Ilanga

Uphenduke isangoma esingayidl­i imbumba

Kusahamba ngamagama kaNeymar kwiNdebe yoMhlaba

-

UNEYMAR oyisilomo seBrazil uphenduke isangoma esingayidl­i imbumba njengoba elibeke ngembaba elokuthi ngeke bagqame uLionel Messi wase-Argentina noCristian­o Ronaldo wasePortug­al kwiNdebe yoMhlaba eqhubeka eRussia.

Amehlo omhlaba asethe njo kuNeymar kwiNdebe yoMhlaba ngemuva kokuphuma kwe-Argentina nePortugal esigabeni sika- last 16 ngokwahluk­ana.

IBrazil izodudulan­a neBelgium emdlalweni we- quarter final ozokuba kusasa ngoLwesihl­anu ngo20h00.

Lo mdlalo yiwona obhekwe kakhulu kulesi sigaba njengoba la mazwe edlala ibhola elisezinge­ni eliphezulu. Abahlaziyi abaningi beNdebe yoMhlaba, bavumelana ngokuthi ozonqoba kulo mdlalo, uzokudla ubhedu kulo mqhudelwan­o.

Ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba, uNeymar ushilo ukuthi akukho simanga esizokwe- nziwa nguMessi noRonaldo. Nokho-ke walile ukusho izizathu zokweseka umbono wakhe.

Uthe abadlali abazogqama ubona kuzokuba nguPhilipp­e Coutinho, uGabriel Jesus abangomkha­ya bakhe, uKevin De Bruyne no-Eden Hazard baseBelgiu­m noLuis Suarez wase-Uruguay.

Okuqaphele­kayo wukuthi bonke abadlali abaqagulwe nguNeymar, amazwe abo asekhona kwiNdebe yoMhlaba. Uthe uMohamed Salah wase-Egypt naye akukho okutheni azokwenza ngoba uzalwa ezweni elingaphil­i ngebhola.

USalah ube neshwa njengoba elimale kowamanqam­u we-Uefa Champions League ikilabhu yakhe iLiverpool ihlulwa yiReal Madrid ngo-3-1 emasontwen­i ambalwa edlule. Lokhu kuphoqe ukuba angawudlal­i umdlalo wokuqala we-Egypt kwiNdebe yoMhlaba abahlulwe kuwona yi-Uruguay ngo-1-0.

IBrazil inenebule iMexico ngo2-0 ukuzibekis­ela indawo kuma- quarter- final.

IBelgium ithele muva njengembum­ba ihlula iJapan ngo-3-2 esigabeni sika-last 16. IJapan izenzele phansi ihuqa ubuthongo emuva ekubeni ibihamba phambili ngo-20 esiwombeni sesibili.

Ukuvuza kweBelgium emuva, kubukeka kuzoyiqhat­ha neBrazil esikhombis­e kaningi ukuthi kayiyishal­azeli inethi.

Ngaphezu kwalokhu, akubukeki iBelgium izothola inqwaba yamathuba okuvalela amagoli azokweleti­sa iBrazil njengoba iwukhonkol­o emuva.

Isiyonke imidlalo yesigaba samaQuarte­r Final yeNdebe yoMhlaba imi kanjena: KUSASA NGOLWESIHL­ANU Uruguay vs France 16h00 (SS3/ SABC1).

Brazil vs Belgium 20h00 (SS3/ SABC 1). NGOMGQIBEL­O Sweden vs England 16h00 (SS3/ SABC1).

Croatia vs Russia 20h00 (SS3/ SABC1).

 ?? IZITHOMBE NGABE: ZIMBIO ?? ISIHLABANI seBrazil uNeymar sijabula nozakwabo ngemuva kokushaya igoli bebhekene neMexico kowe-last 16 abawunqobe ngo-2-0 eRussia.
IZITHOMBE NGABE: ZIMBIO ISIHLABANI seBrazil uNeymar sijabula nozakwabo ngemuva kokushaya igoli bebhekene neMexico kowe-last 16 abawunqobe ngo-2-0 eRussia.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa