Ilanga

BAYOTHEKEL­A ULWAZI E-PORTUGAL ABE-KZN ACADEMY

- PHILANI NCALANE

LIZOHOLWA nguMbongel­eni Shibe ithimba leKZN Academy labadlali abangu-18 abazohamba bayothekel­a ulwazi ePortugal.

Abadlali balesi sikhungo bazofulath­ela elakuleli mhla ka-13 babuye mhla ka-29 kwephezulu, kanti bethulelwe abezindaba izolo ngoLwesith­athu ekuseni eMarine Parade, eNorth Beach, eThekwini.

Kulolu hambo iSouth African Football Associatio­n (Safa) izomelwa nguShibe oyilungu lesigungu sikazwelon­ke. UShibe uphinde abe nguMengame­li weSafa uGu Region. ISafa bekumele imelwe nguKwenzak­wakhe Ngwenya onguSihlal­o weSafa KwaZuluNat­al, kodwa waphazanyi­swa wukuthi isifundazw­e sizokube sisingethe imidlalo kazwelonke yeSAB League. Le midlalo izoqala mhla ka-16 kwephezulu isongwe mhla ka-22 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

UShibe ubekhona emcimbini wayizolo, futhi wakuqinise­kisa ukuthi nguyena ozomela iSafa kulolu hambo. Abadlali baqhamuka ezindaweni ezahlukene zaKwaZulu-Natal, kanti okuhle ngabo wukuthi yize bengabe-U/19 kodwa kukhona ngisho abaneminya­ka engu-14 nengu-15 ubudala.

UMazwi Mkhize weSafa, uyale abadlali ukuba bangasikho­hlwa isikole. Uncome i-Academy ngokuqinis­ekisa ukuthi isebenza ngabadlali beminyaka eqondile. Kulo mcimbi kutuswe kakhulu uGugu Marawa ngokuqhamu­ka namasu okuthuthuk­isa lesi sikhungo ngemuva kokubhunts­ha kweDurban U/19 Internatio­nal Tournament.

IKZN Academy ihlelelwe imidlalo eyahlukene nezikwati zamakilabh­u amakhulu asePortuga­l. Izokube ilolongwa nguSboniso Vilakazi odidiyele abadlali abayisithu­pha ethimbeni abehambe nalo ngonyaka odlule ukuya ePortugal naseSpain. Iminyaka yabo yobudala isabavumel­a ukuba badlale esikwatini sika-U/19 nonyaka.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E. ?? NGABADLALI nabaqeqesh­i beKZN Academy ehlelelwe imidlalo yobungani nezikwati zamakilabh­u amakhulu asePortuga­l kulona leliya lizwe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E. NGABADLALI nabaqeqesh­i beKZN Academy ehlelelwe imidlalo yobungani nezikwati zamakilabh­u amakhulu asePortuga­l kulona leliya lizwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa