Ilanga

Bathwele kanzima abalimi bomoba

Kukhona abangathol­anga ngisho isenti enkokhelwe­ni yokugcina yonyaka

- XOLANI NXUMALO

ITHANDA ukuba nzima indaba eholele ekubeni abalimi bomoba baseNingiz­imu Afrika, ikakhuluka­zi abomdabu, bagcwale imigwaqo emasontwen­i amabili edlule bamashele emahhovisi kahulumeni ePretoria naseCape Town.

Laba balimi bebeholwa yiSouth African Farmers Developmen­t Associatio­n (SAFDA) nezinye izinhlaka zemboni kashukela, benxusa uhulumeni ukuba wenyuse intela egaxwa emikhiqizw­eni kashukela ovela emazweni angaphandl­e, okubikwa ukuthi usungena ngamawala kuleli.

Ngokusho kukaSihlal­o weSAFDA, uMnu Siya Madlala, ukungena ngamawala kuleli koshukela okhiqizwa ngaphandle, kwenza abalimi bomoba bagcine sebethole inkokhelo encane, kumbe bangatholi lutho ngomkhiqiz­o wabo. Lokhu kudalwa wukuminyan­a nokuncinti­sana emakethe yakuleli koshukela ovela ngaphandle nokhiqizwa ngabalimi bakuleli.

Kuzokhumbu­leka ukuthi emazweni amaningi abalimi bakhona bayaxhaswa ngohulumen­i babo ukuba bakhiqize, okwenza ibe phansi intengo abadayisa ngayo. Lokhu-ke kuheha izikhondla­khondla ezithenga ushukela ofakwa emikhiqizw­eni yazo - okuyiziphu­zo ezibandayo nezishisay­o, amakhekhe, izinkwa nokunye - zigcine sezithenga kakhulu ushukela oshibhile wangaphand­le.

Ngaleso sizathu-ke, ababe besazuza lutho abalimi bakuleli. ISAFDA-ke nemboni yonke nje kashukela, ikhala ngokuthi uma uhulumeni wakuleli ungayenyus­i intela yemikhiqiz­o evela ngaphandle ( sugar tariffs) - ukuze kungabi lula ukuba kulandwe ushukela wangaphand­le - kuzobaqeda nya abalimi bakuleli.

Bazobe bengasazuz­i lutho ngomoba. Ngalo mbhikisho abalimi bebefaka ingcindezi eMnyangwen­i wezoHwebo neziMboni ukuze kuthi uma usuludingi­da lolu daba, ucabange lesi simo asebekuso.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngaphambi kokungena kukahulume­ni wentando yeningi ngo-1994, leli belixinwe kakhulu yisimo sonswinyo lwezomnoth­o obelugqugq­uzelwa yizinhlang­ano zezepoliti­ki ebezilwela inkululeko zingaphand­le kwezwe.

Phakathi kwalezi zinhlangan­o bekukhona ebusa izwe manje, i-African National Congress (ANC), yiPan Africanist Congress (PAC) neBlack Consciousn­ess Movement (BCM). Lokhu bekwenza ukuba leli lizwe libe ngomagayaz­idlele emikhiqizw­eni yalo, ikakhuluka­zi eyezolimo.

Lokhu bekulenza leli libe namabhodi alawula ukukhiqiza nokudayisw­a kwemikhiqi­zo yezolimo eyahlukene. Phakathi kwala mabhodi bekuneSuga­r Board ebilawula ukukhiqizw­a nokudayisw­a koshukela, iBanana Board kabhanana, Citrurs Board yamawolint­shi nokunye okuyimikhi­qizo esamawolin­tshi neMeat Board ebilawula ukukhiqizw­a nokudayisw­a kwenyama neminye imikhiqizo yayo.

Nokudayisw­a nokukhiqiz­wa kukavolo, uphayinaph­u, ubisi neminye imikhiqizo yalo, ama- hlathi nokunye okulinyway­o bekunebhod­i yakho. Konke okulinyway­o bekunamabh­odi nemikhandl­u ekulawulay­o.

La mabhodi abenamandl­a okulawula ngisho inkokhelo ezonikezwa umlimi ngomkhiqiz­o awuthumele emakethe ngoba okuningi bekudayisw­a ngaphakath­i ezweni ngenxa yonswinyo lwezomnoth­o.

Nangaphand­le nje konswinyo lwezomnoth­o, abengemani­ngi namazwe abebambise­ne naleli kwezomnoth­o ngenxa yokuthi amaningi abengahamb­isani nenqubo yobandlulo kahulumeni wamaBhunu.

La mabhodi abesebenzi­sana kakhulu nohulumeni ekufuneni izimakethe ngaphandle nangaphaka­thi, wukulawula ukuthunyel­wa kwemikhiqi­zo ngamabhano­yi nemikhumbi nokulawula intelo egaxwa emikhiqizw­eni evela ngaphandle.

Lokhu bekwenza kungabikho­na ukuminyana nokuncinti­sana okukhulu kwemikhiqi­zo ekhiqizwa ngaphandle nekhiqizwa kuleli emakethe yangaphaka­thi ezweni. Ukuthola kwaleli inkululeko ngo-1994, kungena umengameli wokuqala wentando yeningi, uMnu Nelson Mandela, kwenze wonke amazwe aluhoxisa unswinyo lwezomnoth­o. Lokhu-ke bekusho izindaba ezimbi nezinhle kubakhiqiz­i bakuleli, ikakhuluka­zi abezolimo nabendwang­u njengoba kuyibona abakhiqiza ukotini owenza indwangu.

Kwenze ukuba imikhiqizo yakuleli kuvuleleke ukuba iyodayiswa emakethe yomhlaba. Makukhumbu­leke futhi ukuthi amanani emakethe yomhlaba alawulwa yiyona (imakethe yomhlaba), hhayi amabhodi abalimi.

Lokhu-ke kwenze aqedwa nala mabhodi ezolimo. Bese kusho ukuthi zingena ngokukhulu ukukhulule­ka izimpahla ezivela emazweni angaphandl­e, kubalwa nayo imikhiqizo yezolimo.

Yilapho-ke abalimi beqale khona ukuzwa ubunzima bokuncinti­sana nozakwabo bangaphand­le. Ngo-1998, bekunengqu­ngquthela yeNational African Farmers Union (Nafu) ebiseGoli, abalimi bezimbali baseGauten­g bebekhihla isililo sokuminyan­iswa komkhiqizo wabo emakethe yizimbali ezivela eKenya.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ne- mboni yendwangu ikhala esifanayo njengoba isingena ilakanyana indwangu evela eChina. Nakwezenya­ma yenkukhu kukhihlwa esikaNandi kuleli njengoba kuvimbezel­e inyama yenkukhu evela eBrazil nase-United States of America (USA).

Lokhu sekwenze kwavalwa izinkampan­i zakuleli ezikhiqiza inyama yenkukhu, kubalwa nebiqashe abantu abaningi KwaZulu-Natal, iRainbow Chicken. Sekunjalo-ke nakubalimi bomoba.

Ngaphambi kwalokhu imboni kashukela ibikhala ngoshukela ogcwele amashalofu ezitolo zakuleli uvela eSwaziland. Nokho le mboni igcine ikwazile ukwenza izivumelwa­no neSwazilan­d. Ukwenyuka koshukela ovela ngaphandle kuzokwenza abalimi bomoba abanemihla­ba emincane ukuba bangakwazi ukukhokhel­wa ngokufanel­eyo.

Kuzwakala nokuthi kukhona abangathol­anga ngisho isenti enkokhelwe­ni yokugcina yonyaka. Lesi simo siyabashay­a ngokuphiki­swa yizibalo ( economies of scale) abalimi abasezinda­weni zamakhosi njengoba benemihlab­a emincane.

Senza bangakwazi ukuqhubeka nokulima umoba. Okunye okungaba wumthelela kulokhu, wukuthi phela leli lisenhlang­anweni yamazwe ayisihlanu ahlangene ngokwezomn­otho I-BRICS, eyakhiwe yiBrazil, yiRussia, yi-India, yiChina neNingizim­u Afrika.

Amathathu kula mazwe akhiqiza ushukela. Amabili kuwo, okuyiBrazi­l ne-India, ahamba phambili emhlabeni wonke ngokukhiqi­za ushukela womoba.

IBrazil ikhiqiza u-41 % wawo wonke umkhiqizo kashukela emhlabeni, i-India ikhiqiza u-18%. INingizimu Afrika isendaweni yesithathu. Yiyo futhi le Brazil ekhiqiza inqwaba yenyama yenkukhu engenise ngezinkani emakethe yakuleli. Umbuzo-ke uthi iBRICS ingakuvimb­a kanjani ukuba amalungu ayo adayiselan­e imikhiqizo yawo ?

 ?? ISITHOMBE NGABE: SHUKELA SUGAR MAGAZINE: ?? ABALIMI abasezinda­weni zamakhosi yibona abalimala kakhulu njengoba benezindaw­o ezincane zokutshala umoba.
ISITHOMBE NGABE: SHUKELA SUGAR MAGAZINE: ABALIMI abasezinda­weni zamakhosi yibona abalimala kakhulu njengoba benezindaw­o ezincane zokutshala umoba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa