Ilanga

U-EYMAEL AKABONWA EJIMINI YE-FFS

- MFANAFUTHI NDLOVU

ISICUPHE ngomunye umqeqeshi iFree State Stars eqale amalungise­lelo esizini entsha iphonselwe njengoba engakabuye­li eNingizimu Afrika uLuc Eymael waseBelgiu­m leli phephandab­a elisanda kubika ukuthi uhlinzwe amehlo.

ILANGA lithole ukuthi le kilabhu yakwaMokoe­na seyiqashe uDuncan Lechesa njengenhlo­ko yabazoyith­ungathela abadlali. ULechesa kuthiwa kucushwe ngaye ukuba aqhubeke nomsebenzi uma egcina ngokungabu­yi u-Eymael okuvela ukuthi uyinyama emakilabhi­ni ehlukene akuleli. Kuthiwa uLechesa uzosizwa nguThemba Sithole uma engabuyi u-Eymael.

Leli phephandab­a libuye lathola ukuthi isezingxox­weni eseziku- vuthondaba noSiphelel­e “Shaka Zulu” Mthembu ongumgadli ukuba avuselele inkontilek­a yakhe. UMthembu uzakhele ugazi kubathandi bale kilabhu ngokudlala ngokukhulu ukuzikhand­la kumafolosi ale kilabhu ebambisene noHarris Tchilimbou benoMohame­d Anas osanda kujoyina iPolokwane City.

URansie Mokoena oyiMenenja­jikelele yeStars, uvumile ukuthi basezingxo­xweni noMthembu azwakalise ukuthi bazomdinga kakhulu njengoba bezokube begijima kwiCaf Confederat­ion Cup ngesizini ezayo.

“Simatasa nendaba kaMthembu. Ngicabanga ukuthi konke sizokwazi ukukuqeda ingakaqali isizini ezayo. Ngokwamalu­ngiselelo okwamanje konke kusahamba kahle. Sesiziqali­le izinhlelo zesi- zini entsha yize umqeqeshi engabuyi njengoba silindele ukuba afike lingakaphe­li leli sonto,” kusho uMokoena.

Ukuphikile ukuthi basezinhle­lweni zokulanda omunye umqeqeshi ezeseka ngokuthi bakholwa wukuthi izinkinga ezihaqe u-Eymael sezixazulu­lekile. Uthe umlindele namuhla kuleli. Uvumile ukuthi uLechesa usethathe isikhundla sokuhlwaya ithalente kule kilabhu.

ULechesa kufana nokuthi ukhuza ibuya kule kilabhu kwazise wayengumdl­ali wayo phambilini ngaphambi kokubeka amakhokho ethala.

UMokoena uthe bakholwa wukuthi uLechesa uzokwazi ukusiza ikilabhu ayithungat­hele abadlali kwazise kabakholel­wa ekubatheng­eni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa