ISilo sithume amakholwa ukukhulekela olomhlaba
Sifisa ukuba abafuna umhlaba waso baxabane bodwa
SITHUMELE amakholwa namabutho ukuba athandaze kakhulu ukuze abafuna ukuthatha umhlaba waso baxabane kakhulu iSilo uZwelithini kaBhekuzulu, ngesikhathi sikhuluma embizweni ebesiyibize oNdini izolo. Sikusho lokhu phambi kwezinkumbi zabantu ebezithamele inkulumo yaso enkundleni yezemidlalo kule ndawo.
Ngaphambi kokuba iSilo sethule inkulumo yaso, kuqale kwanikezwa amakhosi nezinduna ukuba baphawule ngodaba lomhlaba kanti zonke izikhulumi ziyihlabe zayihlikiza indaba yokuthathwa komhlaba - ongaphansi kwamakhosi.
UMnu Sphiwe Mhlongo obekhulumela izinduna zaseGoli, uthe bazoseseka iSilo kuze kube sekugcineni.
“Kasiyifuni impi kodwa uma kunje, kasazi kuzokwenzekani. Kasihamisani neze nendaba yokuthathwa komhlaba,” kusho yena.
UMnu Nkosentsha Shezi ongunobhala weNational Funeral Practitioners Association of South Africa (Nafupa SA) - eke yasusa umsindo ngendaba yokuvimba abamhlophe namaNdiya ukuba bangcwabe emalokishini - uthe kabafuni nje kuyekwe kuphela umhlala weSilo kodwa bafuna kushintshe negama lesifundazwe libizwe ngeKwaZulu ukhishwe uNatal.
“Sifuna kuyekwe phansi umhlaba weSilo, kunokuba kuthathwe umhlaba sifuna kubuyiswe lona owathathwa ngabamhlophe. Sifuna wonke umhlaba kusukela eNgwavuma kuyoshaya ezintabeni zokhahlamba ubuyele kwi-Ingonyama Trust, kasifuni ingcosana kodwa siwufuna wonke.
“Nalo leli gama okubizwa ngalo isifundazwe sifuna lishintshwe ukuze nabanye bezokwazi ukuthi wumhlaba kaZulu lona,” kusho yena.
Sethula inkulumo yaso iSilo, sithe abantu abalwa noZulu sizobathandazela ukuba baxabane bodwa, sanxu- sa amakholwa ukuba aqinise emthandazweni.
“Mina ngiyathandaza futhi ngithandaza uNkulunkulu wangempela, ngakho ngithumela wonke amakholwa ukuba athandaze kakhulu kunakuqala ukuze labo abafuna ukuntshontsha umhlaba kaZulu baxabane into ongakaze uyibone," kusho iSilo maqede kwananela wonke amabutho abesenkundleni.
Sithe ngesikhathi kulwiwa nohulumeni wobandlululo, sasizitshela ukuthi kulwelwa ukuba kubuye izwe, sasingazi ukuthi kuzobuye kujikelwe uZulu.
Siqhube sathi neSilo uCetshwayo sama njengesiqhwaga sibhekene nesinye isiqhwaga esikhulu okwakungamaNgisi, naso simi njengesiqhwaga njengoba sibhekene na-labo abafuna ukuthatha umhlaba.
“Mina ngiphuma esendeni lensi- zwa eyaba yisiqhwaga izinyanga eziyisithupha ngoba yashaya isiqhwaga somhlaba. Njengoba ngimi lapha nginjengesiqhwaga engazi kahle ukuthi uNkulunkulu anganginika amandla okusinqoba lesi siqhwaga esifuna ukudla umhlaba wami,” kusho iSilo.
Sithi abantu abalwa noZulu bakhombisa ngokusobala ukuthi kabawufuni kodwa bafuna ivoti lawo kuphela.
“Laba bantu kabanifuni Zulu, sebeyahluleka ukunibekezelela emuva kweminyaka ewu-24. Kasiqali ukuthukwa singenzelutho. Ngithi maZulu ningapheli amandla, hlangana mhlathi owazanayo,” kusho iSilo.
Sikhuze umhlola wokushiswa kwamaloli sathi uhulumeni mawulalele izikhalo kungaze kufike lapho abantu beshisa khona amaloli ngoba lokhu kulimaza umnotho wezwe.
"Kangithandi ukuhamba lapha ngingakhulumanga ngendaba yabashayeli bamaloli, uma kukhona lapho nihlabeke khona ngane zakwethu, ngithi mayihlale phansi ibambe umthetho,” kusho iSilo. *