Imbizo yesizwe samaZulu Ondini
Inkulumo yokwethula iNgonyama kaZulu eyethulwe nguMntwana uMangosuthu Buthelezi
UKWETHULWA KWENGONYAMA KAZULU NGUMNTWANA UMANGOSUTHU BUTHELEZI OYILUNGU LEPHALAMENDE LIKAZWELONKE, UNDUNANKULU WOMDABU WENGONYAMA NESIZWE, INKOSI YESIZWE SAKWABUTHELEZI NOMENGAMELI WEQEMBU LENKATHA YENKULULEKO
ISILO saMabandla, uNomthebe weSizwe samaZulu, iNgonyama uZwelithini Goodwill kaBhekuzulu; AbaNtwana baseNdlunkulu namaLungu e-Royal Council; uSihlalo neSigungu se-Ingonyama Trust Board; AmaKhosi aseNdlunkulu neziNduna eziphuma kulo lonke elikaMthaniya; izihambeli ezimele uHulumeni; abaholi bezenkolo nabaholi bezamabhizinisi; Sizwe sika Zulu esiziqhenyayo –
INgonyama uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu isibuse phezu kweSizwe sethu singuZulu iminyaka engu-46 ngaphandle kokuphaka ngisho eyodwa impi ukuyohlasela.
Kakukaze kuzwakale ngisho nangelilodwa ilanga kukhuzwa isiqubulo sethu “Usuthu” esenanelwa yizintaba, amagquma kanye namathafa ombuso welakithi solokhu indodana yeNgonyama, uCyprian Bhekuzulu kaSolomon, yabekwa esihlalweni sobukhosi. Amaklwa amabutho kaZulu kawakaze akhothwe futhi anukelwe ligazi ngaphansi kombuso wakhe kanti iSizwe sakithi siyaqhubeka nokuchuma, siphila phansi kokuthula.
Kulokhu-ke sizwakalisa ukuthokoza, njengoba isalokhu ilokoza inhlansi yenkumbulo yempi emqondweni weSizwe.
Impi kaZulu namaNgisi
Sesilulalele njengensakavukela kuhle komchilo wesidwaba, udaba esasiluxoxelwa ngobabamkhulu nokhokho bethu, ababesadl’anhlamvana, kuyinto eyayisengundab’izekwayo eSizweni sikaZulu ,ukuthi oyise balwa kanjani empini kaZulu namaNgisi, okwabonakala kuyo, ukwehlulwa kweSizwe sakithi kwalandelwa ngukucazwa kombuso weSizwe sakithi.
UBabamkhulu, uMkhandumba kaMnyamana, waba yisisulu sokulimala empini yaseSandlwana kwathi umfowabo uMntumengana wabulawa khona lapho wasala enkundleni. Ngemuva kwempi yaseSandlwana, impi yas'Ondini yaba yisiphetho somzabalazo kaZulu ngaphansi kukakhokho weSilo, ukhokho wami, nabeSilo abalapha iSilo uCetshwayo ka Mpande.
Impi yaMazwe ayengaphansi koMbuso wamaNgisi kwakungakaze kulinge ukuba inqotshwe ngezinga elilinganiswa nelempi yaseSandlwana. Ekuziphindiseleni, amaNgisi aqinisa ukuphepha kwamabutho awo, ngokuthumela inqwaba yamabutho ayehlome ezingovolo amasotsha amaNgisi, ayengaphezulu kwalawo abanqoba ngawo izwe lase-India, ukuhlasela elaKwaZulu. Kwathi ngomhla ka ka Julayi 4 ngonyaka ka-1879, kwahlaselwa isigodlo sasOndini. Amaqhawe eNgonyama alala edindilizile emuva kokubulawa, amanye alimala kabi, lapho amaNgisi egubha ukunqoba kwawo okokugcina empini phakathi kuka Zulu namaNgisi. Lokhu kwasho ukuhlithwa kwezwe lakwaZulu lafakwa ngaphansi kombuso kaQueen Vitholi wamaNgisi.
U-Lord Chelmsford wathumela ukuba isigodlo seSilo sas'Ondini sithungelwe ngomlilo, owathatha izinsuku usha, ugqamuka amalangabi. Ihlalankosi laKwaZulu lasha langumlotha. Izinsalela kwaba nje yiwo umlotha; kwasala isisekelo somoya wokunqoba esizweni esehluliwe. Lowo mlotha wokusha kwesigodlo seNgonyama yas'Ondini, iJininindi, kwakusho ukwephucwa kwayo umhlaba wayo okokugcina.
Umzabalazo weminyaka engaphezu kwekhulu
Okwalandela lapho kwaba umzabalazo ongaphezu kweminyaka eli100, ukuhlanganisa isizwe saKwaZulu futhi nokubona umbuso wakithi kanye neNgonyama yethu ubuya ngokubuyiselwa kwayo esikhundleni ngokuphelele.
Sike saba yizisulu zenhlupheko siboshelwa futhi sidingiselwa Amakhosi ethu. Sibe yizisulu zobukoloni kanjalo futhi nombuso wobandlululo.
Sibe yizisulu zokwenqatshelwa kweSilo samaBandla, Ingonyama kaZulu, ukwethamela izingxoxo zokubhunga ngokusungulwa kombuso wentando yeningi kuleli leNingizimu ye-Afrika. Sakulwela kwaze kwenzeka. ISilo sas'Ondini sadingiselwa eKoloni, saze sacela ukuyobonana no-Khwini Vitholi (Queen Victoria) siyoncengela ukubuyiswa kobukhosi baso nezwe laso
Naphezu kwakho konke lokhu, iSizwe saKwaZulu siselokhu simile. Siselokhu sinoNomthebe ohlezi eSihlalweni seNgonyama yas'Ondini, uCetshwayo.
KuseneNgonyama eseSihlalweni seNgonyama uShaka. Yikho iNgonyama yethu isibuthele lapha Ondini ngalo kanye usuku esephucwa ngalo izwe, nokwehlulwa ngalo uZulu lapha Ondini ngamasotsha amaNgisi.
Inselelo entsha ebhekene nesizwe sikaZulu
Namhlanje sibuthene lapha ukuhlangabezana nomlozi weNgonyama yethu, ngoba sekuqubuke usongo olusha esekufanele sibhekane nalo.
Usuku lwale Mbizo luqokwe ngabomu ukuluqondanisa nosuku lwesikhumbuzo seminyaka eli-139 yokuliwa kweMpi yas'Ondini. Lolu suku olukhethwe yiSilo lungolubalulekile, njengoba iSizwe sakithi savuka emlotheni owawemboze le ndawo, futhi siyakwazi ukuphinda sivuke, ngisho nangaphansi kwamalangabi asembozile.
Sekukaningi kuthiwa siyacishwa okokugcina sidlule singacisheki.
Ngifuna ukuba ngikubeke kucace kuthi bha ukuthi kangihlabi mlozi wokuphehla impi.
Njengesizwe sinokuziqhenya ngeqiniso lokuthi iNgonyama yethu ibusa ngesikhathi sokuthula. Kasiyifuni impi.
Kasilufuni udlame. Kasikufuni ukuchitheka kwegazi. Esikufunayo yilungelo lethu lomhlaba elihlon- ishwa ngokusemthethweni wezwe. Phela yikusho-nje nokuthi sifuna izwe. Sikhuluma ngezicutshana noma amanenjana asala neSilo naMakhosi angaphansi kweSilo ngesikhathi sephucwa izwe.
Sifuna uhulumeni kazwelonke oholwa nguKhongolose ukuba uvume ukuthi iNgonyama yethu inegunya lokubusa emhlabeni wethu, nokuthi Amakhosi omdabu agunyaziwe ukuphatha umhlaba, ngaphansi kweNgonyama yethu nokuthi imizamo eyenziwa nguMbuso wezwe yokuhlwitha umhlaba wethu ngaphandle kwesinxephezelo kayiphambene-nje kuphela noMthethosisekelo wezwe, kodwa iphambene ngisho nanobulungiswa ngokwemvelo futhi.
Sekukaningi Undi lushiswa emuva kokushiswa ngamaNgisi ngo-1879.
Lolo kwakuyiloluya olwalungamadlangala ekubuyeni kweSilo sas'Ondini phesheya. Lolu olubizwa ngokuthi lwaluma-hlikihlikana, lushiswa ngabantu abamnyama, okungamaZulu ayesephendukele iSilo.
Njengoba nasemuva kokuba sesithi sivuka emlotheni, Undi lweSilo lubuye lwashiswa wukuthi uHulumeni omnyama anqume ukuba lushiywe lunje, kuyomiswa uHulumeni weSifundazwe eMgungundlovu. Namanje nguHulumeni wethu omnyama osezolushisa okokugcina Undi.
Nxa sebephuce iNgonyama naMakhosi ayizinsika zobukhosi bayo, lezicucwana ebezisele, sizifake ngaphansi kweNgonyama, umnikaziso, selusha okokugcina Undi ngalesi senzo. Sisayophinde sikhuleke-nje sithi 'Silo Somhlaba' njengoba besenza?
UMthethosisekelo uyakwazi ukuguqulwa. Umthetho uyakwazi ukuchitshiyelwa. Lokho kodwa kakukwazi ukwenza ukuhlwithwa komhlaba kube yinto elungele ukwenziwa, evumelekile noma kube ngukuziphatha kahle okwese-kelekile.
Ubuhlanga bethu bubopheleke emhlabeni. Ukususwa komhlaba ebunikazini beNgonyama naMakhosi kungukuntwengula umphefumulo kaZulu okokugcina.
Umbuso wakithi wake wacanwa ngaphambilini, ngemuva kweMpi phakathi kuka Zulu namaNgisi. Kwasetshenziswa umthetho oyisenzo-mbumbulu ukuwehlukanisa, kwabakhona iziqeshana ezili-13, okwatshala imbewu yoqhekeko olungasobuye lugwemeke. Kwathi abanikwa lezoqeshana kwathiwa sebelingana neNgonyama, abasaphoqekile ukuyithobela ngokuyikhonza.
Izizukulwane eziyizisulu ngaphansi kwengcindezelo yobukoloni nokwephucwa ubunikazi ngokobuhlanga kwashiya iSizwe saKwaZulu nezingcezu neziqeshana zezwe lethu lomdabu.
Kwathi ngonyaka ka-1994, lapho selidumela emasumpeni kwelentando yeningi, wonke lo mhlaba kwakuhleleke ukuba ubunikazi bawo kuzenzakele khona ukwedluliselwa eMbusweni weZwe, njengoba ubunikazi bangasese bawo babungekho, kodwa umhlaba womphakathi uphethwe ngaphansi komthetho womdabu nangokomthetho wesiko.
Umthethosivivinyo ngomhlaba wamakhosi
NjengoNdunankulu kaHulumeni waKwaZulu waphambilini ngaleso sikhathi, ngakho-ke ngabeka ngaphambi kweSishayamthetho saKwaZulu umthetho obusalungiswa ukubekwa wonke lo mhlaba ku-Trasti, ubunikazi bawo bube ngaphansi kweNgonyama Isilo sethu, ukuze uhlale ubunikazi bawo bungaphansi kwemiphakathi buphatheke ngokomdabu kanye nangokomthetho wesiko.
Njengoba uMthethosisekelo uthi uyakwemukela ukubakhona koBukhosi, kufanele-ke umhlaba uphathwe yiSilo umniniwo naMakhosi aso.
Umthetho-sivivinyo lona kwalandelwa isigaba senqubo yonke, kwakusemini bebade futhi kwenekelwe-ke nangokuhlolisiswa ngabezindaba. Kwashicilelwa kuGovernment Gazette kwaze kwanikezwa ezandleni kubaholi abehlukene be-ANC e-Skukuza Summit, ukuze babe nolwazi ngakho lokhu. Akwenzekanga ebumnyameni, esithe. Kwenziwa emini libalele bha! Umhlangano weSishayamthetho saKwaZulu wawuselungelweni lawo ukushaya umthetho walolu hlobo, futhi kwakungadingeki noyedwa, noma imvume kuhulumeni wobandlululo. Ingonyama Trust Act kwaba yisiqeshana sokugcina somthetho ukushaywa nguHulumeni waKwaZulu eseyosongwa. Kwathi ezinsukwini ezimbalwa ezilandelayo, kwabanjwa izinketho zokuqala zentando yeningi, kwathi umhlaba ubunikazi bawo obungaphansi kweSizwe saKwaZulu wasala ngaphansi kokuphathwa Ingonyama kaZulu, ngaphansi kwalo mthetho naMakhosi.
Eminyakeni embalwa elandelayo, Ingonyama Trust Act kwaba nenkulumo-mpikiswano eyabanjwa ngokukhulu ukucophelela Esishayamthetho saKwaZulu kanye nasePhalamende likazwelonke ngo-1997. Yaba nezichibiyelo ezimbalwa, ekugcineni kwaba nokweneliseka kwawo wonke amaqembu.
Lomthetho wasiwa ePhalamende eKapa ngo-1997 ukuba ucutshungulwe kuphele ukuwungabaza.
Kuwo lomgudu, empeleni kakukho noyedwa owaphikisa ukuthi - Ingonyama iphethe igunya lokuphatha umhlaba, nokuthi Ingonyama ifanele ukuphatha leli gunya. Kwakudingidwa ngesikhathi seSishayamthetho senkulumo-mpikiswano ngomhlaka 11 Mashi ngonyaka ka-1997, kukhulunywa ngesiqeshana somthetho Ingonyama lapho uMhlonishwa, uDkt ZL Mkhize, owayenguNgqongqoshe weZempilo waphambilini lapha eSifundazweni aphawula khona mayelana naloMthetho: ngimcaphume -
“(Lokhu) kuvumela lesi Sifundazwe ukuhlabela phambili ngohlelo lwentuthuko. Ngifisa ukuqinisekisa ukuthi sesikwamukele futhi siyakweseka ukuthi...
(iqhutshwa ngaphesheya)
iNgonyama ifanele ukuba nguSihlalo weBhodi noma kuqokwe oyiLiso leSilo. Njengoba sonke sivumelene ngesiphakamiso sokuthi wonke umhlaba ubunikazi bawo bungobeNgonyama, kakufanele ukuba kushiwo nje ngomlomo kuphela, kodwa kufanele ukuba kubonakale ukuthi Ingonyama iyambandakanyeka siqu kulo Mthetho.”
Kusho uMhlonishwa uDokotela uMkhize, ngenhlahla manje osekunguye ophethe umnyango weZomdabu esingaphansi kwawo.
Ingonyama Trust
Ingonyama Trust isolokhu ihlezi ikhona ngokusemthethweni eminyakeni engama-24 eyedlule. Ingonyama Trust ukwaziwa kwayo kuqashelwe futhi kuhlonishwa yiNkantolo yoMthethosisekelo.
Akukaze kubekhona noyedwa owake wabeka igama lokusola noma lokugxeka ukuba khona kweNgonyama Trust Act ngemuva kokuba isichitshelwe ePhalamende ngo-1997.
Bekukhona kuphela izikhalo zabakwezinye izifundazwe bethi thina Zulu sikhethwe ngokuba sinjani ukuba owethu umhlaba uvikeleke nokuba ubesezandleni zeNgonyama eyengamele ibhodi yeNgonyama Trust.
Namhlanje kodwa, sekunemisindo etswininizayo ethi makuhwaywe kucishwe uMthetho noma uchitshiyelwe umthetho ngomhlaba ngendlela ezodlulisela izwe leSizwe saKwaZulu, kuHulumeni kazwelonke, ungaphathwa yiSilo naMakhosi oHlanga, kodwa uphathwe nguNgqongqoshe weZokuphathwa kweNtuthuko eZindaweni zaseMakhaya noKuhlelwa kweZomhlaba.
Bathi Ingonyama yethu mayephucwe igunya layo lokwetshatha umthwalo wayo waseNdlunkulu, wokuba ngumgcini womhlaba.
Kuya kubasiza lokhu ukuba baphumelele ukwehlisa isithunzi sokuhlonishwa kweNgonyama embusweni osuphelelwe yisithunzi sawo.
Nxa bephumelela ukukwenza lokhu abathi bazokwenza, kobe kuphelile ngeNgonyama noBukhosi.
Usukaphi lo msindo?
Lomsindo otshwazayo ophikisana nokuba khona kwe Ingonyama Trust Act okuqubuka wePhaneli Esezingeni Eliphezulu Ekuhlolweni Komthetho Nokusheshisa Uguquko Oluyisisekelo. NgeNgqungquthela yayo yama-54 Kazwelonke ngoDisemba ka-2017, i-ANC yaqaphelisa ngokuthi (ngicaphune) “…….. i-ANC KwaZulu Natali kade ilokhu iphakamisa imizamo yokuchithwa kwe-Ingonyama Trust”.
Ngakho isincomo sePhaneli kwakungesona esingalindelekile. Iphaneli yenganyelwe nguSihlalo, uNobhala-Jikelele waphambilini kaKhongolose futhi owabe enguMengameli kaHulumeni, waphambilini, uMnu Kgalema Motlanthe.
Yehluleka, ezimeni zayo, ukuhlangana ne-Ingonyama Trust Board, neSilo saMabandla uNomthebe, neNdlu yaBaholi Bomdabu, neZindlu zeZifundazwe ngisho noma ne-CONTRALESA.
Kayikaze yenze ngisho nomzamo owodwa wokulinga ukukhuluma nomsunguli we-Ingonyama Trust Act, okuyimina, ukuqondisisa isizathu esaholela ekubeni umthetho lona usungulwe, nokuthi kwaba yini isidingo sakho lokho. Yimi njengomsunguli wawo engingachaza lokho.
Kwathi lapho isincomo sePhaneli sesinwebekela kude, sesiqhakambiswa emiphakathini ngobubanzi bayo, Ingonyama Trust Act yamema uMengameli waphambilini uMnu Motlanthe ukuba akazobikela iBhodi kanye naMakhosi, achaze ngomcabango wale Phaneli.
Isimemo kodwa kasizange silinge samukelwe. Esikhundleni salokho, kwathi ngeSiqongo seANC esimayelana noMhlaba ngenyanga kaMeyi kulo ophezulu, uMnu Motlanthe waciba ngokuhlasela kwakhe, ngokubiza abaholi bomdabu, “ngondlovu-kayiphendulwa basemakhaya abangamabhodwe-nje akhiwe ngethini, elinokuchoboka kalula.”
Kakuzange kube khona ngisho nalinye ilungu likaKhongolose elake lathi nje vu ngomlomo walo.
Kakuzange kube khona nalinye ilungu likaKhongolose elake lamphikisa noma bamhlome umbuzo ngalokhu.
Iqiniso elimsulwa ngalokhu ngukuthi lomholi wayekhipha, ephahluka izwi lenhlangano kaKhongolose elikade lisesifubeni sabo ngalolu daba.
Emuva kwezinsuku ezimbalwa, kwathi ngesikhathi semibuzo ePhalamende ngenyanga eyedlule, iSekela likaMengameli, uMnu David Mabuza, enqwamana nemibuzo ngamacala abekwa uMnu Motlanthe ngokuthuka kwakhe abaholi bomdabu, wehluleka ukuphikisa lezi zinsolo, waziba umbuzo weLungu lePhalamende, akaqhamuka nekhambi lokulungisa, wavele waqinisekisa ukuthi uMthethosivivinyo owuhlaka usukhona ukuze ususe umhlaba ophethwe yilaba baholi bomdabu, kanye asebesebenze bahola abantu bakithi izizukulwane ngezizukulwane.
I-Lekgotla
Kuthe ngeviki eledlule, ngamenywa ngaBaholi boMdabu beNdlu kaZwelonke ukuzimazisa i-Lekgotla Ethekwini kanye nokukhuluma ngodaba lomhlaba njengefa eliligugu.
Indlu yamema uNgqongqoshe woMnyango weZobulungiswa kanye neZokuhlunyeleliswa Kwezimilo ukuzokhuluma mayelana nesihloko esithi “Izinyathelo zeSahluko sesi-7 nese-12 zoMthethosisekelo maqondana namandla nemisebenzi yabaholi bomdabu, nomgudu oqonde ekuchitshelelweni kwesahlukwana sama-25 soMthethosisekelo” Ngakho-ke nganqamula umhlangano weKomidi Lesigungu Esiphezulu weQembu lami ngayokwethamela i-Lekgotla ngosuku lapho uNgqongqoshe wayefanele ukuba akhulume khona. Kodwa uNgqongqoshe uMasutha akazange abonakale nangalukhalo.
Nokuba sizwe-nje ukuthi ubanjwe yini ukuba angezi emhlanganweni waMakhosi onke aseNingizimu ne-Afrika, lutho.
Kwathi emazwini ami okuphawula, ngakhumbula isibophezelo somhlangano ophuthumayo ongokukhethekile weKomidi leKhabi-