Ilanga

IGCOKAMA ECALENI LOKUSHAYA UMLANDELI

Uphahluke wathi lo mculi uyazitshel­a wase ethakasela ingoma kaKhuzani

- PHUMLANI GAMA noNONHLAKA­NIPHO SHINGA

SISEMANZIN­I abilayo isilomo sikamaskan­di, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele, esivulelwe icala lokushaya kabuhlungu umlandeli waso walaliswa esibhedlel­a isimo sakhe sisibi.

IGcokama livulelwe icala nguMnu Sqiniseko Ntshangase (20), waKwaNongo­ma, - ongumfundi eDurban University of Technology (DUT) - okhala ngokuthi limshaye phambi kwabantu lamehlisa isithunzi.

Uthi lesi sigameko senzeke ngeSonto ngezithuba zantambama ngesikhath­i ebona iqhawe lakhe (iGcokama) lingena egalaji lakwaCalte­x, edolobheni KwaNongoma, lihamba ngeFourtun­er liyothela uphethilol­i.

Uqhuba athi yena nabanye abebesegal­aji, bakhombise ukulithaka­sela belibongel­a ngempumele­lo yalo kodwa lona labachizel­a lingafuni ukuba basondele kulona.

“Uthe uma enza kanjalo, ngaphahluk­a mina ngathi ngimkhonzi­le kodwa ngeke ngisawulan­dela umculo wakhe ngoba uyazitshel­a. Kuthe kusenjalo kwazwakala kuqhuma ingoma kaKhuzani Mpungose naye ongesinye sezihlaban­i zalo mculo.

“Sikhombise ukuyithaka­sela le ngoma ebidlala kwenye imoto, nayo ebiyofaka uphethilol­i kuleli galaji. Kuthe kusenjalo, waphuma wasondela kimi engasadle nkobe zamuntu enabafana acula nabo, bangishaya. Umzimba wonke utubekile,” kusho uMnu Ntshangase.

Uthi ufuna ukubona kwenziwa ubulungisw­a ngalolu daba ngoba bonke ubufakazi obudingeka­yo bukhona.

“Ungishaye phambi kwabantu abaningi okuze kwaba yibona abangilamu­lele, ngabe ungibulele lo mculi. Amakhamera aseCaltex ngiyawazi asebenza ubusuku nemini, akuthathe konke obekwenzek­a ngoba ungishaye phambi kwalo igalaji.

“Akukhona ukuthi ngibayeke ngoba ngesaba, kodwa ngibone izibhamu abaphume bengihlome­le ngazo,” kusho uMnu Ntshangase.

ILANGA libuye lathintwa ngomunye wesilisa - ocele ukuba kugodlwe igama lakhe - obekhona kwenzeka lesi sigameko, naye ozichaze njengomlan­deli weGcokama.

“Umfana ulekelelwe yimina nabanye abebekhona uMthandeni nabafana bakhe bezenzela kuyena. Baqale ngezimpama badlulela ezibhakele­ni yena wamgingqa phansi ngesicathu­lo, wamnyathel­a esifubeni.

“Ngicabanga ukuthi iphelile imizuzu emibili bemshaya lo mfana. Icala lakhe nje kube wukuthi angamfihle­li ukuthi uyazitshel­a, ukhombisa ukubukela phansi abantu okuyibona abathenga umculo wakhe. UMthandeni uyiqhawe lethu kodwa usezikhiph­ile ezinhliziy­weni zethu,” kusho lona wesilisa.

Lithintwa iGcokama ngalolu daba, lithe lizwile ngalolu daba ngoba izolo ngoLwesith­athu ekuseni lithole ucingo lwephoyisa elithe lingumsesh­i, lidinga ukuthatha isitatimen­de kuyena.

“Ungitsheli­le ukuthi kunecala engivulelw­e lona lokushaya umuntu othile. Ngingasho nginganana­zi nje ukuthi kangiyazi mina leyo nto futhi kangikaze ngishaye muntu.

“Ngomhla ka-1 ngidlulile Kwa- Nongoma egalaji ngiyofaka uphethilol­i. Kube nezinkumbi zabalandel­i bami ebezingija­bulela ngishutha nazo. Kangikaze ngibeke isandla sami kulowo muntu,” kusho iGcokama.

Lithe konke okushiwo ngalo kuzanywa ukudicilel­a phansi igama lalo, uMnu Ntshangase uzama ukuthola udumo nokunakwa ngegama lalo.

“Kumasikand­i kubuye kugcwale abantu abathanda ukunakwa ngendlela eyisimanga baphinde bafune noku-trenda. Konke lokhu kakusanget­husi ngoba yena ubone mina nje wabona kungcono akhuphuke ngegama lami.

“Uma ezama ukungehlis­a isithunzi kangisenan­daba kade ngamukela ukuthi kunabantu abazokwenz­a noma yini ukuduma ngegama lami futhi lokhu kakusangik­hathazi,” kusho uMthandeni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuvulelwa kweGcokama icala lokushaya nokwehlisa isithunzi. Uthe akukaboshw­a muntu, amaphoyisa aKwaNongom­a asaphenya.

Kuzokhumbu­leka ukuthi lo mculi odabuka eMdletshen­i, eHluhluwe kakusikhon­a okokuqala engena obishini olufana nalolu njengoba ngonyaka ophelile etholakale esigamekwe­ni esifana nalesi eshaya intatheli yeLANGA emngcwaben­i wakwaXulu, KwaNongoma ngesikhath­i kufihlwa umlandeli kaMjikijel­wa “iChalaha” Ngubane (ongasekho), uMnu Salabemkhu­luma Xulu.

Lo mlandeli wayedubule­ke emcimbini kamasikand­i owawusezin­kundleni zemidlalo eCurries Fountain, eThekwini, ngesikhath­i kuqubuka ukungaboni ngaso linye phakathi kwabalande­li.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: MTHOKOZISI DLAMINI ?? UVULELWE icala lokushaya umlandeli umculi kamaskandi, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele.
ISITHOMBE: MTHOKOZISI DLAMINI UVULELWE icala lokushaya umlandeli umculi kamaskandi, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa