Ilanga

KABAYIZWA EYOKUTHATH­WA KOMHLABA

- SKHOSIPHI MTHEMBU

AYIKHAHLEL­A ngazo zombili indaba yokuthathw­a komhlaba ongaphansi kwe-Ingonyama Trust amalungu omphakathi aqhamuka ezindaweni ezahlukene KwaZuluNat­al. Lokhu kuvele izolo ngoLwesith­athu ngesikhath­i kunembizo yeSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u ezinkundle­ni zemidlalo oNdini.

Le mbizo ibizwa nje, bekukhunju­lwa umhla ka 4-kuNtulikaz­i (July) 1879 okuwusuku lapho ama- Ngisi anqoba khona impi yawo noZulu kwashiswa nesigodlo seSilo uCetshwayo. Njengokujw­ayelekile, amabutho abephume ngobuningi bawo eyolalela umyalezo weSilo.

Lo mcimbi ugcine uqala emuva kwesikhath­i njengoba amabutho eze aqala ukungena ngaphakath­i sekuyoshay­a ihora lokuqala emini bebade, yize bekubikwe ukuthi uzo- qala ngehora leshumi ekuseni.

Abantu abaningi babonakale bekuthokoz­ela ukuba yingxenye yale mbizo njengoba abanye bebesina beshaya ingoma kusalindwe iSilo kanti nezintombi bezilokhu zingena zilandelan­a.

Emini aqalile amabutho angena ngaphakath­i enkundleni, ehuba amahubo, kubonakala ukuthi lukhulu luzokwenze­ka. Ubungafung­a ukuthi kuyiwa impini njengoba engene ephethe izinduku, agcwala inkundla yonke.

Okucacele nengane encane kule mbizo, wukuthi abantu abebekuyon­a kabayizwa indaba yokuhlakaz­wa kwe-Ingonyama Trust njengoba bethi bahleli kamnandi ngaphansi kwamakhosi. Abanye abakhulume neLA-NGA, baveze ukuthi buyochithe­ka bugayiwe uma uhulumeni ungaphuca amakhosi ingcosana yomhlaba engaphansi kwawo.

UNkz Ntombifuth­i Mbatha waseNhloph­eni, eNquthu - obeyingxen­ye yale mbizo - uthe akasiboni isidingo soku- ba amakhosi aphucwe umhlaba ngoba vele uyingcosan­a.

“Bangalinge nje basisukele, sihleli kahle kabi emakhaya ngaphansi kwamakhosi, akukho esikhala ngakho. Okubuhlung­u bazothi uma bethatha umhlaba, besesiqala sikhokhisw­a imali yamanzi nokunye okukhokhwa emadolobhe­ni.

“Kasiyizwa neze le nto yale khomishini kaMotlanth­e (uMnu Kgalema Motlanthe obehola ikomidi ebicubungu­la indaba yomhlaba)" kusho yena.

UNkk Mavis Ngema (60) waseHlophe­khulu, oNdini, naye ukhale esifanayo wathi uhulumeni mawuhlukan­e phansi namakhosi ngoba bona bahleli kahle ngaphansi kwawo.

“Thina sazalelwa ngaphansi kwawo amakhosi futhi sikhule sazi ukuthi umhlaba ngowamakho­si naba- ntu bawo, yini eyenza manje bathathe lo mhlaba ngoba kasikaze sikhononde ngokuthi siyahlukun­yezwa?

“Abasiyeke phansi thina sazalelwa ngaphansi kwamakhosi futhi sofa siphethwe yiwona emhlabeni wawo,” kusho yena.

UMnu Charles Mbatha waseNkonje­ni, oNdini, uthi kunokuba uhulumeni uthathe umhlaba emakhosini, mawubanike intuthuko kuwona umhlaba wamakhosi njengoba kwakwenza uhulumeni wobandulul­o ngesikhath­i kuqala indaba yamapulazi.

“Uhulumeni wobandlulu­lo wathatha inqwaba yomhlaba ngo-1913 wawunikeza abamhlophe kwathi ingcosana yanikezwa abantu abamnyama, manje usufuna (uhulumeni) ukuthatha wona lo mhlaba ongekho!” kusho yena.

 ??  ?? UNKZ Ntombifuth­i Mbatha UMNU Charles Mbatha
UNKZ Ntombifuth­i Mbatha UMNU Charles Mbatha
 ??  ?? UNkk Mavis Ngema
UNkk Mavis Ngema
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa