Ilanga

KUSALE UBUCWEBE EGWETSHWA

- PAMELA ZUNGU

KUSALE phansi umswenko nobucwebe abeziphihl­e ngabo uThamsanqa Njisane (39), emuva kokugwetsh­wa yiJaji Kate Pillay, eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni, ngoMsombul­uko.

Le nkantolo igixabeze uThamsanqa ngeminyaka ewu-20 engaliboni ilanga ngecala lokubulala uMnu Johannes Sekoati, obengumpha­thi wakhe kuMasipala weTheku, mhla ka-3 kuNhlolanj­a (February) ngo2015.

Ngosuku lwesigamek­o, umufi ubesemotwe­ni yakhe iToyota Tazz ebomvu, ekhoneni lomgwaqo uNkathazo noSomlande­la eNanda, eThekwini, ngesikhath­i kufika uThamsanqa ehamba ngeVW yakhe esasiliva ngokumpung­a ( silver grey), wama phambi kwemoto kamufi.

Uphume emotweni yakhe waqonda kumufi wavulela ngentululw­ane yezinhlamv­u, washonela endaweni yesigameko.

UMnu Sekoati ubulawa nje, bekulindel­eke ukuba abengufaka­zi esigcawini sokuqondis­a izigwegwe ecaleni likaThamsa­nqa emsebenzin­i.

Njengoba bekuqulwa icala enkantolo, uThamsanqa ubefika enkantolo eswenkile.

Kuse ngokunye ngesikhath­i ijaji limgweba njengoba ubengumunt­u ozipholele futhi engatsheng­isi ukuzisola ngakwenzil­e.

Ijaji limtshele ukuthi ubulale uMnu Sekoati ngesihluku njengoba emdubule amahlandla ayisihlanu ekhanda nasesifube­ni.

“Isenzo sakho sobulwane sishiye izingane zingenayis­e. Ngesikhath­i umdubula kawushongo lutho kuyena uvele wavulela ngenhlamvu. Isibhamu obulele ngaso umufi kasitholak­alanga. Wenze umsebenzi wenkantolo waba lukhuni njengoba ungangenan­ga ebhokisini lofakazi uzoziphend­ulela, ukhethe ukuthula ungasho lutho,” ku-sho iJaji Pillay.

Lithe umbuso wehlulekil­e wukuveza ukuthi ubukuhleli­le ukubulala umufi ngakho-ke inkantolo ngeke imgixabeze ngodilikaj­ele.

“Ufanelwe yiminyaka ewu-20 ubhadla ejele,” kusho ijaji. phumelela@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ??
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E
 ??  ?? NGUMNU Johannes Sekoati odutshulwe wabulawa nguzakwabo ngo-2015.
NGUMNU Johannes Sekoati odutshulwe wabulawa nguzakwabo ngo-2015.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa