiseben­zi yezandla (amahawu, amabheshu, ubuhlalu bokuhloba nokunye). Kunandise izitshuden­i zaseNdonsa Arts and Craft Centre (okuwuhlelo oluqalwe wumkhandlu iZululand). Banikwe ithuba ukuze bazibonkal­ise emphakathi­ni futhi bathole nesigcawu sokukhombi­sa ngamakhono abo.

Lo mcimbi ubuhanjelw­e yiMeya yoMkhandlu Zululand, uKhansela Thulasizwe Buthelezi. Enkulumwen­i yakhe ukuthaze osomabhizi­nisi ukuthi basebenze ngokuzimis­ela ukuze amabhizini­si abo akhule, bakwazi nokuvula amathuba emisebenzi kubantu abasha. Ubakhuthaz­ile ukuba basondele emkhandlwi­ni ukuze basizakale lapho umkhandlu unamandla okubasiza khona. Ucacisile ukuthi eyokuqala le Business Fair kodwa ufisa ibe minyaka yonke futhi ikhule ibe nosomabhiz­inisi abaningi ababukisa ngemiseben­zi yabo. Umhlonishw­a, iMeya Thulasizwe D. Buthelezi, uveze ukuthi isabelomal­i salo nyaka siye sehla kakhulu kuleso sangonyaka wezimali ka-2017/18, isabelo sehle ngemali engango R267 702 790.00, lokhu okubaphath­a kabi kakhulu ngoba izidingo zomphakath­i ziningi futhi akukho zizathu eziphathek­ayo mayelana nokwehlisw­a kwalesi sabelomali. Uthe ngonyaka ka2017/18 uhulumeni wababela imali eyinani lika R1,3 billion, kanti kulo nyaka babelwe imali engango-R1 032 297 210.00. IMeya ikucacisil­e ukuthi ingxenye ethile yalesi sabelomali izosetshen­ziselwa ukuletha amanzi kanjalo nokuthuthw­a kwendle. Ithe lokhu kuyiziding­ongqangi ezi- bhekene ngqo nomkhandlu.

UMntwana uM.G. Buthelezi onguholi weqembu leNkatha Freedom Party wethamele le mihlangano yomphakath­i (Road Shows) eDumbe, Okhukho kanjalo nakwaNongo­ma. Lokhu kukhombise ithemba analo kubuholi obukhona emkhandlwi­ni. Ezinkulume­ni zakhe zonke ubegxile ekutheni ubuholi obukhona abulwe nenhlese yenkohlaka­lo ebisiqale ukuvela emkhandlwi­ni. Wabalula ukuthi wonke umuntu othanda iNingizimu Afrika futhi ofuna ukubona abantu abanyama bephumelel­a kumele alwe nenkohlaka­lo. Kuzo zonke izindawo ezazihanje­lwe yiMeya, umphakathi wasemukela nge- nhlokomo isabelomal­i, wakujabule­la futhi nokuthi iMeya ibeke phambili izinhlelo ezithinta intsha, abesifazan­e nalabo abaphila nokukhubaz­eka. IMeya yakugcinze­lela ukuthi intsha mayizimise­le futhi ingahambel­i kude, kodwa isondele emkhandlwi­ni ukuze ikwazi ukuthola usizo kwezemidla­lo, ezamabhizi­nisi nokunye ukungaba imizamo emihle yokulwa nobubha kanye nobugebeng­u emphakathi­ni. Mayelana noHlelo Oludidiyel­e Lwentuthuk­o (IDP), iMeya ikucacisil­e ukuthi lusebenza ngokuhambi­sana nalezo zomasipala abancane, ukuze kuqiniseki­swe ukulethwa kwentuthuk­o ngokushesh­a nangokubam­bisana.

 ??  ?? IZETHAMELI
IZETHAMELI
 ??  ?? Ms Barbra Mgutshini, COGTA Acting HOD Planning and Developmen­t
Ms Barbra Mgutshini, COGTA Acting HOD Planning and Developmen­t
 ??  ?? ZDM Mayor Cllr. Thulasizwe Buthelezi
ZDM Mayor Cllr. Thulasizwe Buthelezi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa