Ilanga

BADUMELE KWESULA UMPHATHI

- MTHOBISI SITHOLE

IZIMISELE ngokuqinis­ekisa ukuthi konke kuhamba kahle mayelana nokuqashwa komphathi omusha i-University of KwaZuluNat­al emuva kokuba kuthe ngesonto eledlule kwesula obesipheth­e, uDkt Albert Van Jaarsveld.

Usihlalo womkhandlu wenyuvesi, uDkt Vukile Mehana, uthi umkhandlu uzohlala ucubungule mayelana nalesi sikhundla ukuze inyuvesi igcinwe iseqophelw­eni eliphezulu.

UDkt Van Jaarsveld osule kukhalwa kule nyuvesi, uzwakalise ukuthi usethole amadlelo aluhlaza e-Australia, lapho eseyokuba ngumqondis­i e-Internatio­nal Institute for Applied System Analysis (IISA).

Uthathe izintambo kule nyuvesi mhla ka-2 kuNhlolanj­a (February) 2015 kanti ngaphambi kokuba aphathe e-UKZN, ubekade eyisikhulu esiphezulu esikhungwe­ni socwaningo, iNational Research Foundation.

Inyuvesi izomemezel­a ngokuphela kukaMfumfu (October) ukuthi ngubani ozobamba njengoba uhlelo lokuqasha luthatha isikhathi eside.

Okhulumela i-UKZN, uNkz Normah Zondo, uthe inyuvesi izwakalisa ukudumala ngokwesula emsebenzin­i komphathi wayo okulindele­ke ukuba agcine ekupheleni kukaMandul­o (September) nonyaka. Uthi uDkt Van Jaarsveld ubambe iqhaza elikhulu ekusungulw­eni kwezinhlel­o ezintsha ezisize kakhulu abafundi.

“Isigungu senyuvesi siyabonga kakhulu ngeqhaza lakhe ekuqinisek­iseni ukuba zonke izinto zihamba ngendlela efanele. Simfisela okuhle kuzona zonke izifiso zakhe kanjalo nezinhlelo,” kusho uNkz Zondo.

UDkt Van Jaarsveld ngaphambi kokuba afike kule nyuvesi, ubesebenza kakhulu kwezocwani­ngo lwezemfund­o e-University of Pretoria, eStellenbo­sch University naseDarmou­th College e-United States of America. Ngakolunye uhlangothi, i-University of Cape Town, yemukele isekela leshansela elisha uSolwazi Mamokgethi Phakeng, Inkontilek­a yakhe eqale ukusebenza ngeSonto, emuva kokusula kukaDkt Max Price.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ??
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E
 ??  ?? ISEKELA leshansela laseUKZN, uDkt Albert Van Jaarsveld osethi khumu.
ISEKELA leshansela laseUKZN, uDkt Albert Van Jaarsveld osethi khumu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa