LIYANYATHELWA ILUNGELO LEZINGANE
MHLELI: Ngisukunyiswa yinkinga engiyibonayo endaweni yakithi eNqulwane. Kunesikole lapha ngakithi, iMazonke High School, esineminyaka eyevile ku-20 sisebenza, nami ngafunda kusona, ngiphase kusona umatikuletsheni eminyakeni ewu-10 edlule.
Maphakathi noNhlaba (May) 2018, kungena abafowethu esikoleni iMazonke High School beyokwenza okuthile, bafika ngaphakathi bafuna izimpahla zabanye babafundi ezazithathwe ngaphansi komthetho othile olawula isikole, kwaba sekuba nokuhilizisana phakathi kwabo nothishomkhulu.
Nokho kabenzanga monakalo ngoba lasheshe labanqanda iphoyisa labakhiphela ngaphandle kwesikole. Emuva kwalokho wabe esesaba uthishomkhulu kangangoba lolu daba lwabikelwa induna yendawo eyababiza laba bafana nabazali babo esihlahleni samacala, lwakhulunywa bakhuzwa nabo basho ukuthi abakwenzile bayazisola ngakho, ngeke baphinde bakwenze.
Emuva kwalokho uthishomkhulu wabikela inyunyana yakhe, iSouth African Democratic Teachers’ Union (Sadtu), yona eyabe isiphakamisa ukuthi akaphephile uma esesikoleni yabe isithi makathi ukuhoxa kancane kuze kuba isimo siyadamba esikoleni noma ezokuphepha ziyaqina. Wabe esehlala kanjalo ekhaya.
Isigungu esilawula isikole sazama ukuncenga uthishomkhulu ukuba abuyele esikoleni njengoba sabiza imihlangano yangaphakathi eminingana, kodwa kasiphumanga isixazululo.
Sagcina ngokubiza umhlangano omkhulu wabazali, umphakathi wonke, othisha, abafundi, yiSadtu, yiNational Teachers’ Union (Natu) nabahloli besi- yingi sasoKhukho, eMahlabathini - lesi sikole esingaphansi kwaso. Kwavulelwana izifuba kwangenwa kwagxilwa enkingeni, umphakathi uholwa yinduna yawo wabe usuzibophezela ekubeni uzosivikela isikole nothisha bonke ukuze bafundise izingane zawo ngothando nangokukhulu ukukhululeka.
Induna yendawo, ubaba uSishange, yaze yathi nayo iyazibophezela ekutheni izosivikela isikole nothisha baso ezigcwelegcweleni zendawo. Sakushayela elikhulu ihlombe lokho siwumphakathi waseNqulwane, yaze yathi induna izosebenzisana namaphoyisa ukuqinisekisa ukuphepha kothisha, yathi eyobathola begcweleza esikoleni, iyobadingisa nokubadingisa endaweni eyibhekile.
Kwabe sekucelwa inyunyana kathishomkhulu ngezwi lomhloli ukuba iphinde iseboleke yena. Yaphuma naye imizuzwana yayobhunga ngaphandle, yabuya lapho yathi iyasizwa sikhuluma kodwa yona kayikakezwa ukuthi nje- ngomphakathi sithini ngokuphepha komuntu wayo, yabe isithi umhloli makenze uphenyo lwangaphakathi esikoleni oluphuthumayo. Yavala ngokuthi izosibuyisela uthishomkhulu ngoLwesibili noma ngoLwesithathu njengoba umhlangano wawungoLwesihlanu.
Nanso-ke inkinga eyenza ngibhale lolu daba ephepheni, salubheka lolo Lwesibili kuze kube yimanje uthishomkhulu akakaze abuye esikoleni. Njengomphakathi nabazali, kasitshelwa lutho, izingane kazifundiswanga ngaphambi kokuba zibhale, bezifana nezivakashi esikoleni.
Ngingathi nje bese ziyela iphalishi nje kuphela, zize zaqala ukubhala izivivinyo zingasamazi uthisha phambi kwazo selokhu zamgcina ngoNdasa (March). Nginolukhulu uvalo lokuthi kazi izingane zaseMazonke zizophumelela yini uma sekubuya amariphothi nemiphumela kaNhlangulana (June).
Ngicela ukwazi ukuthi iSadtu ngabe iyazicabangela yini izingane zobaba nezingane zethu ezifunda eMazonke njengoba zizofeyila ekupheleni konyaka. Ngicela ukuzwa ukuthi umnyango wezemfundo eMahlabathini, uthuleleni ikusasa lezingane lifa kubhekiwe noma mhlawumbe kwenza ngoba singabantu basemakhaya abazihluphekelayo?
Ukube lesi sikoleni sisedolobheni noma elokishini, kangikholwa wukuthi ngabe kuyenzeka lokhu, kudlalwa ngathi ngoba singamabhinca. Ngiye ngizwe uhulumeni uthi zonke izingane zinelungelo lokufunda, ngicela ukubuza ukuthi elalezi zaseMazonke kungani lona linyathe-lwa.
Ngiyadumala ngoba abazali balezi zingane okudlalwa ngazo, bavota minyaka yonke le okuvotwa ngayo.