Ilanga

OSAZIWAYO ABAQAVILE EMICIMBINI YE-VDJ

Izivakashi zizobhema zikholwe

- LUCKY CAIN

BANXUSWA ukuba bangazinci­shi ithuba lokubona izindawo zokuvakash­a ezikhona eThekwini namaphethe­lo, abantu abazothele­ka kuleli dolobha beya kwiVodacom Durban July (VDJ).

UMnu Sbusiso Zondi oyisikhulu esiphezulu sakwaDurba­n Tourism, unxusa izihambeli ukuba zisheshe zitheleke ukuze zikwazi ukuthola kabanzi ngaleli dolobha nangezinda­wo eligabe ngazo kwezokuvak­asha.

“Siyazi ukuthi abantu abaningi uma becabanga iTheku, bacabanga ulwandle kanti ngaphandle kwalo sinothile ngezokuvak­asha.

“Sineziqiwi nezintaba kanti kasikho kude nezindawo ezifana noMandela Capture Site nakuba ingekho ngaphansi kweTheku kodwa abantu uma beze eThekwini ngeke kubathathe isikhathi esiningi ukuya khona,” kusho uMnu Zondi.

Uthi iTheku selikulung­ele ukwamukela izinkumbi zabantu ezizobe ziye kulo mcimbi othathwa njengomkhu­lu e-Afrika, ohlanganis­a amahhashi nemfashini.

Utshele ILANGA ukuthi beyiTheku baqale emasontwen­i ama- bili adlule ukulungise­lela iVDJ kanti ngokwesimo somnotho, balindele ukuhlomula ngo-R120 000 000.

“Lapha sikhuluma ngamathuba emisebenzi azokwakhek­a, wukugcwala kwamahhote­la, yizindawo zobumnandi esinazo ezahlukene abantu abazoziham­bela nokunye okuzobe kuthinta ezokuvakas­ha,” kusho yena.

“Uthi kakukhona ukuthi kuyazintel­elwa nje uma iTheku liteketisw­a ngokuthi liyinkundl­a yokudlala yase-Afrika.

“SiyiTheku siyaziwa ngokusinga­tha ngempumele­lo imicimbi emikhulu,” kusho uMnu Zondi.

Kulo mcimbi kulindelek­e osaziwayo, osopolitik­i, osomabhizi­nisi, amaphanta nabathandi bemfashini nobumnandi.

Kulindelek­e ukuba imicimbi eyandulela iVDJ isaphake njengoba ngoLwesihl­anu, kukhona ozoba seGagasini, eThekwini, obizwa ngeLadies Night lapho kuzobe kunandisa abaculi noDJ besifazane, kube ngowaseYad­ini Lounge, eMlazi lapho kuzobe kusakaza bukhona iMetro FM, kube noweKasi July Mayhem ozoba se-Artizen, KwaMashu.

NangoMgqib­elo amatende azobe ehlomile ngokwamuke­la izicukuthw­ane njengoba kuneleGaga­si FM, ele-Afrotainme­nt, elaseYadin­i namanye.

Umcimbi wedumela weFact Durban Rocks nawo uzobe ubophele inqwaba yabaculi nosaziwayo eMoses Mabhida ngawo uMgqibelo. Imicimbi ehambisana neVDJ izophothul­wa ngeSonto kwezinye izindawo kanti kwezinye koze kube wuMsombulu­ko - obizwa ngeMonday

Therapy.

SiyiTheku siyaziwa ngokusinga­tha ngempumele­lo imicimbi emikhulu.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UZOBA matasa kule mpelasonto uDJ Zinhle njengoba ezobe enandisa emicimbini eminingi ehambisana nezinhlelo zeVodacom July. UDJ Kotin uzobadida ngengoma kwiKasi July Mayhem kule mpelasonto.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UZOBA matasa kule mpelasonto uDJ Zinhle njengoba ezobe enandisa emicimbini eminingi ehambisana nezinhlelo zeVodacom July. UDJ Kotin uzobadida ngengoma kwiKasi July Mayhem kule mpelasonto.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMNU Sbusiso Zondi oyisikhulu esiphezulu sakwaDurba­n Tourism, unxusa izihambeli ukuba zisheshe zitheleke ukuze zikwazi ukuthola kabanzi ngaleli dolobha.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMNU Sbusiso Zondi oyisikhulu esiphezulu sakwaDurba­n Tourism, unxusa izihambeli ukuba zisheshe zitheleke ukuze zikwazi ukuthola kabanzi ngaleli dolobha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa