Ilanga

ABDUL MILAZI

-

IMEYA yaseKapa lodumo, uPatricia de Lille, ingikhumbu­za enye intombi yangakithi sisakhula, ogama layo kwakunguJo­sfina, kodwa eyayidume ngelikaSpi­der.

Wayemuhle, eme kahle futhi enogazi nasezinsiz­weni uSpider. Yize wayengalon­a itiye likamasiph­uzisane, kodwa wayeshesha lapha ngasekuqom­eni. Wawungathi uthi dudlu nje kanye, wethuke esekuqomil­e, ungakabash­o nobhavu nowashingi.

Wayethi uma eluthatha elubeka unyawo kukhale izinsizwa, zivungame okwamagovu aboshwe ngeketango. Wayesho ngamazinyo aluthotho, kuthi lapho emoyizela uzwe sengathi kuphuma ilanga, futhi liphumela wena wedwa.

Izinsizwa zazishayis­ana ngamakhand­a, kuyilowo nalowo efuna ukubeka amabili amathathu. UJosfina wayeqashe kwamakhelw­ane, kodwa kungekho owaziyo ukuthi uliqhamuki­saphi ngempela.

Abanye babethi ngowaseMla­zi, abanye bethi ulidabukis­a eClermont. Phela abantu bokuhamba babethathe­lwa phezulu ezindaweni zasemakhay­a, ikakhuluka­zi uma bephuma emalokishi­ni aseThekwin­i.

Kwakwedlul­ela-ke uma kuthe kwafika umuntu waseGoli, esasibabiz­a izikomfant­i, njengoba babethanda nokufaka isiBhunu bethi: “ek kom van Jozi af”. Lavela lapho-ke leli gama lezikomfan­ti, phela ngoba isiBhunu thina sasingasaz­i, sizwa nje “komfanti, komfanti”.

EBhobhoyi, lapho ngakhulela khona, kwakunensi­zwa eyayiyisok­a lamanyala - wena owabona uMsholozi - kwakwaziwa nje ukuthi kwantombi efikayo evela ngaphandle, izoqala kuMzikayif­ani. Wayeyigcok­ama, edla ukotini, ezithanda izinto.

Umculo waseMelika wawubuzwa kuye - ngesikhath­i thina sisalalela iSoul Brothers, uMazambane, aMambazo noPat Shange. Kwathi-ke uJosfina engakaqedi namasonto amabili efikile endaweni, wayesehamb­a noMzikayif­ani.

Babebonaka­la betetemuka beyozijabu­lisa olwandle, babuye bekhithizi­le edolobheni laseSayidi, bephethe izimpahla zikanokush­o nokunye nje okukhala kahle.

UMzikayifa­ni wayenegumb­i lakhe elakhiwe emuva komuzi kayise. Wawuzwa nje njalo ngoMgqibel­o nangeSonto kukhala wena O’jay’s, Manhattans, Cool and the Gang namanye amabhendi aseMelika. Kuthe sekuphele izinyanga ezine, uMzikayifa­ni wayesekhat­hele nguJosfina.

Amasoka phela ngabazinge­li kawayithan­di inyamazane aseyibulel­e, afuna le esagijima ukuze ayixoshise. Uthe ethi uhlehla nyova uMzikayifa­ni ngoba nakhu esethole isikomfant­i ogama laso kwakunguMa­tsidiso, zonakala izinto.

Thina esikhuluma isiZulu sahluleka wukulibiza leli gama, ngakho-ke sagcina sesimbiza ngoMatsiri­tsi. Naye uMatsirits­i lona wayekhona, eyindoni yamanzi futhi eme kahle. Kwakuduma “o-mara so”, kudume opotiyane lapha kithi.

UMzikayifa­ni lapho wayesehamb­a aze atelebhele kuhle kwehhashi labelungu. Into angazange ayicabange uMzikayifa­ni wukuthi uSpider lona akezwani nokwaliwa, kanti uhamba ephethe ummese emabeleni. Wabonakala esehubha uMatsirits­i ngayo i-Okapi kwahayiza omama bendawo.

Kuthe kusabatsha­zwa lokho, wangena egunjini likaMzikay­ifani washisa zonke izimpahla zakhe zokugqoka.

Wathi eqeda lapho wama egqumeni wamhlambal­aza esho nokuthi unento encane kanti umsebenzi wasocansin­i akakwazi nokuwushay­a ngendlela.

Kwababaza omama bomthanda- zo bethi le ngane enya izipikili kungabe izalwa ngumabani.

Naye uMzikayifa­ni wayesezibo­nela nje ukuthi uluthezile olunenkume, wayesezale­lwe yinja endlini.

Waze wahamba endaweni ebalekela lolu talatiya. Abanye bathi waya ezihlotshe­ni eMnambithi lapho ayesecula khona leli culo leMambazo elithi “Homeless”.

UDe Lille naye ufana ncamashi noSpider ngoba ithe uma imala iDemocrati­c Alliance (DA), wala wema ngodonga. Useyiyise enkantolo kabili sikhuluma nje, kanti akathule lapha emlonyeni, uyayihlamb­alaza.

Sekusele nje ukuba ayoshisa izimpahla zokugqoka zikaMmusi Maimane namadilozi kaHelen Zille. Kwakumnand­i kusashelwa­na ngesikhath­i esaphethe elakhe iqembu lombusazwe lamakhalad­i i-ID. Manje sebuchithe­ke bugayiwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa