Ilanga

IKHULUNYEL­WA PHANSI EYEMIBUTHA­NO YE-EFF

- PHUMLANI GAMA NGA,

IKHULUNYEL­WA phansi eyokuhlala kwezingqun­gquthela zokuqoka ubuholi be-EFF ezifundeni eziwu-5 KwaZulu-Natal, okulindele­ke ukuba ibe ngeSonto. Ngokuthola kweLA

lezi zingqungqu­thela - ezibizwa ngokuthi yimihlanga­no - zimi kanje; kukhona eseMtubatu­ba Town Hall, eMkhanyaku­de; ehholo lomphakath­i eNewcastle; ehholo lomphakath­i eRichards Bay, eKing Cetshwayo; eMgungundl­ovu naseThekwi­ni silobe zingakaqin­isekiswa izindawo.

Ngokusho komthombo ongaphakat­hi kuleli qembu, konke sekumi ngomumo.

“Phela thina siyaqala ukuba nengqungqu­thela yokukhetha ubuholi, sitshelwe ukuthi izothatha usuku olulodwa, okusho ukuthi sizofike sifundelwe imithetho nendlela okuzovotwa ngayo.

“Liyothi lithambama kuyobe sekucacile ukuthi ngobani abazohola izifunda kulezi eziwu-5. Nakuba sibona sengathi kungase kube nezithiyo, kodwa sikholwa wukuthi ingqugquth­ela izohamba kahle kakhulu,” kusho umthombo.

UNkk Reneiloe Mashabela oyibamba likanobhal­a we-EFF KwaZulu-Natal, uthe nakuba ikhona futhi iyiqiniso indaba yokuhlala kwezingqun­gquthela zokukhetha ubuholi, kodwa ngeke bemukelwe abezindaba futhi bazofihlel­wa izindawo ezizoba kuzona.

Ebuzwa ngezizathu zokungafun­wa kwabezinda­ba, wenyukelwe wumoya.

“Wena ukuthathap­hi ukuthi kuzoba nezingqung­quthela kulezi zindawo ngeSonto? Ukube siyabading­a abezindaba ngabe kudala sazikhipha izimemo zokuba babe khona.

“Ikhona imihlangan­o ezoba ngeSonto kodwa eyamalungu enhlangano kuphela,” kusho uNkk Mashabela maqede wavala ucingo lwakhe.

 ??  ??
 ??  ?? UNkk Reneiloe Mashabela oyibamba likanobhal­a weEFF KwaZulu-Natal, uthe iyiqiniso indaba yokuhlala kwezingqun­gquthela zokukhetha ubuholi, kodwa abezindaba ngeke bemukelwe.
UNkk Reneiloe Mashabela oyibamba likanobhal­a weEFF KwaZulu-Natal, uthe iyiqiniso indaba yokuhlala kwezingqun­gquthela zokukhetha ubuholi, kodwa abezindaba ngeke bemukelwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa