I-SHARKS ISIYIFANISA NEYAMANQAMU EYE-SUPER RUGBY
I-CELL C Sharks iyifanisa neyamanqamu yonke imidlalo yayo yeVodacom Super Rugby esisele kulo mqhudelwano ezimisele ngokuwunqoba.
ISharks izobhekana neDHL Stormers emdlalweni walo mqhudelwano ozokuba ngoMgqibelo ngo-17h15 eDHL Newlands Stadium, eCape Town.
U-Akker van der Merwe oyihooker yeSharks, uthe bazibophezele ekuyinqobeni yonke imidlalo ebasalele kulo mqhudelwano ukuqinisekisa ukuthi bagcina beyiqukulile le nkomishi. Uthi kusuka ngeledlule lapho behlule khona i-Emirates Lions eKings Park, sebelwela ukunqoba nje qha. Lo mdlali usefomini enhle kulezi zinsuku njengoba sekuyinsakavukela ukuba aqokwe njengomdlali ovelele.
“Ngiyafisa ukwazi ukuthi ngubani okhokhela abakwaSuperSport njengoba behlala bengiqoka njengomdlali ovelele, kangikhonondi ngalokhu, ngiyajabula ngokwenzeka empilweni yami njengamanje,” kusho lo mdlali ojoyine iSharks esuka kwiLions. Uqhube ngokuthi ukwehlula iLions kube yinto ekhetheke kakhulu kuyena siqu.
Nokho uthi usedlulile enjabulweni yokuguqisa iLions. Uthi sebebheke ukunqoba yonke imidlalo ebasalele kulo mqhudelwano kubalwa nowamanqamu ohlelelwe impelasonto yokuqala kaNcwaba (August).
“Ukunqoba yonke imidlalo esele yeSuper Rugby kubalwa nowamanqamu kungaba yinto enhle kakhulu,” kuphetha uVan der Merwe.
Isiyonke imidlalo yeSuper Rugby engempelasonto imi kanjena:- KUSASA NGOLWESIHLANU E-AMI Stadium: Crusaders vs Highlanders 09h35.
ESuncorp Stadium: Reds vs Rebels 11h45. NGOMGQIBELO E-FMG Stadium: Waikato Chiefs vs Brumbies 07h15.
EWestpac Stadium: Hurricanes vs Blues 09h35.
E-Allianz Stadium: Waratahs vs Sunwolves 11h45.
ELoftus Versfeld: Bulls vs Jaguares 15h05.
E-DHL Newlands: Stormers vs Sharks 17h15.
Le midlalo izoboniswa bukhoma kwiSS 1.