UMTHEMBU NODUMA SEBEWAQALILE AMALUNGISELELO E-IAU
ISIWAQALILE amalungiselelo e-International Association of Ultrarunners (IAU) 100km ingqwele yabesilisa yeComrades Marathon, uBongumusa Mthembu. Lo mjaho uzokuba mhla ka-8 kuMandulo (September) eCroatia.
I-Athletics South Africa (ASA) isanda kumemezela iqembu labasubathi abangu-11 abazokuba yingxenye yalo mqhudelwano. Abasubathi abaqokiwe ngaba- ngene nabokuqala abalishumi kwiComrades kanti u-Ann Ashworth onqobe kwabesifazane, uthe akayi kule midlalo ezeseka ngokuthi i-ASA kayibanakile abasubathi beRoad Running kuleli. Omunye umsubathi othe ngeke alibambe iqhaza kule midlalo nguZane Letesedi. Omunye ohoxile nguTanith Maxwell okhale ngokuxinwa ngeminye imijaho.
Umqeqeshi kaMthembu, uXolani Mabhida, utshele ILANGA izolo ukuthi sebewaqalile amalungise- lelo okuya eCroatia.
“Siyaxoxisana ne-ASA ukulungiselela le midlalo ye-IAU. Ngesikhathi uMthembu engena unombolo 5 kwiTwo Oceans Marathon ngithole ucingo luphuma kuMengameli we-ASA, u-Aleck Skhosana, esazisa ngemidlalo yaseCroatia, kanti konke ebesikwenza besihlanganisa nohlelo lwayo.
“Ngokwami abasubathi uma kukhona abafuna ukukusho kuhle ukuba baqale ezifundeni zabo bese kuba yizo ezidlulela kwi-ASA kunokubhala ezinkundleni zokuxhumana. Thina uma kunenkinga siqala kwiKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) bese kuba yiyo edlulisa ukungeneliseki kwethu kwi-ASA. Mina njengomqeqeshi ngijabule kakhulu njengoba nginabasubathi ababili abaseqenjini lesizwe okunguMthembu noNkosinathi Duma.
“Kuyiphupho lawo wonke umsubathi ukugqoka imibala yezwe lakhe kanti lokho kukhu- phula nezinga lomqeqeshi. Siyikilabhu (i-Arthur Ford) kunemijaho ebesizimisele ngokuyigijima ngemuva kweComrades kodwa sixoxisanile ne-ASA ngayo savumelana,” kusho uMabhida.
Uthi okufanele babhekane nakho kakhulu wukukwazi ukumelana nobunzima baseCroatia njengoba umjaho wakhona uzokube uyimijikelezo engu-14 okuyinto enzima. UMthembu ubuye nesiliva kule midlalo ngo2016.