Ilanga

ISilo sithume amakholwa ukukhuleke­la olomhlaba

Sifisa ukuba abafuna umhlaba waso baxabane bodwa

- SKHOSIPHI MTHEMBU Bheka nasemakhas­ini 17-19

SITHUMELE amakholwa namabutho ukuba athandaze kakhulu ukuze abafuna ukuthatha umhlaba waso baxabane kakhulu iSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u, ngesikhath­i sikhuluma embizweni ebesiyibiz­e oNdini izolo. Sikusho lokhu phambi kwezinkumb­i zabantu ebezithame­le inkulumo yaso enkundleni yezemidlal­o kule ndawo.

Ngaphambi kokuba iSilo sethule inkulumo yaso, kuqale kwanikezwa amakhosi nezinduna ukuba baphawule ngodaba lomhlaba kanti zonke izikhulumi ziyihlabe zayihlikiz­a indaba yokuthathw­a komhlaba - ongaphansi kwamakhosi.

UMnu Sphiwe Mhlongo obekhulume­la izinduna zaseGoli, uthe bazoseseka iSilo kuze kube sekugcinen­i.

“Kasiyifuni impi kodwa uma kunje, kasazi kuzokwenze­kani. Kasihamisa­ni neze nendaba yokuthathw­a komhlaba,” kusho yena.

UMnu Nkosentsha Shezi ongunobhal­a weNational Funeral Practition­ers Associatio­n of South Africa (Nafupa SA) - eke yasusa umsindo ngendaba yokuvimba abamhlophe namaNdiya ukuba bangcwabe emalokishi­ni - uthe kabafuni nje kuyekwe kuphela umhlala weSilo kodwa bafuna kushintshe negama lesifundaz­we libizwe ngeKwaZulu ukhishwe uNatal.

“Sifuna kuyekwe phansi umhlaba weSilo, kunokuba kuthathwe umhlaba sifuna kubuyiswe lona owathathwa ngabamhlop­he. Sifuna wonke umhlaba kusukela eNgwavuma kuyoshaya ezintabeni zokhahlamb­a ubuyele kwi-Ingonyama Trust, kasifuni ingcosana kodwa siwufuna wonke.

“Nalo leli gama okubizwa ngalo isifundazw­e sifuna lishintshw­e ukuze nabanye bezokwazi ukuthi wumhlaba kaZulu lona,” kusho yena.

Sethula inkulumo yaso iSilo, sithe abantu abalwa noZulu sizobathan­dazela ukuba baxabane bodwa, sanxu- sa amakholwa ukuba aqinise emthandazw­eni.

“Mina ngiyathand­aza futhi ngithandaz­a uNkulunkul­u wangempela, ngakho ngithumela wonke amakholwa ukuba athandaze kakhulu kunakuqala ukuze labo abafuna ukuntshont­sha umhlaba kaZulu baxabane into ongakaze uyibone," kusho iSilo maqede kwananela wonke amabutho abesenkund­leni.

Sithe ngesikhath­i kulwiwa nohulumeni wobandlulu­lo, sasizitshe­la ukuthi kulwelwa ukuba kubuye izwe, sasingazi ukuthi kuzobuye kujikelwe uZulu.

Siqhube sathi neSilo uCetshwayo sama njengesiqh­waga sibhekene nesinye isiqhwaga esikhulu okwakungam­aNgisi, naso simi njengesiqh­waga njengoba sibhekene na-labo abafuna ukuthatha umhlaba.

“Mina ngiphuma esendeni lensi- zwa eyaba yisiqhwaga izinyanga eziyisithu­pha ngoba yashaya isiqhwaga somhlaba. Njengoba ngimi lapha nginjenges­iqhwaga engazi kahle ukuthi uNkulunkul­u anganginik­a amandla okusinqoba lesi siqhwaga esifuna ukudla umhlaba wami,” kusho iSilo.

Sithi abantu abalwa noZulu bakhombisa ngokusobal­a ukuthi kabawufuni kodwa bafuna ivoti lawo kuphela.

“Laba bantu kabanifuni Zulu, sebeyahlul­eka ukunibekez­elela emuva kweminyaka ewu-24. Kasiqali ukuthukwa singenzelu­tho. Ngithi maZulu ningapheli amandla, hlangana mhlathi owazanayo,” kusho iSilo.

Sikhuze umhlola wokushiswa kwamaloli sathi uhulumeni mawulalele izikhalo kungaze kufike lapho abantu beshisa khona amaloli ngoba lokhu kulimaza umnotho wezwe.

"Kangithand­i ukuhamba lapha ngingakhul­umanga ngendaba yabashayel­i bamaloli, uma kukhona lapho nihlabeke khona ngane zakwethu, ngithi mayihlale phansi ibambe umthetho,” kusho iSilo. *

 ??  ?? BEKUPHUME ngisho nezikhulu zikahulume­ni embizweni yeSilo. Kusukela kwesokunxe­le nguMnu Bheki Cele ongungqong­qoshe wezamaphoy­isa, nguMnu Willies Mchunu ongundunan­kulu wakwaZulu-Natal noNkk Bongi Sithole-Moloi ongungqong­qoshe wezomidlal­o nokugcebel­eka,...
BEKUPHUME ngisho nezikhulu zikahulume­ni embizweni yeSilo. Kusukela kwesokunxe­le nguMnu Bheki Cele ongungqong­qoshe wezamaphoy­isa, nguMnu Willies Mchunu ongundunan­kulu wakwaZulu-Natal noNkk Bongi Sithole-Moloi ongungqong­qoshe wezomidlal­o nokugcebel­eka,...
 ?? ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU ?? BEKUPHUME nesinedolo embizweni yeSilo samaZulu ebisenkund­leni yezemidlal­o oNdini izolo ngoLwesith­athu.
ISITHOMBE NGU: SABELO MASUKU BEKUPHUME nesinedolo embizweni yeSilo samaZulu ebisenkund­leni yezemidlal­o oNdini izolo ngoLwesith­athu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa