ABDUL MILAZI
IMEYA yaseKapa lodumo, uPatricia de Lille, ingikhumbuza enye intombi yangakithi sisakhula, ogama layo kwakunguJosfina, kodwa eyayidume ngelikaSpider.
Wayemuhle, eme kahle futhi enogazi nasezinsizweni uSpider. Yize wayengalona itiye likamasiphuzisane, kodwa wayeshesha lapha ngasekuqomeni. Wawungathi uthi dudlu nje kanye, wethuke esekuqomile, ungakabasho nobhavu nowashingi.
Wayethi uma eluthatha elubeka unyawo kukhale izinsizwa, zivungame okwamagovu aboshwe ngeketango. Wayesho ngamazinyo aluthotho, kuthi lapho emoyizela uzwe sengathi kuphuma ilanga, futhi liphumela wena wedwa.
Izinsizwa zazishayisana ngamakhanda, kuyilowo nalowo efuna ukubeka amabili amathathu. UJosfina wayeqashe kwamakhelwane, kodwa kungekho owaziyo ukuthi uliqhamukisaphi ngempela.
Abanye babethi ngowaseMlazi, abanye bethi ulidabukisa eClermont. Phela abantu bokuhamba babethathelwa phezulu ezindaweni zasemakhaya, ikakhulukazi uma bephuma emalokishini aseThekwini.
Kwakwedlulela-ke uma kuthe kwafika umuntu waseGoli, esasibabiza izikomfanti, njengoba babethanda nokufaka isiBhunu bethi: “ek kom van Jozi af”. Lavela lapho-ke leli gama lezikomfanti, phela ngoba isiBhunu thina sasingasazi, sizwa nje “komfanti, komfanti”.
EBhobhoyi, lapho ngakhulela khona, kwakunensizwa eyayiyisoka lamanyala - wena owabona uMsholozi - kwakwaziwa nje ukuthi kwantombi efikayo evela ngaphandle, izoqala kuMzikayifani. Wayeyigcokama, edla ukotini, ezithanda izinto.
Umculo waseMelika wawubuzwa kuye - ngesikhathi thina sisalalela iSoul Brothers, uMazambane, aMambazo noPat Shange. Kwathi-ke uJosfina engakaqedi namasonto amabili efikile endaweni, wayesehamba noMzikayifani.
Babebonakala betetemuka beyozijabulisa olwandle, babuye bekhithizile edolobheni laseSayidi, bephethe izimpahla zikanokusho nokunye nje okukhala kahle.
UMzikayifani wayenegumbi lakhe elakhiwe emuva komuzi kayise. Wawuzwa nje njalo ngoMgqibelo nangeSonto kukhala wena O’jay’s, Manhattans, Cool and the Gang namanye amabhendi aseMelika. Kuthe sekuphele izinyanga ezine, uMzikayifani wayesekhathele nguJosfina.
Amasoka phela ngabazingeli kawayithandi inyamazane aseyibulele, afuna le esagijima ukuze ayixoshise. Uthe ethi uhlehla nyova uMzikayifani ngoba nakhu esethole isikomfanti ogama laso kwakunguMatsidiso, zonakala izinto.
Thina esikhuluma isiZulu sahluleka wukulibiza leli gama, ngakho-ke sagcina sesimbiza ngoMatsiritsi. Naye uMatsiritsi lona wayekhona, eyindoni yamanzi futhi eme kahle. Kwakuduma “o-mara so”, kudume opotiyane lapha kithi.
UMzikayifani lapho wayesehamba aze atelebhele kuhle kwehhashi labelungu. Into angazange ayicabange uMzikayifani wukuthi uSpider lona akezwani nokwaliwa, kanti uhamba ephethe ummese emabeleni. Wabonakala esehubha uMatsiritsi ngayo i-Okapi kwahayiza omama bendawo.
Kuthe kusabatshazwa lokho, wangena egunjini likaMzikayifani washisa zonke izimpahla zakhe zokugqoka.
Wathi eqeda lapho wama egqumeni wamhlambalaza esho nokuthi unento encane kanti umsebenzi wasocansini akakwazi nokuwushaya ngendlela.
Kwababaza omama bomthanda- zo bethi le ngane enya izipikili kungabe izalwa ngumabani.
Naye uMzikayifani wayesezibonela nje ukuthi uluthezile olunenkume, wayesezalelwe yinja endlini.
Waze wahamba endaweni ebalekela lolu talatiya. Abanye bathi waya ezihlotsheni eMnambithi lapho ayesecula khona leli culo leMambazo elithi “Homeless”.
UDe Lille naye ufana ncamashi noSpider ngoba ithe uma imala iDemocratic Alliance (DA), wala wema ngodonga. Useyiyise enkantolo kabili sikhuluma nje, kanti akathule lapha emlonyeni, uyayihlambalaza.
Sekusele nje ukuba ayoshisa izimpahla zokugqoka zikaMmusi Maimane namadilozi kaHelen Zille. Kwakumnandi kusashelwana ngesikhathi esaphethe elakhe iqembu lombusazwe lamakhaladi i-ID. Manje sebuchitheke bugayiwe.