KABAYIZWA EYOKUTHATHWA KOMHLABA
AYIKHAHLELA ngazo zombili indaba yokuthathwa komhlaba ongaphansi kwe-Ingonyama Trust amalungu omphakathi aqhamuka ezindaweni ezahlukene KwaZuluNatal. Lokhu kuvele izolo ngoLwesithathu ngesikhathi kunembizo yeSilo uZwelithini kaBhekuzulu ezinkundleni zemidlalo oNdini.
Le mbizo ibizwa nje, bekukhunjulwa umhla ka 4-kuNtulikazi (July) 1879 okuwusuku lapho ama- Ngisi anqoba khona impi yawo noZulu kwashiswa nesigodlo seSilo uCetshwayo. Njengokujwayelekile, amabutho abephume ngobuningi bawo eyolalela umyalezo weSilo.
Lo mcimbi ugcine uqala emuva kwesikhathi njengoba amabutho eze aqala ukungena ngaphakathi sekuyoshaya ihora lokuqala emini bebade, yize bekubikwe ukuthi uzo- qala ngehora leshumi ekuseni.
Abantu abaningi babonakale bekuthokozela ukuba yingxenye yale mbizo njengoba abanye bebesina beshaya ingoma kusalindwe iSilo kanti nezintombi bezilokhu zingena zilandelana.
Emini aqalile amabutho angena ngaphakathi enkundleni, ehuba amahubo, kubonakala ukuthi lukhulu luzokwenzeka. Ubungafunga ukuthi kuyiwa impini njengoba engene ephethe izinduku, agcwala inkundla yonke.
Okucacele nengane encane kule mbizo, wukuthi abantu abebekuyona kabayizwa indaba yokuhlakazwa kwe-Ingonyama Trust njengoba bethi bahleli kamnandi ngaphansi kwamakhosi. Abanye abakhulume neLA-NGA, baveze ukuthi buyochitheka bugayiwe uma uhulumeni ungaphuca amakhosi ingcosana yomhlaba engaphansi kwawo.
UNkz Ntombifuthi Mbatha waseNhlopheni, eNquthu - obeyingxenye yale mbizo - uthe akasiboni isidingo soku- ba amakhosi aphucwe umhlaba ngoba vele uyingcosana.
“Bangalinge nje basisukele, sihleli kahle kabi emakhaya ngaphansi kwamakhosi, akukho esikhala ngakho. Okubuhlungu bazothi uma bethatha umhlaba, besesiqala sikhokhiswa imali yamanzi nokunye okukhokhwa emadolobheni.
“Kasiyizwa neze le nto yale khomishini kaMotlanthe (uMnu Kgalema Motlanthe obehola ikomidi ebicubungula indaba yomhlaba)" kusho yena.
UNkk Mavis Ngema (60) waseHlophekhulu, oNdini, naye ukhale esifanayo wathi uhulumeni mawuhlukane phansi namakhosi ngoba bona bahleli kahle ngaphansi kwawo.
“Thina sazalelwa ngaphansi kwawo amakhosi futhi sikhule sazi ukuthi umhlaba ngowamakhosi naba- ntu bawo, yini eyenza manje bathathe lo mhlaba ngoba kasikaze sikhononde ngokuthi siyahlukunyezwa?
“Abasiyeke phansi thina sazalelwa ngaphansi kwamakhosi futhi sofa siphethwe yiwona emhlabeni wawo,” kusho yena.
UMnu Charles Mbatha waseNkonjeni, oNdini, uthi kunokuba uhulumeni uthathe umhlaba emakhosini, mawubanike intuthuko kuwona umhlaba wamakhosi njengoba kwakwenza uhulumeni wobandululo ngesikhathi kuqala indaba yamapulazi.
“Uhulumeni wobandlululo wathatha inqwaba yomhlaba ngo-1913 wawunikeza abamhlophe kwathi ingcosana yanikezwa abantu abamnyama, manje usufuna (uhulumeni) ukuthatha wona lo mhlaba ongekho!” kusho yena.