IGCOKAMA ECALENI LOKUSHAYA UMLANDELI
Uphahluke wathi lo mculi uyazitshela wase ethakasela ingoma kaKhuzani
SISEMANZINI abilayo isilomo sikamaskandi, uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele, esivulelwe icala lokushaya kabuhlungu umlandeli waso walaliswa esibhedlela isimo sakhe sisibi.
IGcokama livulelwe icala nguMnu Sqiniseko Ntshangase (20), waKwaNongoma, - ongumfundi eDurban University of Technology (DUT) - okhala ngokuthi limshaye phambi kwabantu lamehlisa isithunzi.
Uthi lesi sigameko senzeke ngeSonto ngezithuba zantambama ngesikhathi ebona iqhawe lakhe (iGcokama) lingena egalaji lakwaCaltex, edolobheni KwaNongoma, lihamba ngeFourtuner liyothela uphethiloli.
Uqhuba athi yena nabanye abebesegalaji, bakhombise ukulithakasela belibongela ngempumelelo yalo kodwa lona labachizela lingafuni ukuba basondele kulona.
“Uthe uma enza kanjalo, ngaphahluka mina ngathi ngimkhonzile kodwa ngeke ngisawulandela umculo wakhe ngoba uyazitshela. Kuthe kusenjalo kwazwakala kuqhuma ingoma kaKhuzani Mpungose naye ongesinye sezihlabani zalo mculo.
“Sikhombise ukuyithakasela le ngoma ebidlala kwenye imoto, nayo ebiyofaka uphethiloli kuleli galaji. Kuthe kusenjalo, waphuma wasondela kimi engasadle nkobe zamuntu enabafana acula nabo, bangishaya. Umzimba wonke utubekile,” kusho uMnu Ntshangase.
Uthi ufuna ukubona kwenziwa ubulungiswa ngalolu daba ngoba bonke ubufakazi obudingekayo bukhona.
“Ungishaye phambi kwabantu abaningi okuze kwaba yibona abangilamulele, ngabe ungibulele lo mculi. Amakhamera aseCaltex ngiyawazi asebenza ubusuku nemini, akuthathe konke obekwenzeka ngoba ungishaye phambi kwalo igalaji.
“Akukhona ukuthi ngibayeke ngoba ngesaba, kodwa ngibone izibhamu abaphume bengihlomele ngazo,” kusho uMnu Ntshangase.
ILANGA libuye lathintwa ngomunye wesilisa - ocele ukuba kugodlwe igama lakhe - obekhona kwenzeka lesi sigameko, naye ozichaze njengomlandeli weGcokama.
“Umfana ulekelelwe yimina nabanye abebekhona uMthandeni nabafana bakhe bezenzela kuyena. Baqale ngezimpama badlulela ezibhakeleni yena wamgingqa phansi ngesicathulo, wamnyathela esifubeni.
“Ngicabanga ukuthi iphelile imizuzu emibili bemshaya lo mfana. Icala lakhe nje kube wukuthi angamfihleli ukuthi uyazitshela, ukhombisa ukubukela phansi abantu okuyibona abathenga umculo wakhe. UMthandeni uyiqhawe lethu kodwa usezikhiphile ezinhliziyweni zethu,” kusho lona wesilisa.
Lithintwa iGcokama ngalolu daba, lithe lizwile ngalolu daba ngoba izolo ngoLwesithathu ekuseni lithole ucingo lwephoyisa elithe lingumseshi, lidinga ukuthatha isitatimende kuyena.
“Ungitshelile ukuthi kunecala engivulelwe lona lokushaya umuntu othile. Ngingasho ngingananazi nje ukuthi kangiyazi mina leyo nto futhi kangikaze ngishaye muntu.
“Ngomhla ka-1 ngidlulile Kwa- Nongoma egalaji ngiyofaka uphethiloli. Kube nezinkumbi zabalandeli bami ebezingijabulela ngishutha nazo. Kangikaze ngibeke isandla sami kulowo muntu,” kusho iGcokama.
Lithe konke okushiwo ngalo kuzanywa ukudicilela phansi igama lalo, uMnu Ntshangase uzama ukuthola udumo nokunakwa ngegama lalo.
“Kumasikandi kubuye kugcwale abantu abathanda ukunakwa ngendlela eyisimanga baphinde bafune noku-trenda. Konke lokhu kakusangethusi ngoba yena ubone mina nje wabona kungcono akhuphuke ngegama lami.
“Uma ezama ukungehlisa isithunzi kangisenandaba kade ngamukela ukuthi kunabantu abazokwenza noma yini ukuduma ngegama lami futhi lokhu kakusangikhathazi,” kusho uMthandeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuvulelwa kweGcokama icala lokushaya nokwehlisa isithunzi. Uthe akukaboshwa muntu, amaphoyisa aKwaNongoma asaphenya.
Kuzokhumbuleka ukuthi lo mculi odabuka eMdletsheni, eHluhluwe kakusikhona okokuqala engena obishini olufana nalolu njengoba ngonyaka ophelile etholakale esigamekweni esifana nalesi eshaya intatheli yeLANGA emngcwabeni wakwaXulu, KwaNongoma ngesikhathi kufihlwa umlandeli kaMjikijelwa “iChalaha” Ngubane (ongasekho), uMnu Salabemkhuluma Xulu.
Lo mlandeli wayedubuleke emcimbini kamasikandi owawusezinkundleni zemidlalo eCurries Fountain, eThekwini, ngesikhathi kuqubuka ukungaboni ngaso linye phakathi kwabalandeli.