Ilanga

Izongenisa izizumbulu zemali iVDJ

Bathi ukugcwala kwezivakas­hi eThekwini eziza emcimbini kuvula namathuba emisebenzi

- AYANDA BUTHELEZI

KULINDELEK­E ukuba kungene izigidi ezilingani­selwa ku-R150 million emnothweni weKwaZulu-Natal ngomjaho wamahhashi omkhulukaz­i eNingizimu Afrika, iVodacom Durban July (VDJ), ozoba seGreyvill­e Racecourse ngoMgqibel­o.

Yize le nzuzo yehle kakhulu uma iqhathanis­wa neyango-2014, obekuwu-R425 million, isikhulu seTourism KwaZulu-Natal (TKZN), uNkz Phindile Makwakwa, sithi lo mcimbi ubaluleke kakhulu ekuthuthuk­iseni umnotho weTheku neKwaZulu-Natal yonkana kanti beyiTouris­m KZN, bazoqinise­kisa ukuthi abahambele lo mcimbi baphathisw­a okwezitata­nyiswa.

“IVodacom Durban July akusewona umcimbi omayelana nomjaho namahhashi kuphela, kodwa uhlanganis­a abaholi bepolitiki, abezimboni ezahlukene nabathandi bobumnandi, yingakho sinesifiso sokuba ngelinye ilanga ube sezingeni eliqhathan­iswa nemicimbi emikhulu yaphesheya, okubalwa kuyona iMelbourne Cup.

"Singaba sezingeni lokusingat­ha umcimbi waleli zinga ngoba sinesimo sezulu esihlale sisihle, sinezingqa­lasizinda eziseqophe­lweni eliphezulu, inqobo nje uma sizoqikele­la ukuthi zihlale zinakekele­kile,” kusho yena.

IMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ithe konke kumi ngomumo futhi bewumasipa­la bayazigqaj­a kakhulu ngamalungi­selelo. “Okunye okusijabul­isayo wukufukule­ka komnotho weTheku neKwaZulu-Natal yonkana njengoba sizwile ukuthi amahhotela amaningi asegcwele, okusho ukuthi ilinganise­lwa ku-R75-million imali echithwe kuwona nje kuphela,” kusho yena.

Ithe iningi imali eshiywa yizihambel­i zalo mcimbi ngoba umuntu ngamunye uchitha imali ekhokhela ihhotela, ibhanoyi, izindawo zikaqedisi­zungu kuye kuyokapake­la nakwezokut­hutha.

Ngaphezu kwalokho, kuvuleka namathuba emisebenzi. Imeya ithe ilinganise­lwa kusukela ku-R5,877 imali engasetshe­nziswa ngumuntu ngamunye ngosuku, impelasont­o yonke. “Ngale nje kokugcwala kwamahhote­la, siyajabula ukuthi kuzofukule­ka nomnotho wasemaloki­shini njengoba ziziningi izindawo zakhona ezihlelelw­e imicimbi eyahlukene ehambisana neVDJ,” kusho imeya. I-Marketing Manager yakwaGold Circle, uMnu Ken Tweddell, ithe ngosuku lomjaho kulindelek­e ukuba izihambeli zisebenzis­e imali elinganise­lwa ku-R75 million, kanti uma sekuhlanga­niswa nokusuke kubhejelwa ngayo amahhashi, ingalingan­iselwa ku- R100-million.

Echaza ngengqikit­hi yalo nyaka, ethi “It Is Time” umsiki wengqephu waseThekwi­ni, uNolitha Baam, uthe: “Le ngqikithi ihambisana kakhulu nesikhathi samanje, sokuphilel­a imanje noma ngabe ukumuphi umkhakha. Le ngqikithi isenza sibuyele esikhathin­i esedlule, sibheke ukuthi yini esiyifundi­le esizoyixox­a ngemisiko esizoyenza manje.” Uthe yena uzobonakal­a etendeni leTourism KZN njengoba lizobe linabathan­di nabasiki bengqephu nabagqugqu­zeli, okuyiKZN Fashion Council.

I-hashtag yakulo nyaka yalo mcimbi, ithi: #VDJ2018.

 ??  ?? KONKE sekumi ngomumo ngomcimbi wamahhashi osuke uhambisana nengqephu, oba minyaka yonke, iVDJ.
KONKE sekumi ngomumo ngomcimbi wamahhashi osuke uhambisana nengqephu, oba minyaka yonke, iVDJ.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa