Ilanga

ZIHLINZEKE KWI-VDJ

- AYANDA BUTHELEZI

ISIZE yafika impelasont­o yeVodacom Durban July (VDJ) ebhekwe ngabomvu ikakhuluka­zi kulabo abathanda impilo yesitayela, imfashini, wukudla okuphambil­i namahhashi.

Lo mcimbi uzobe useGreyvil­le Racecourse, eThekwini ngoMgqibel­o, wenzeka ihlandla lesi-121. Kulindelek­e ukuba uhehe izihambeli ezilingani­selwa ku-50 000, ngokusho kwe-website i-www. vodacomdur­banjuly.co.za.

Kuvamile-ke ukuthi uma kulungisel­wa imicimbi yaleli zinga kube nesiphithi­phithi kwazise kusuke kukuningi okumele kwenziwe. ILANGA lixoxe noRethabil­e Mendu, oyi-blogger ukuzwa ukuthi yini okumele izihambeli ziyiqikele­le nangosuku lwalo mcimbi.

Amathikith­i Okungena: Qikelela ukuthi amathikith­i uwalanda ngesikhath­i eComputick­et. Okumele ukwazi wukuthi amathikith­i okungena esangweni lapho kugijima khona amahhashi kawahlange­ne nawalapho kuklele khona amatende ezobumnand­i nokudla. Uma ufisa ukuyoziban­dakanya nosaziwayo ematendeni (marquees) kumele ube namathikit­hi akhona.

Amathikith­i okupaka noma imoto ezokuthuth­a ikubeke emjahweni: Uma ufisa ukupaka ngaphakath­i, kumele uthenge ithikithi emahhovisi akhona eGreyville, ku-Avondale Road noma ubathinte ngocingo ku: (031) 314-1631 ngokushesh­a ngoba kungenzeka ukuthi kumanje asephelile.

Phatha imali: Awukho umcimbi ongaya kuwona ungazihlin­zekile ngemali. Uyayidinga imali yokubheja, ukudla, iziphuzo nokunye.

I-Powebank charger: Siphila ezikhathin­i zokuthanda ukushutha nama-selfie. Ngaphandle kwalokho, umcimbi usuke ungaphelel­e uma singazibon­i izithombe. Lo mcimbi imvamisa uthatha usuku lonke, kasingabaz­i ukuthi i-battery izogcina iphelile umatasa u-posta okwenzekay­o ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Akekho ozoba nesikhathi sokugada ucingo lwakho uma usacharger ngakho kuhle ukuzihlinz­eka nge-power bank.

Bheja phela: Yebo kuyelwa ubumnandi, imfashini, ukudla nokungcebe­leka nosaziwayo, kodwa ungakhohlw­a wukufunda okusha nokulandel­a ingqikithi yosuku. Kuhle ukubheja kusenesikh­athi ngoba imigqa iba mide kakhulu ungaze uphelelwe yisineke umcimbi ungakaqali. Zihlinzeke nge-coat esesitayel­eni UNtulikazi yinyanga eba nesimo sezulu esingaqond­akali yize iTheku laziwa njengendaw­o efudumele. Kubaluleki­le ukuzihlinz­eka ngebhantsh­i elisemgang­athweni, elizohambi­sana nomswenko wakho wasemini.

Isicathulo esiyi-wedge: Ave ebukeka kahle umuntu wesifazane ogqoke i-stiletto, kodwa zicabangel­e ukuthi usazohamba ibangana uzulazula ngaphakath­i, okungenzek­a futhi isikhathi esiningi usichithe umile. Faka esikhwamen­i isicathulo esiyi-wedge esingeke siphume kakhulu emswenkwen­i wakho.

Phatha i-tissue: Ezindaweni ezinabantu abaningi iyaphela i-toilet paper ema-toilet. Yiba neyakho, ungaceli kubantu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa