Ilanga

Mkhulu umehluko phakathi komuntu wesilisa nendoda

- *Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke, ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho kakulula ukunisiza nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole k

KUYINYANGA yamadoda, sibuyisela ubufana ebafaneni, ubunsizwa ensizweni, sibuyisela ububaba kubaba, sibuyisela ubukhehla ekhehleni sithi isithunzi sabantu besilisa masibuye sime.

Amadoda mawabe yisibusiso emakhaya nasemphaka­thini, angabi yisiqaleki­so. Masingalib­alekeli iqiniso lokuthi kayikho indoda edlwengula­yo futhi kayikho indoda eshaya umuntu wesifazane nehlukumez­ayo, kodwa laba bantu abenza lokho ngabantu besilisa.

Usuke unebhadi uma ungowesifa­zane uhleli nomuntu wesilisa endlini, kodwa usuke unesibusis­o uma uhleli nendoda endlini. Bekufanele bonke abesilisa baqhubekel­e phambili basuke ekubeni ngabesilis­a kodwa babe ngamadoda.

Uma uzoba yindoda-ke, uqina ukhakhayi futhi ukhule. Umbuzo omkhulu oqhamukayo uthi yini umehluko phakathi komuntu wesilisa nendoda. Indoda ngumuntu wesilisa onamabhule­ki kanti umuntu wesilisa yindoda engenamabh­uleki.

Ngeke sakubaleke­la ukuthi ngisho ungaya emajele amakhulu abantu abaningi abagcwele khona kakuzona izigebengu kodwa ngabantu besilisa abehluleka wukuzibamb­a noma ukubhuleka.

Umuntu owangifund­isa ukushayela wathi kimi: “We Sthembiso, ubophuma ngemoto uye emgwaqweni amathayi engalungil­e, akukubi kakhulu uzofika la uya khona noma igugile uyofika ngeNkosi kodwa ungaphumi uma uwezwa amabhuleki ukuthi kawabambi.”

Ejele kugcwele abantu abahluleka wukuzibamb­a. Umuntu wathi ebona imoto okungeyona eyakhe, wehluleka wukuzibamb­a wayintshon­tsha, omunye wabona imali ihleli kabi emsebenzin­i wehluleka wukuzibamb­a wayitshont­sha, omunye wacasulwa ngumuntu wesifazane wadinwa washaya, omunye wabona umuntu wesifazane wamhalela wathi uma eshela wangaqonyw­a wehluleka wukuzibamb­a wadlwengul­a.

Abantu abaningi besilisa ba- phelelwa ngamabhule­ki futhi sizokhulum­a ukuthi abantu besilisa abanale nkinga ekuthiwa yi- factory fault, konakala emakubo la bezalwa khona.

Sizokhulum­a ukuthi uwafaka kanjani amabhuleki enganeni encane yomfana, uyifundisa kanjani ukuthi ikwazi ukuthatha impendulo ewu-cha.

Kakusiyona yonke into okufanele uyenzele ingane yakho uma iyicela, ngesinye isikhathi kufanele wenqabe noma amandla ekhona ngoba uyifundisa ukuthatha u-cha njengempen­dulo - ukwazi ukuhlukani­sa ukuthanda ingane nokuyitoto­sa.

Ikhona into ebucayi ewumkhuba omubi okufanele sikwazi ukuyigwema, ikakhuluka­zi njengendlu emnyama, ebhebhezel­a ukuba abantu besilisa babe yizilwane.

Sike sakuthinta kancane kweminye yemisakazo emikhulu ukuthi yini into edala izilwane. Isilwane yinto ekhula imbona unina kodwa ingamboni uyise. Ichwane likhula libona isikhukhuk­azi kodwa lingalibon­i iqhude, inja izala umdlwane uyoncela uyise engekho, nanguya echitha umgqomo eyojola nezinye izinja ushiye abantwana ngemuva nonina.

Izilwane eziningi uma zikhula zibona onina, hhayi oyise. Kuyiphutha-ke ukuswenka kakhulu ushayele izimoto ezibizayo, uphuze nabangani kanti ingane yakho kawuyazi, ikakhuluka­zi eyomfana.

Ukuba ngubaba nendoda eqotho enganeni kakusho ukuthi uyoze ube nemali eningi, kodwa kuyaye kuthiwe indoda yangempela ngekwazi ukulula izandla bese ingane igijima iyogona kuyise noma emaphaketh­eni akhe kungekho.

Amazwi atholwa yingane kuyise abalulekil­e, ikakhuluka­zi uma kungeyomfa­na. Ungajatshu­liswa wukuthi uyigqokisa kahle izinto ezibizayo, inayo yonke inhlobo yamathoyiz­i kodwa kawuyiniki amazwi ngoba zonke lezi zinto ozithengay­o, mhlawumbe kuyophela iminyaka emibili zingasekho ezinye zingasayil­ingani ingane, kodwa amazwi oyinika wona ayohlala ingunaphak­ade emqondweni wayo.

Iyophila ngawo ukuze ibe yindoda eqotho kusasa ngoba amazwi ayingunaph­akade. Singeke salibaleke­la iqiniso lokuthi amadoda aphezulu athi uma ebonga ethula inkulumo athi: “Ubaba wayevamise ukuthi…” ambalwa athi ubaba wanginika ukuthi.

Maye enganeni enikezwa izinto kanti kayikaze inikezwe amazwi! Ziyahlomek­isana zinto nengcebo onikwa yona kanti amazwi kawekho. Uma singamadod­a kufanele sikwazi ukuhlukani­sa phakathi kwemali nathi ngoba sinomkhuba wokuthi imali yesondlo ngiyayiham­bisa kanti imali kayikwazi ukukumela ube ngubaba, kudingeka nawe ukhulume phezu kokhakhayi nasezindle­beni zomfana wakho.

Elinye iqiniso lithi izwi likababa lilodwa, lilingana namazwi kamama awu-500. Ubaba ukhuluma kanye uzwe ka-100 kodwa umama ukhuluma ka-100, uzwe kanye.

Sengipheth­a, yini ingane? Ingane nguwena unikezwe ithuba lokuphila kabusha. Kawukho umndeni ohluphekay­o uma ungafundis­a ingane upatanise uyithande, iyokhula ikuhlalise emzini kanokusho ngelinye ilanga.

UNkulunkul­u akabusisi wena ngqo kodwa ubusisa ingane yakho ngawe. Makube yileyo naleyo ndoda ingabushiy­i ubudoda bayo, lifudumale ikhaya uma kukhona indoda nengane yomfana. Sisazokhul­uma silungise iphutha lokuthi indoda kayikhali.

*Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10 eJewish Hall, eNorth Beach maqondana nePavillio­n Hotel ngo11h00. Ungaxhuman­a naye kwethi: 078 419 1024; Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

ILANGA,

*UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto.

 ?? ISITHOMBE NGABE: THESUN.UK: ?? UMDLALI weReal Madrid yaseSpain, odabuka ePortugal, uCristiano Ronaldo dos Santos Aveiro isikhathi esiningi usichitha nendodana yakhe, uCristiano Ronaldo Jr uma engadlali ibhola.
ISITHOMBE NGABE: THESUN.UK: UMDLALI weReal Madrid yaseSpain, odabuka ePortugal, uCristiano Ronaldo dos Santos Aveiro isikhathi esiningi usichitha nendodana yakhe, uCristiano Ronaldo Jr uma engadlali ibhola.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa