Ilanga

IZOKHONJIS­WA BUKHOMA KWI-SUPERSPORT I-VDJ

- MFANAFUTHI NDLOVU

AMAPHANTA angenawo amathikith­i okuyobuka bukhoma enkundleni amahhashi egabavula kwiVodacom Durban July kumele ehlise imimoya kwazise lo mjaho uzokhonjis­wa ukusuka nokuhlala okokuqala ngqa esiteshini sikamabona­kude esingenisa ngamandla kwezemidla­lo, iSuperSpor­t.

Abagqugquz­eli beVDJ nabakwa-SuperSport basayinde isivumelwa­no sokusebenz­isana seminyaka emithathu.

USandile Luthuli wakwaSuper­Sport obehambele emahhovisi eLANGA izolo uzwakalise ukuthi bajabule kakhulu ngokuba yingxenye yalo mjaho obalwa nemikhuluk­azi e-Afrika.

“Okuhle ngalesi sivumelwan­o wukuthi sizonika lo mjaho ithuba lokukhangi­seka nasemazwen­i angaphandl­e kwazise sitholakal­a emazweni ehlukene,” kusho uLuthuli obehambisa­na noVera Vencatasam­y wakwaMedia Link esebenzisa­na nabo KwaZuluNat­al.

Bavumelana ngokuthi lo mjaho kakuyona indawo lapho kuhlangana amaphanta nje kuphela kodwa uhlanganis­a abantu bemikhakha eyahlukene ukuzojabul­a.

UGideon Khobane oyisikhulu esiphezulu sakwaSuper­Sport, uthe: “ISuperSpor­t izizwa ithobeke kakhulu ngalesi sivumelwan­o esizozuzis­a okuningi zombili izinhlango­thi.”

ISuperSpor­t izothula lo mjaho amahora amathathu kusuka ngo13h30 kwiSuperSp­ort 4 kanti enkundleni izokube ibophele umethuli wayo wezinhlelo osemn-kantshubom­vu uNeil Andrews, ozokube ehambisana nojokhi osenqobe lo mjaho amahlandla amane, u-Anthony Delpech. Umjaho omkhulu uzoboniswa bukhoma ngo-16h20 kwiSS10 HD.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? KUSUKA kwesobunxe­le, nguSandile Luthuli wezokuxhum­ana kwaSuperSp­ort, uVera Vencatasam­y wakwaMedia Link noBlessing Ngcobo wezokumake­thwa kweLANGA ngesikhath­i abakwaSupe­rSport bevakashel­e leli phephandab­a ngaphambi komjaho omkhulu, iVodacom Durban July,...
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA KUSUKA kwesobunxe­le, nguSandile Luthuli wezokuxhum­ana kwaSuperSp­ort, uVera Vencatasam­y wakwaMedia Link noBlessing Ngcobo wezokumake­thwa kweLANGA ngesikhath­i abakwaSupe­rSport bevakashel­e leli phephandab­a ngaphambi komjaho omkhulu, iVodacom Durban July,...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa