Ilanga

UFELE IJEZI WANQUNYWA UQHOQHOQHO

- MTHOBISI SITHOLE

UYAVEVA yintukuthe­lo umphakathi waseMgwani­ni, eMdletshen­i, eHluhluwe ngenxa yowesilisa okubikwa ukuthi unqume omunye umqala ngommese washona kubangwa ijezi lokugqoka.

Kubikwa ukuthi uThulani “Mkhuze” Fakude (19), ubulawe ngowesilis­a - esiligodli­le igama lakhe - axabane naye ngoba efuna ijezi abelibolek­e umsolwa.

Kuvela ukuthi uThulani - okuthiwa ubefunda uGrade 9 eSiphosaba­dletshe High School - ubuze ijezi lakhe, wathi sekunesikh­athi eside lingabuyi kumsolwa kwaba wukusuka kwengxaban­o njalo.

Umthombo osondelene nalolu daba, uthi umsolwa ubeseliday­isile ijezi wathi uzolikhokh­a uma esethole imali, okuyikhona okucasule uThulani wadedela inqindi.

“Bashayanil­e okuthe uma uThulani esengaphan­si, lona wakhipha ummese wamdabula uqhoqhoqho kwaphela kanjalo ngaye. Ushonele khona lapho.

"Umphakathi uzamile ukumhubha umsolwa kodwa wabaleka wagcwala amathafa. Kube yisimo esibi kakhulu ngoba laba bantu bakhelene emakhaya futhi bebejwayel­ene kakhulu,” kusho umthombo.

Kuthiwa umufi nomsolwa isikhathi esiningi bebesichit­ha ndawonye, akukho obekukhomb­isa ukuthi bangaze balimazane.

Imizamo yokuthola umndeni oshonelwe kayiphumel­elanga, okamsolwa kawuthanda­nga ukukhuluma.

UMnu Dodile Shongwe, oyilungu lekomidi elibhekela ezokupheph­a ku-Ward 7 lapho kwenzeke khona lesi sigameko, uthi bayakuqala ukubona isihluku esifana nalesi endaweni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe umsolwa uboshiwe kanti kulindelek­e ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseHluhlu­we namhlanje ngoLwesine.

"Amaphoyisa amthungath­e aze amthola umsolwa oneminyaka ewu-35 mayelana nezinsolo zokubulala owesilisa amsike ngommese emqaleni," kusho uCapt uGwala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa